Ilanga

Uzibulale nengoduso eyisola ngokujola

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UPHELE sekumuncu umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwezingane zezithanda­ni zaseNewcas­tle, indoda idubula ibulala ingoduso yayo maqede yabhekisa umbhobho wesibhamu kuyona, yaziyisa kwagoqanya­wo izolo ngeSonto, ngoba isola unina wezingane ngokujola.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Mukelani Vilakazi (57), uthusane nengoduso yakhe enguNkz Samkelisiw­e Mayaba (29) waseMqedan­daba, eMtshezi - obehlala naye eNewcastle - abantu abebeyingx­enye yomcimbi besanda kuhamba, emuva kwalokho kwaqhuma isibhamu.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Vilakazi ubesola uNkz Mayaba ngokuqoma, okugcine ngokuthi abikele unina omncane ngokungazi­phathi kahle kwakhe.

Kuthiwa ugila lo muga nje, bese kuhlelwe umhlangano womndeni obuzoba izolo ngeSonto kuyokhulun­ywa udaba lokujola kwengoduso.

Kuthiwa ingxabano isuke sebesekame­lweni belungisel­ela ukuyolala, uMnu Vilakazi wahluleka wukulawula ukudinwa kwakhe, wagcina ngokudonsa isibhamu sakhe esisemthet­hweni, wadubula uNkz Mayaba, emuva kwalokho wasibhekis­a kuyena bashonela khona lapho.

Kwenzeka konke lokhu nje, izingane - eneminyaka emithathu ubudala ezalwa yibona bobabili nena-7 engazalwa nguNkz Mayaba, bezikhona endlini zikwamanye amakamelo. Ziwuzwile umsindo wokuxabana kwabazali bazo ngaphambi kokuba kuqhume isibhamu.

ILANGA lithole ngabasonde­lene nalezi zithandani ukuthi uMnu

Vilakazi ubesola ingoduso yakhe ukuthi kunowesili­sa ebithandan­a naye. “Ngeledlule kuke kwasuka umsindo kwabancane indawo phakathi kwabo, uVilakazi esola ingoduso ngokungazi­phathi kahle.

"Besizitshe­la ukuthi le nkinga yabo sebeyilung­isile ngoba sibone sebenza nomcimbi wezingane, kukuhle nje ekhaya.

"Sithuke kwaphela nasozwanen­i uma sesithola ucingo lusitshela ukuthi useyibulel­e ingoduso yakhe,” kusho umthombo. Umfowabo kamufi ozibize ngoPZ Vilakazi, uthi omakhelwan­e babatshele ukuthi bezwe umsindo walezi zithandani uqhuma phezulu, kungaziwa ukuthi zibangani.

Uthi kube yisikhathi esincane kuzwakala umsindo wokuxabana, kwabe sekuzwakal­a owesibhamu. “Omakhelwan­e bafike ngaleso sikhathi bezwa ukuqhuma kwesibhamu beyobheka ukuthi kwenzenjan­i, bafika sekonakele.

"Bathatha izingane emuva kwalokho bafonela amaphoyisa. Kasiyazi imbangela yokuxabana kwabo.

"Bebezoba nomhlangan­o namuhla (ngeSonto) nomama wethu omncane, bamfonele bembikela ngenkinga ababhekene nayo esingayazi, wabe esebayalel­a ukuthi uzoya namhlanje eyokhuluma nabo.

"(UMnu Vilakazi) ubehlala nengoduso yakhe nezingane zakhe ezimbili azithola enkosikazi­ni yakhe endala,” kusho uMnu Vilakazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubulala nedokodo lophenyo ngokushona kwalezi zithandani.

Bekuhlelwe umhlangano womndeni kuyokhulun­ywa eyokujola kwengoduso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa