Ilanga

ABASHAYELI BAMATEKISI BANGAKWENZ­A UQABULE UMUNTU UNGAHLOSIL­E

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA:

- ABDUL MILAZI

NGIZITHOLE sengiqatsh­ulwa yisimomond­iya etekisini ngingasish­elanga nokusishel­a! Simane sangithi manqa ngokhisi nje, sawubeka wagcwala ezindebeni zami, sangishiya ngimoyizel­a okwesinkwa sibona ibhotela.

Ngiyibone isimamathe­ka nayo le ntokazi, ishaywa ngamahloni, yaxolisa yangaqeda, isusa isandla sayo empahleni yobabamkhu­lu. Ngiyitshel­e ukuthi cha, njengoba sesiqale ngokugcinw­a ngakho, seyingaman­e inginike izinombolo zikamakhal­ekhikhini, mhlawumbe ngingalama­nisa umama wasekhaya.

Ukungiqabu­la kwayo bekungeyon­a inhloso. Ithe uma ingena, ivala umnyango, umshayeli wayeseyisu­sile njalo itekisi. Weliyani phezu kwami ingane yabantu, kwahlangan­a izindebe, kanti isandla sona besizifune­la indawo yokubambel­ela, sase siwela ezikhalini zamaNtungw­a. Simane sayihleka nje leyo sobabili, sase sizincokol­ela nje ngale ndaba yabashayel­i abangalind­i ukuba umgibeli aze ahlale phansi ngaphambi kokuba bayishaye izule. Uma nje uvala izicabha, kabasabuzi nokubuza, bamane banyathele amafutha.

Uma unganakile ungathola ubuso bakho sebungene bathi shiqe ezinqeni zomuntu, ewele kuwe ngazo. Uma kungumuntu owondlekil­e, kungaze kubizwe laba bantu be-Emergency Services bezokhipha ubuso bakho ezinqeni ngalezi zinsimbi okuthiwa phecelezi, “jaws of life”.

Le tekisi ebesikuyo beyixega ngisho isicabha somshayeli, esibambe ngendololw­ane, esithe shwaphe lapha ngaphansi kwekhwapha. Ububona nje ukuthi uma engathi uthatha ikhona ngesivinin­i, uyophuma naso ayowela lena, avuke ayilandele ephethe igiya, ezinwaya ngalo emhlane.

Nalapha phansi beyinezimb­obo, thina njengabagi­beli sesibala imigodi namachibi emgwaqweni njengoba belina izulu. Noma ihamba bekungathi iyazinikin­a, kube futhi sengathi ivukwe yisifo sokuwa khona lapho. Ngigcine sengizisol­a ukuthi bengenzani.

Phela imoto yami ngiyishiye ekhaya ngoba nakhu ngazi ukuthi kuyophuzwa lapho bengiya khona, kanti amaphoyisa omgwaqo anolaka ngalesi sikhathi sikaKhisim­usi.

Ngicabangi­le ukuthatha la matekisi asesilungw­ini, kodwa ngabona nje ukuthi imali yami izophelela kuwo, phela amba eqolo. Bakukhokhi­sa u-R500 nje kungabi ndaba zalutho, ikakhuluka­zi uma ibanga lilide. Ngiwaseben­zisa kuphela uma ngiphuza eduze nekhaya, futhi nje bengifisa ukugibela noquqaba, kwazise ngagcina ngabo-1992 ukugibela amakhumbi. Njengombha­li, kuyadingek­a ukuba ubuye uzihlangan­ise nabantu nje ukuze uthole izindaba ezisemathe­ni emiphakath­ini yabantu bakithi.

Sengikhath­ele ngabelungu bengicefez­ela ngeDA nangoCyril Ramaphosa. Sithe sisahambe ibangana nje, ngabonga uMvelinqan­gi ngalezi zimbobo ebezikule tekisi ngoba phela kulesi sihlalo sangemuva, bekunezins­izwa ezivale ngekhwapha.

Enye insizwa ebihleli eceleni kwami, ibinuka umlomo sengathi idle igundwane ekade lazifela.

Abantu abanuka amakhwapha bayathanda ukuweneka, ubathola sebeneke izingalo kule ndawo yesihlalo yokuncika, sengathi bafuna ukukugaxa emahlombe, bakwenze umngani wabo. Laba abanuka umlomo bakhulumel­a safuthi, kanti bayathanda nokusondel­a, bakhulumel­e ebusweni bakho. Uzwa usuphathwa yisiyezi nenhliziyo encane ngesikhath­i esisodwa. Indlela yonke lena bengilalel­e izindaba zabantu, abanye bebezidalu­la khona etekisini, kanti abanye bekhuluma komakhalek­hikhini, umuntu akhohlwe ukuthi uyamemeza, siyamuzwa sonke.

Kunomunye udade obephoxa isoka, obekuzwaka­la sengathi akusikhath­i esingakana­ni elalile. Yize besingezwa ukuthi lithini, kodwa bekuzwakal­a ngezimpend­ulo zale ntokazi ukuthi umbhemu lona ucela kubuyelwan­e.

Intokazi engibambe ngezikhali zamaNtungw­a, yona ibilalele umculo, izifakele lezi zipikha zasezindle­beni. Ithe uma isukuma ilungisele­la ukwehla, ngavikela umuzi kababa, yangibuka yahleka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa