ABASHAYELI BAMATEKISI BANGAKWENZA UQABULE UMUNTU UNGAHLOSILE
SIGUDLA NOGALAKAJANA:
NGIZITHOLE sengiqatshulwa yisimomondiya etekisini ngingasishelanga nokusishela! Simane sangithi manqa ngokhisi nje, sawubeka wagcwala ezindebeni zami, sangishiya ngimoyizela okwesinkwa sibona ibhotela.
Ngiyibone isimamatheka nayo le ntokazi, ishaywa ngamahloni, yaxolisa yangaqeda, isusa isandla sayo empahleni yobabamkhulu. Ngiyitshele ukuthi cha, njengoba sesiqale ngokugcinwa ngakho, seyingamane inginike izinombolo zikamakhalekhikhini, mhlawumbe ngingalamanisa umama wasekhaya.
Ukungiqabula kwayo bekungeyona inhloso. Ithe uma ingena, ivala umnyango, umshayeli wayeseyisusile njalo itekisi. Weliyani phezu kwami ingane yabantu, kwahlangana izindebe, kanti isandla sona besizifunela indawo yokubambelela, sase siwela ezikhalini zamaNtungwa. Simane sayihleka nje leyo sobabili, sase sizincokolela nje ngale ndaba yabashayeli abangalindi ukuba umgibeli aze ahlale phansi ngaphambi kokuba bayishaye izule. Uma nje uvala izicabha, kabasabuzi nokubuza, bamane banyathele amafutha.
Uma unganakile ungathola ubuso bakho sebungene bathi shiqe ezinqeni zomuntu, ewele kuwe ngazo. Uma kungumuntu owondlekile, kungaze kubizwe laba bantu be-Emergency Services bezokhipha ubuso bakho ezinqeni ngalezi zinsimbi okuthiwa phecelezi, “jaws of life”.
Le tekisi ebesikuyo beyixega ngisho isicabha somshayeli, esibambe ngendololwane, esithe shwaphe lapha ngaphansi kwekhwapha. Ububona nje ukuthi uma engathi uthatha ikhona ngesivinini, uyophuma naso ayowela lena, avuke ayilandele ephethe igiya, ezinwaya ngalo emhlane.
Nalapha phansi beyinezimbobo, thina njengabagibeli sesibala imigodi namachibi emgwaqweni njengoba belina izulu. Noma ihamba bekungathi iyazinikina, kube futhi sengathi ivukwe yisifo sokuwa khona lapho. Ngigcine sengizisola ukuthi bengenzani.
Phela imoto yami ngiyishiye ekhaya ngoba nakhu ngazi ukuthi kuyophuzwa lapho bengiya khona, kanti amaphoyisa omgwaqo anolaka ngalesi sikhathi sikaKhisimusi.
Ngicabangile ukuthatha la matekisi asesilungwini, kodwa ngabona nje ukuthi imali yami izophelela kuwo, phela amba eqolo. Bakukhokhisa u-R500 nje kungabi ndaba zalutho, ikakhulukazi uma ibanga lilide. Ngiwasebenzisa kuphela uma ngiphuza eduze nekhaya, futhi nje bengifisa ukugibela noquqaba, kwazise ngagcina ngabo-1992 ukugibela amakhumbi. Njengombhali, kuyadingeka ukuba ubuye uzihlanganise nabantu nje ukuze uthole izindaba ezisematheni emiphakathini yabantu bakithi.
Sengikhathele ngabelungu bengicefezela ngeDA nangoCyril Ramaphosa. Sithe sisahambe ibangana nje, ngabonga uMvelinqangi ngalezi zimbobo ebezikule tekisi ngoba phela kulesi sihlalo sangemuva, bekunezinsizwa ezivale ngekhwapha.
Enye insizwa ebihleli eceleni kwami, ibinuka umlomo sengathi idle igundwane ekade lazifela.
Abantu abanuka amakhwapha bayathanda ukuweneka, ubathola sebeneke izingalo kule ndawo yesihlalo yokuncika, sengathi bafuna ukukugaxa emahlombe, bakwenze umngani wabo. Laba abanuka umlomo bakhulumela safuthi, kanti bayathanda nokusondela, bakhulumele ebusweni bakho. Uzwa usuphathwa yisiyezi nenhliziyo encane ngesikhathi esisodwa. Indlela yonke lena bengilalele izindaba zabantu, abanye bebezidalula khona etekisini, kanti abanye bekhuluma komakhalekhikhini, umuntu akhohlwe ukuthi uyamemeza, siyamuzwa sonke.
Kunomunye udade obephoxa isoka, obekuzwakala sengathi akusikhathi esingakanani elalile. Yize besingezwa ukuthi lithini, kodwa bekuzwakala ngezimpendulo zale ntokazi ukuthi umbhemu lona ucela kubuyelwane.
Intokazi engibambe ngezikhali zamaNtungwa, yona ibilalele umculo, izifakele lezi zipikha zasezindlebeni. Ithe uma isukuma ilungiselela ukwehla, ngavikela umuzi kababa, yangibuka yahleka.