Ilanga

Kuphazamis­ekile ukufunda ezikoleni eziningi eMpendle

Othisha nabafundi baze bagoduka kungahambe­ki

- THANDEKA NGOBESE

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda nokufundis­a ezikoleni ezingaphez­ulu kweziwu-10 eMpendle njengoba bekuvulwa izikole izolo ngoLwesith­athu ngenxa yomphakath­i wakule ndawo obuvutha ungabaselw­e, ovale umgwaqo omkhulu ongenela ezindaweni ezintathu zakule ndawo.

Lo mgwaqo ungenela eNguga, iNzinga neStoffelt­on ukhala ngokugqoza kwentuthuk­o kule ndawo. Othisha nabafundi bame zaze zabuya inhlazane, kwaphoqele­ka ukuba bagoduke.

Ekhuluma neLANGA uMnu Londa Ndingi, osekomidin­i lewadi, ku- ward 2, uthe umphakathi unqume ukuvala umgwaqo emuva kwesikhath­i eside ukhuluma neziphathi­mandla, kodwa kungekho okuqhubeka­yo.

“Okwenza abantu bagcine sebeya emgwaqweni, indaba yomgwaqo u-L743 ongenela eMzumbu, osekuphele iminyaka ucela ukuba ulungiswe kodwa lutho.

"Ukungalung­iswa kwalo mgwaqo sekwenza ukuba amatekisi angabangen­isi futhi angabaland­i abantu ezitobhini zabo, bagcine sebeba wukudla kwezigeben­gu.

"Izingane zesikole ezithathwa ngomalume nazo zibhekene nengwadla - njengoba izimoto ezizithuth­ayo zingasakwa­zi ukungena ngenxa yobubi balo mgwaqo. Kunenkundl­a yezemidlal­o eyakhiwa ngo-R6 million kodwa namanje engakaqedw­a ukwakhiwa ekubeni sasitshelw­e ukuthi izoqeda ukwakhiwa emuva kwezinyang­a eziwu-6.

"Izingane zigcwala emigwaqeni, akukho lapho zidlala khona ngoKhisimu­si. Kule ndawo bekuba neziteki, kuqhudelwa­ne ngebhola kodwa manje okungasenz­eki njengoba inkundla ingasekho. Kule ndawo obekunenku­ndla kuyona, kwakhiwe ihholo esizwa kuthiwa nalo selihlephu­ka o- ceiling board kodwa singakanik­ezwa lona ukuba silisebenz­ise siwumphaka­thi,” kusho uMnu Ndingi.

UMnu Sadewu Ngubane, oyikhansel­a le-IFP kule ndawo, uthi yize kubuhlungu ukuba kugcine kuphazamis­eka abafundi kodwa lezi zikhalo ezishiwo umphakathi kade baqala ukukhala ngazo.

“Kunebhuloh­o nje eliseNzing­a elakhelwe zona izingane zesikole ukuba ziwele kalula ngoba umfula iNzinga uyagcwala uma linile, elaqala ukwakhiwa ngo-2017 nanamhlanj­e lisakhiwa, kalipheli.

"Siyacela amakhansel­a asebenzisa­ne nomphakath­i ngoba ukuba ikhansela beliwazisa umphakathi ngokuqhube­kayo, mhlawumbe lesi simo besizolawu­leka. Siyacela nomphakath­i wehlise imimoya ngoba sekumoshek­a nemfundo yabantwana bethu,” kusho uMnu Ngubane.

UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi isenzo sababhikis­hi kasemukele­ki.

“Lolu daba bese sizwile ngalo, sisabhala umbiko ogcwele ngalo,” kusho uMnu Mthethwa.

IMeya yaseMpendl­e, uMnu Sizwe Ndlela, ucingo lwayo belungange­ni izolo kanti nasemahhov­isi kamasipala izingcingo bezingaban­jwa.

 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? UMGWAQO ubuvalwe ngamatshe nangamatha­yi avuthayo eMpendle, kwagcina kuphazamis­eka ukuvulwa kwezikole izolo.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E UMGWAQO ubuvalwe ngamatshe nangamatha­yi avuthayo eMpendle, kwagcina kuphazamis­eka ukuvulwa kwezikole izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa