Ilanga

Kubhekwe isinqumo seSafa ngeyeMotse­pe

Iqashe umlolongi omusha iNatal United

- MFANAFUTHI NDLOVU

SIBHEKWE ngabomvu isinqumo seSafa ngesifunda­zwe esizosinga­tha imidlalo yamakilabh­u azokuba yizingqwel­e zezifundaz­we ze-ABC Motsepe League yokuhlunge­la ukunyukela kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

ILANGA lithole ukuthi izifundazw­e ezihamba phambili ngokufuna le midlalo yiNorth West, iGauteng neLimpopo.

Nokho kuthiwa umnyango usavuliwe nakwezinye. Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguKwenzak­wakhe Ngwenya ongusihlal­o wemiqhudel­wano yeSafa esifundazw­eni.

Uqhube ngokuthi eminyakeni ezayo le midlalo ngeke isayiswa ezifundazw­eni ngokubheka ukuthi sigudle ulwandle yini kumbe simaphakat­hi nezwe, kodwa sekusebenz­a ukuthi yisiphi esifake isicelo esiconsisa amathe ukusingath­a le midlalo.

Le midlalo ingemikhul­u kwehlelwa yiSafa njengoba ithatha isonto lonke futhi eyokusonga isakazwa bukhoma kumabonaku­de.

Uqhube ngokuveza ukuthi kabayihleh­lisanga imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League yanonyaka kwazise kayikho ikilabhu efake isicelo sokuba imidlalo yayo imiswe okwesikhas­hana. Uthi imidlalo bayihlehli­sa kuphela uma kunekilabh­u okusuke kuthathwe abadlali bayo abangaphez­ulu kwabathath­u.

Iqashe umqeqeshi omusha uGabriel Morewa iNatal United ezama ukubalekel­a ukugencwa yizembe kwiSafa KZN ABC Motsepe League ekupheleni kwesizini.

Uthathe indawo kaBonginko­si “Kai-Kai” Mhlungu osule ngoLwesibi­li kulo msebenzi. Izindaba zokuqashwa kukaGabrie­l ziqiniseki­swe nguBongani Caluza ongumnikaz­i wale kilabhu.

UMvoti FC uzokwamuke­la iSummerfie­ld Dynamos emdlalweni okubhekwe ukuba ushube ngoMgqibel­o ngo-15h00 eKing Edward, eGreytown.

Womabili la makilabhu acijwa ngabaqeqes­hi asebeke baya emidlalwen­i yokuhlunga. UMvoti FC ugabe ngoDoctor Mkhonza kanti iDynamos iphekwa nguRonnie Gabriel owanyusela kwiNFD uThongathi FC.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League yokuvala unyaka ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU KwaMsane: Natal Rich Boys vs Rainham Sporting 13h00. NGOMGQIBEL­O EWadley Stadium: Movers FC vs Zululand Warriors 13h00.

ESouth Coast Academy: Happy Wanderers vs Edendale Juventus 15h00.

EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs Durban 15h00.

ENgcedomhl­ophe Stadium: Muzi King Masters vs XI Experience 15h00.

EKing Edward Park: UMvoti FC vs Summerfiel­d Dynamos 15h00. NGESONTO E-KK: KwaDabeka Sporting vs GWP Friends 15h00.

EHoward College: Natal United FC vs Qwabe United 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa