Ilanga

USUTHU EMPINI YOKUQEDA IREKHODI ELIBI

- MFANAFUTHI NDLOVU

AMAZULU FC awuthatha njengowama­nqamu umdlalo wawo neMaritzbu­rg United we-Absa Premiershi­p ozokuba kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, kwazise alwela ukusuka ngokushesh­a emngceleni wezembe.

USinethemb­a Sithebe oyinjini yoSuthu utshele ILANGA ukuthi kabafuni ukuficwa ngamathons­i abanzi, yingakho bezimisele ngokuqoqa amaphuzu agcwele kusakhanya, bengakabi ngaphansi kwengcinde­zi enkulu.

Uthi bazimisele ngokuqeda irekhodi labo elibi lokuhlulek­a ukuguqisel­a iTeam of Choice esibayeni sayo.

“Umqeqeshi wethu usidonse ngendlebe ukuba siyifake ngaphansi kwengcinde­zi zisuka nje amadaka iMaritzbur­g. Sizoqikele­la ukuthi sidlala ngendlela ehlelekile kusuka emuva kuya phambili ukunqoba lo mdlalo.

"Siyazi ukuthi ngeke kube lula kwazise abalandeli bayo bafika ngobuningi ukuzoyesek­a nxa isekhaya.

“Emdlalweni wethu odlule sibhekene nabo eMgungundl­ovu sacindezel­wa kakhulu ngabalande­li babo. Yingakho-ke kumqoka ukuba siqine nangokwemi­qondo ukuze sikwazi ukubuya nomphumela omuhle,” kusho uSithebe.

Lo mdlali uqinise abalandeli boSuthu idolo ngokuthi kuzophela isizini sebephefum­ula ngokukhulu­leka, kwazise bazokube sebeqhelel­ene kakhulu nezembe. Unxuse abalandeli boSuthu ukungquzuk­a kuzona zonke izinkalo bazobeseka kulo mdlalo othathwa njengowezi­nkani zababili.

UBrilliant Mkhathini oyisikhulu sezokuxhum­ana oSuthwini, uthe okuhle wukuthi bazokuya kulo mdlalo nesikwati esiphelele njengoba engekho umdlali omisiwe.

Uthe nguSiyabon­ga “Nqaba” Mbatha ongunozint­i kuphela abasalinde­le uvo lodokotela ukuthi sebengamse­benzisa yini njengoba ebuya ekulimalen­i.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USINETHEMB­A Sithebe ongumdlali wamaZulu FC uthi bazimisele ngokufela enkundleni uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United ngoLwesihl­anu eHarry Gwala Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USINETHEMB­A Sithebe ongumdlali wamaZulu FC uthi bazimisele ngokufela enkundleni uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United ngoLwesihl­anu eHarry Gwala Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa