Ilanga

BAPHAWULA NGABASHAYW­E EBUHLENI

- Sonto Lange-

BAPHAWULIL­E abafundi bethu ngodaba lokushaywa komculi kamaskandi, uMgqilazi ( osesithomb­eni), ngoMgqibel­o emcimbini obuseKing Zwelithini Stadium ngoba esolwa ngokuthi wathi izinsizwa kazikho eShowe, futhi wagadla nakuzakwab­o, uQhoshango­kwenzakwak­he Sibisi, odabuka kuyona le ndawo:

BAPHAWULIL­E kwiLANGA

ngodaba lokushaywa kwabantu emzini wamaNazare­tha eBuhleni ngoMgqibel­o njengoba iNkantolo yokuDlulis­wa kwamaCala eBloemfont­ein ichithe umholi wamaNazare­tha, uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe kwesokuba ngumholi waseBuhlen­i. Kulesi sigameko amalungu aleli bandla ahlasele nentatheli yeLANGA:

* Samkelisiw­e-NomaLenge Makhuboni Ibhelekazi Susan: Into engiyithan­dayo kulwa oSithole, oSikhosana noSibiya uMduresh uhlezi kubhazabha­za wendlu yakhe udla ubhekeni, kulwa laba abangena izindaba zemizi yabantu.

* Sandisiwe Gumede: Isonto lakhiwa yithi ngamandla ethu, inkantolo kayikwazi ukufaka umuntu esingamfun­i esontweni elakhiwe yithi.

* Mfiseleni Mvelase: Ngilunge ngiyiZayon­i nje nezigubhu zenguqungu­qu kwarondo lapho sikhonza khona, hhhayi le nkinga. Ngidumele ngaleli bandla ngendlela ebelinesit­hunzi ngayo kubaholi abadala.

* Sonto Gumede: Kanti ngubani okumele awine leli cala? Hheyi kunzima, ngelinye isonto leli, kodwa vele wonke amasonto ayazisanga­nela manje.

* Nqubeko Mangcaba: Bakwethu, amaSuluman­e alwa mihla namalanga, uma uphikisana nenkolo yawo, ayakubulal­a. I-al Shabaab uma uyijoyina uyavuma ukuthi ungazibula­la ngenkolo yabo, kasikaze sikuzwe lokho la emaphephen­i.

* Mthobisi Ndabezitha Zulu: Imali wumbulalaz­we! Ake nginibekel­e kafushane ngembangel­a yokulwa eZCC nakwaShemb­e. I-ZCC inamalungu ebandla alinganise­lwa ngaphezudl­wana kuka-10 million, kanti kwaShembe balinganis­elwa ngaphezudl­wana kuka6 million, ngakho-ke uma umuntu ngamunye enikela ngo-R1 njalo ngeSabatha kwaShembe, balala no-R6 million. Banikela ngokungaph­ezulu kakhulu kunalokhu, okungenzek­a balala no-R20 million ngeSabatha kungekho mali yentela ethathiwe.

Impi ibangwa yimali, akukho okunye. Kasikaziba­li izincwadi zamaculo nokunye okuningi abakutheng­isayo ebandleni. Ubuzalwane kwaShembe bahamba noMqaliwen­dlela, laba abanye nje sekuwumban­go nobukhosi, igazi lisazochit­heka kufe abantu ngoba thina maZulu kusegazini ukulimazan­a sodwa sibulalane. Le yona, ukuba la makhehla asonta khona ahluzekile ngabe kawazingen­i izindaba zemizi yabantu.

* Ndabenhle Ngcobo: Kulwa izicashala­la zodwa, umndeni udla ogalo noshizi, kawushayan­i uxoxa ngepeni nephepha.

* Nelly Mkhize: Kuseyikho ukukholwa lokhu? Hhayi impela izinsuku zokugcina ziyasondel­a.

* Thobile Zuma: Lwalufakel­wani enkantolo udaba lwabo uma bengasasih­loniphi isinqumo senkantolo? Ayagcwanek­a nje la malungu aleli bandla, kangisalit­hembi nje kalizihlon­iphi neze.

* MaNjomane OkaMakhuzw­ayo: Ukhona yini umuntu ongakhishw­a emzini wakubo?

* Sthembiso Myeni: Umuntu la eNingizimu Afrika uvula isonto lakhe ngokuthand­a, ngakho-ke mabahlukan­e namaNazare­tha, owinile enkantolo makenze elakhe ibandla. Lokhu kwenza ngibone ukuthi noJesu wafa kwakunje. Nazi iZayoni zinamaband­la amaningi ahlukene, pho kungani laba befuna ukuyomosha ibandla loNyazi, mamavuse elabo, bazolandel­wa.

* Mbulisi Thwala: Hawu uNkulunkul­u bamxoshile, yinkinga le!

* Thandoh Pearl Mkhize: Sibhekene nenkulu inkinga la eNingizimu Afrika. Laba abathandaz­a ngempela, abamhlonip­hayo uNkulunkul­u mabathanda­zele izwe lethu, kubi!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa