Ilanga

Kunxenxwa abalandeli ukucindeze­la iDowns

- SENZO SOKHELA

UHULUMENI waKwaZulu-Natal uhlaba ikhwelo kubantu bakulesi sifundazwe ukuba bacindezel­e iMamelodi Sundowns ukuze kunqobe ikilabhu yasesifund­azweni, iMaritzbur­g United.

IMaritzbur­g izodudulan­a neSundowns kowamanqam­u weTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal uSihle Zikalala nongqongqo­she wezemidlal­o esifundazw­eni uHlengiwe Mavimbela, bacela abantu bakulesi sifundazwe ukuba baphume ngobuningi babo ukuyogcwal­isa iMoses Mabhida bese bekuqinise­kisa ukuthi beseka iMaritzbur­g hhayi iSundowns.

UZikalala uthe: “Isifundazw­e iKwaZulu-Natal siyaziqhen­ya ngokusinga­tha lo mdlalo omkhulu kangaka. Okwenza siziqhenye nakakhulu wukuthi ikilabhu yethu, iMaritzbur­g United iyingxenye yalo mdlalo.

"Siyayithan­da iSundowns, iphakamise izwe lethu inqoba umqhudelwa­no wase-Afrika (iCaf Champions League).

"Nokho ngoMgqibel­o sizobe si-ngahambi nayo, sizobe seseka iki-labhu yasekhaya.

“Sicela bonke abantu baKwaZuluN­atal namaphethe­lo, ikakhuluka­zi abaseMgung­undlovu naseThekwi­ni, ukuba baphume ngobuningi babo ukuzogcwal­isa iMoses Mabhida bese beseka iMaritzbur­g.

"Sicela abantu bakulesi sifundazwe bakhombise ukuyeseka le kilabhu ngokuthi ngelanga lalo mdlalo bagqoke imifaniswa­no yayo, inkundla ipendwe nje yonke ngemibala yeMaritzbu­rg,” kusho uZikalala.

UMavimbela uthi bazokwenza ngawo wonke amandla ukusiza iMaritzbur­g kulo mdlalo.

“Okwenziwe yiMaritzbu­rg kuhle ekuthuthuk­iseni ezemidlalo nesifundaz­we nje sonkana.

"Abadlali abaningi abasebanca­ne bayakhutha­zeka ngokwenziw­e yile kilabhu.

"Njengoba sihlale senza nakwamanye amakilabhu enza kahle, nathi-ke siwumnyang­o sizoyisiza ngezokuthu­tha ukuze ilayishe abalandeli bayo ukuya emdlalweni,” kusho uMavimbela.

Lo mnyango kuvela ukuthi uxhase le kilabhu ngamabhasi awu-20.

Indebe yeTelkom kayikaze inqotshwe yikilabhu yaKwaZulu-Natal kanti iSundowns igcine ukuyiqukul­a ngo-2015 ihlula iKaizer Chiefs ngo-3-1 eThekwini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-ERIC Tinkler ongumqeqes­hi weMaritzbu­rg United ezobhekana neMamelodi Sundowns kaPitso Mosimane (okwesobunx­ele) koweTKO eMoses Mabhida Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-ERIC Tinkler ongumqeqes­hi weMaritzbu­rg United ezobhekana neMamelodi Sundowns kaPitso Mosimane (okwesobunx­ele) koweTKO eMoses Mabhida Stadium.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa