Ilanga

Ufike nezethembi­so umqeqeshi wePirates

Nokho akanawo umlando wokunqoba izicoco

- SENZO SOKHELA Umlando omfushane kaZinnbaue­r:

WENZE isethembis­o kubalandel­i be-Orlando Pirates umqeqeshi omusha wale kilabhu uJosef Zinnbauer odabuka eGermany.

USihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza ushaqise abathandi bebhola ememezela uZinnbauer njengomqeq­eshi omusha wale kilabhu.

Uthatha umsebenzi olaxazwe nguMilutin “Micho” Sredojevic osanda kuxoshwa yiZamalek yaseEgypt. Bekubambe uRhulani Mokwena ohluleke wancama ukukhiqiza imiphumela kwaze kwaba uyaqhelisw­a.

Nokho kuthiwa uKhoza umangaze kwalona ithimba labaqeqesh­i njengoba kuvela ukuthi belingazi ukuthi umatasa uthungatha umlolongi. Kuvela nokuthi kudala aziqala izingxoxo nalo mqeqeshi, wukuthi amakhadi akhe ubewadlale­la esifubeni.

UZinnbauer wenze isethembis­o kubalandel­i bale kilabhu.

“Okokuqala nje okumqoka wukuthi ngingumunt­u okhonze ibhola elisheshay­o futhi ngithanda ukuba ikilabhu engiyilolo­ngayo iligcine ibhola, ingaphisan­i ngalo noma kanjani.

"Ngikholwa wukuthi iPirates inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu abazongena khaxa esitayelen­i sami. Nokho engifuna ukukuthemb­isa abalandeli wukuthi ngizoseben­za ngokuzikha­ndla ukuze le kilabhu ibuyelwe yisithunzi,” kusho uZinnbauer.

Lo mqeqeshi ungowokuza­lwa eSchwandor­f, eGermany. Uneminyaka yobudala ewu-49.

Ulidlalile ibhola esigabeni esikhokhel­ayo elihlikihl­a esiswini.

Ugijime emakilabhi­ni anomlando eGermany okungabalw­a kuwona iFSV Mainz 05 neKarlsuhe­r SC ukubala ambalwa.

Uqale ukuqeqesha ngo-1996 ecija i-SK Lauf yakhona eGermany.

Uqashwa yiBucs nje, ubegcine ukusebenza ngo-2017 ebekwiSt Gallen yaseSweden ayilolonge imidlalo ewu-63, wanqoba ewu-19, wadlala ngokulinga­na kwewu-14 wehlulwa kwewu-30.

Selokhu eqale ukuqeqesha akakaze anqobe nkomishi.

 ??  ?? UMQEQESHI omusha we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer.
UMQEQESHI omusha we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa