BAPHAWULA NGABASHAYWE EBUHLENI
BAPHAWULILE abafundi bethu ngodaba lokushaywa komculi kamaskandi, uMgqilazi ( osesithombeni), ngoMgqibelo emcimbini obuseKing Zwelithini Stadium ngoba esolwa ngokuthi wathi izinsizwa kazikho eShowe, futhi wagadla nakuzakwabo, uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi, odabuka kuyona le ndawo:
BAPHAWULILE kwiLANGA
ngodaba lokushaywa kwabantu emzini wamaNazaretha eBuhleni ngoMgqibelo njengoba iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein ichithe umholi wamaNazaretha, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe kwesokuba ngumholi waseBuhleni. Kulesi sigameko amalungu aleli bandla ahlasele nentatheli yeLANGA:
* Samkelisiwe-NomaLenge Makhuboni Ibhelekazi Susan: Into engiyithandayo kulwa oSithole, oSikhosana noSibiya uMduresh uhlezi kubhazabhaza wendlu yakhe udla ubhekeni, kulwa laba abangena izindaba zemizi yabantu.
* Sandisiwe Gumede: Isonto lakhiwa yithi ngamandla ethu, inkantolo kayikwazi ukufaka umuntu esingamfuni esontweni elakhiwe yithi.
* Mfiseleni Mvelase: Ngilunge ngiyiZayoni nje nezigubhu zenguqunguqu kwarondo lapho sikhonza khona, hhhayi le nkinga. Ngidumele ngaleli bandla ngendlela ebelinesithunzi ngayo kubaholi abadala.
* Sonto Gumede: Kanti ngubani okumele awine leli cala? Hheyi kunzima, ngelinye isonto leli, kodwa vele wonke amasonto ayazisanganela manje.
* Nqubeko Mangcaba: Bakwethu, amaSulumane alwa mihla namalanga, uma uphikisana nenkolo yawo, ayakubulala. I-al Shabaab uma uyijoyina uyavuma ukuthi ungazibulala ngenkolo yabo, kasikaze sikuzwe lokho la emaphepheni.
* Mthobisi Ndabezitha Zulu: Imali wumbulalazwe! Ake nginibekele kafushane ngembangela yokulwa eZCC nakwaShembe. I-ZCC inamalungu ebandla alinganiselwa ngaphezudlwana kuka-10 million, kanti kwaShembe balinganiselwa ngaphezudlwana kuka6 million, ngakho-ke uma umuntu ngamunye enikela ngo-R1 njalo ngeSabatha kwaShembe, balala no-R6 million. Banikela ngokungaphezulu kakhulu kunalokhu, okungenzeka balala no-R20 million ngeSabatha kungekho mali yentela ethathiwe.
Impi ibangwa yimali, akukho okunye. Kasikazibali izincwadi zamaculo nokunye okuningi abakuthengisayo ebandleni. Ubuzalwane kwaShembe bahamba noMqaliwendlela, laba abanye nje sekuwumbango nobukhosi, igazi lisazochitheka kufe abantu ngoba thina maZulu kusegazini ukulimazana sodwa sibulalane. Le yona, ukuba la makhehla asonta khona ahluzekile ngabe kawazingeni izindaba zemizi yabantu.
* Ndabenhle Ngcobo: Kulwa izicashalala zodwa, umndeni udla ogalo noshizi, kawushayani uxoxa ngepeni nephepha.
* Nelly Mkhize: Kuseyikho ukukholwa lokhu? Hhayi impela izinsuku zokugcina ziyasondela.
* Thobile Zuma: Lwalufakelwani enkantolo udaba lwabo uma bengasasihloniphi isinqumo senkantolo? Ayagcwaneka nje la malungu aleli bandla, kangisalithembi nje kalizihloniphi neze.
* MaNjomane OkaMakhuzwayo: Ukhona yini umuntu ongakhishwa emzini wakubo?
* Sthembiso Myeni: Umuntu la eNingizimu Afrika uvula isonto lakhe ngokuthanda, ngakho-ke mabahlukane namaNazaretha, owinile enkantolo makenze elakhe ibandla. Lokhu kwenza ngibone ukuthi noJesu wafa kwakunje. Nazi iZayoni zinamabandla amaningi ahlukene, pho kungani laba befuna ukuyomosha ibandla loNyazi, mamavuse elabo, bazolandelwa.
* Mbulisi Thwala: Hawu uNkulunkulu bamxoshile, yinkinga le!
* Thandoh Pearl Mkhize: Sibhekene nenkulu inkinga la eNingizimu Afrika. Laba abathandaza ngempela, abamhloniphayo uNkulunkulu mabathandazele izwe lethu, kubi!