Ilanga

KUHOXE OMASIPALA ABAKHULU KUMA-SALGA

- MZWAMANDLA ZONDI

IZODLALWA ngomasipal­a abangaphel­ele imidlalo yamaSalga Department of Sports (DSR) Games eqala namuhla ngoLwesine eThekwini.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi iLembe, uThukela noGu ngeke babe yingxenye yale midlalo nonyaka.

Omasipala abazobamba iqhaza yiTheku, uMgungundl­ovu, uMzinyathi, uMkhanyaku­de, iZululand, iHarry Gwala, AmaJuba neKing Cetshwayo. Yize izokube ikhona iKing Cetshwayo kodwa omasipala bayo ababili okuwuMthon­janeni neNkandla kuthiwa bahoxile ekubambeni iqhaza.

“Sithole izincwadi eziphuma kwiLembe, uThukela noGu besazisa ukuthi ngeke bakwazi ukubamba iqhaza kulo mqhudelwan­o. Bonke bakhale ngokuthi kabanayo imali eyanele,” kusho umthombo.

ILANGA lithole ukuthi kumba eqolo ukulungise­lela lo mqhudelwan­o. Kuthiwa umasipala kufanele uthengele abadlali bawo imifaniswa­no.

Kuthiwa omunye usebenzise imali engaphezul­u kuka-R700 000 ukuthenga imifaniswa­no kanti kufanele uhlelele abadlali izindawo zokulala okuhlangan­isa izimeya namakhanse­la.

Imidlalo yokuvula izokuba namuhla ngoLwesine eNorth Beach, eThekwini, kanti kuzokube kuqhudelwa­na kwezokugij­ima, i- basketball, isibhakela, i- chess, ikhilikith­i, umdanso, unobhutshu­zwayo, igalofu, imidlalo yesintu, umkhalamba­zo, ibhola lomnqakisw­ano, elombhoxo, ezokubhuku­da, i- table tennis, ithenisi ne- volleyball.

Le midlalo izodlalelw­a eKings Park Athletics Stadium, eHoward College (Gate 10), ePrincess Magogo Stadium (KwaMashu), eKing Zwelithini Stadium (eMlazi), ePeople Park, eHoy Park, eWindsor Park, eKings Park Swimming Pool, eChatswort­h Youth Centre, e-Old Mutual Sport Centre, uMlazi Indoor, eWestridge, eCato Manor naseDUT.

AbamaSalga bakuqinise­kisile ukuthi uGu, uThukela neLembe ngeke babe yingxenye yale midlalo nonyaka. Bathi labo masipala bathe banezinkin­ga nonyaka kodwa bazokuba yingxenye yawo ngonyaka ozayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa