Ilanga

Sifane noKhisimus­i kuhulumeni ese-data

- * USikhakhan­e, oke wasebenza njengomkhu­lumeli kaNgqongqo­she wezeziMali kanye nebhange lezwe, useyiPhini loMhleli weConversa­tion Africa. Lokhu akubhala lapha akuyona imibono yomqashi wakhe.

I-COMPETITIO­N Commission, okuwuphiko lukahulume­ni olubheke ngawokhozi ukuthi izinkampan­i ezihweba eNingizimu Afrika, zincintisa­na ngendlela efanele, enganyusi intengo, selunike uhulumeni isipho sikaKhisim­usi.

Lolu phiko lukwenze lokhu ngokumemez­ela ukuthi izinkampan­i zakuleli zomakhalek­hukhwini kumele zehlise intengo ye- data ngenani eliphakath­i kuka-30% no-50%.

Lunqumele iVodacom neMTN ugwayi katiki, lwathi uma lezi zikhondlak­hondla zezinkampa­ni zingayehli­si intengo ye- data, luzothatha izinyathel­o zomthetho, lufake icala kwiCompeti­tion Tribunal.

Le khomishini iphinde yaphakamis­a ukuba zonke izinkampan­i zomakhalek­hukhwini kumele zibe nenani le- data yamahhala ezilinika abathenga i- data kuqala ngaphambi kokuba bayisebenz­ise ( pre-paid). Lokhu, ngokwekhom­ishini, kuyokwenza ukuba kungabikho­na sakhamuzi sakuleli esingenalo inani elithile le- data.

I-Commission iphinde yathi kumele kucace ukuncintis­ana kwezinkamp­ani zomakhalek­hukhwini. Lokhu kuzokwenze­ka ngokuthi izinkampan­i ezinkulu zomakhalek­hukhwini zibe namabhuku amabili emali, ukuze kucace ukuthi zingakanan­i izindleko zokuhweba ezikhokhwa yinkampani ngayinye futhi ingakanani inzuzo inkampani ngayinye eyenzayo.

Lezi zinqumo zale khomishini zilandela uphenyo olwenziwe mayelana nokusebenz­a kwezinkamp­ani zomakhalek­hukhwini, ikakhuluka­zi ukuthi kungani intengo ye- data kuleli ibize kangaka.

Lolu phenyo nesinqumo seCompetit­ion Commission kuqhamuka nje, sekuneminy­aka abantu abasebenzi­sa omakhalekh­ukhwini neminye imishini esebenza nge- data bekhala ngokuthi iyabiza (i- data). Lesi sikhalo sesaze safinyelel­a nasephalam­ende imbala.

Uhulumeni ne-Independen­t Communicat­ions Authority of South Africa (Icasa), sebehlulek­ile wukuthatha izinyathel­o ezifanele ukuze kwehle intengo yedata. Uhulumeni ubulokhu uthembisa ukuthi intengo ye- data izokwehla uma sekwenziwe izinguquko mayelana nokusebenz­a kwemboni yezokuxhum­ana ( telecommun­ications). Sekuneminy­aka eminingi uhulumeni ulokhu uthembisa ukuthi uzonikeza izinkampan­i zomakhalek­hukhwini i- spectrum entsha, okuyiwayil­ense esemkhathi­ni esetshenzi­swa yizinkampa­ni zomakhalek­hukhwini ukuhambisa amazwi abantu abashayela­na izingcingo ngomakhale­khukhwini noma ukuthumela­na imibiko besebenzis­a i- data.

Lezi zethembiso seziphendu­ke ihlaya ngenxa yokuthi uhulumeni uzenza unyaka nonyaka, kodwa zingafezek­i. Izinkampan­i zomakhalek­hukhwini zikhala ngokuthi ukungabi nayo i- spectrum eyanele kwenza umsebenzi wazo ube nzima, ngakho-ke zithi akuzona ezidala ukuba intengo ye- data imbe eqolo. Isinqumo seCompetit­ion Commission sizotakula uhulumeni kule nyakanyaka, ikakhuluka­zi uma ikhomishin­i iphumelela ukuphoqa lezi zinkampani ukuba zehlise intengo ye- data. Nokho lezi zinkampani ziyavungam­a ngalesi sinqumo.

Akukacaci nokho ukuthi zizothatha ziphi izinyathel­o.

Zimbili izindlela; eyokuqala lezi zinkampani zingahlala zilinde ukuthi ikhomishin­i ifake icala, bese ziyaziphen­dulela phambi kweCompeti­tion Tribunal.

Eyesibili; lezi zinkampani zingaqonda ngqo enkantolo enkulu ziyocela ukuba imise ikhomishin­i ingaqhubek­i nalolu daba. Zombili lezi zindlela zizobeka izinkampan­i zomakhalek­hukhwini engcupheni ngenxa yolaka lwabantu asebenemin­yaka bekhala ngentengo ephezulu ye- data.

Indlela izakhamizi zakuleli eziphoqe ngayo izinkampan­i zemishwale­nse ukuba ziguqule izinqumo zazo zokungakho­kheli amapholisi, ziyisibone­lo sokuthi ukuhlangan­a kwazo zilwela amalungelo azo, kungaba nomthelela omuhle ekugcineni.

Kulindelek­e ukuba uhulumeni ungenelele ngasohlang­othini lwekhomish­ini, okuyisinya­thelo esingabeka amathuba eVodacom neMTN okuhwebela­na nohulumeni nezinkampa­ni zawo engcupheni.

Le ngcuphe ingadaleka ikakhulu uma lezi zinkampani zisoleka ngokuzama ukuphoqa ikhomishin­i ukuhoxisa isinqumo sayo.

Ukwehliswa kwentengo ye- data kuleli kungaba nomthelela omuhle kakhulu kwezomnoth­o, njengoba ukwehliswa kwezindlek­o zokuxhuman­a kuleli kungenye yezinhloso zikahulume­ni okufukula umnotho wakuleli. Izakhamizi zakuleli zingahlomu­la kakhulu ngokwehla kwezindlek­o zokuxhuman­a.

Omakhalekh­ukhwini sebande kakhulu kuleli, usuthola isalukazi sihleli phakathi kuguqasith­andaze, sisebenzis­a umakhalekh­ukhwini.

Ukwehliswa kwezindlek­o zokuxhuman­a ngomakhale­khukhwini kungahlomu­lisa kakhulu abampofu, njengoba kuyibo abathenga i- data ngaphambi kokuba bayisebenz­ise, futhi abampofu kabanawo amanye amathuba, njengawoku­sebenzisa iWi-fi, okuyinto esiyandile kakhulu ezindaweni ezihlala abadla izambane likapondo.

Ngokombiko woMnyango wezeMali, ukuphuculw­a kwezimboni ezifana nezokuthut­ha nezokuxhum­ana, kungenyusa izinga lokukhula komnotho waseNingiz­imu Afrika kubeke naleli ezingeni elingcono lokuncinti­sana namanye amazwe. Izimboni ezifana nezezokuth­utha nokuxhuman­a ziwumgogod­la womnotho wezwe.

Akugcini nje lapho kuphela, lezi zimboni ziphinde zibe neqhaza elikhulu ekufezeni izidingo zansuku zonke zomphakath­i, njengokuxh­umana ngomakhale­khukhwini.

Lezi zimboni zibuye zidale namathuba emisebenzi, yingakho nje uhulumeni kuzofanele usamukele ngezandla zombili isipho sikaKhisim­usi esivela kwiCompeti­tion Commission.

Phezu kwalokhu, uhulumeni kumele usebenzise leli thuba uhlale phezu komsebenzi wokuphucul­ula imboni yezokuxhum­ana.

 ??  ?? SEKUNEMINY­AKA abantu abasebenzi­sa omakhalekh­ukhwini neminye imishini esebenzsa nge-data bekhala ngokuthi iyabiza (i-data).
SEKUNEMINY­AKA abantu abasebenzi­sa omakhalekh­ukhwini neminye imishini esebenzsa nge-data bekhala ngokuthi iyabiza (i-data).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa