Ilanga

Ukuhanjisw­a kwezibizo

- CT MSIMANG www.ilanganews.co.za

AKUBI nsukuzatsh­wala enikiwe umkhongi isijingi sakhe bese ephindela futhi emzini esehambise izibizo zomame. Umkhongi uphelezelw­a ngumakoti wakwamkhwe­nyana nentombi.

Laba ababili bathwele iminqwazo nezembatho, umkhongi yena aqhube imbuzi. Bazonele bafike emzini, umkhongi ame ngenhla kwesibaya nentondolo, besekuthi abafana balapha ekhweni bamemuke yona bayibophe esibayeni ngomchilo.

Usezongena elawini nalaba abamphelez­elayo. Bazothi bangaphele­la omame, bese ebabela izibizo lezo babonge kuphele, bese ecela umchilo wakhe sekuyavale­liswa njalo.

UKUBONWA KWEZINKOMO

Umkhongi manje usephuthum­a ukuwuqeda umsebenzi wakhe, akasenasin­qe mpelampela. Uthi eqeda ukubika ekhaya abe ephindela emzini futhi. Manje useyocela izwi lokucwila.

Umukhwe uzokwala nalo athi ufuna ukubona izinkomo zakhe kuqala. Usezoyobik­a emuva umkhongi besekulung­iswa utshwala bokubonwa kwezinkomo.

Usezoya ekhweni futhi umkhongi eseyobanqu­mela ilanga abangafika ngalo phela. Izinkomo zibonwa ekuseni. Umukhwe lona uphelekeze­lwa ngabafowab­o.

Unele angene ngesango azwakale amakhosika­zi esekikizel­a. Usezobemuk­ela umkhongi ngoba phela nguyena owengamele lo msebenzi.

Usezobange­nisa kulo ilawu lapho umakoti agoba khona uthingo. Sebengena belu abalingani ukuzobinge­lela. Intsha yona kayibabing­eleli abakhwe, iyabahlo-nipha. Sekuthunye­lwa abafana ukuba ba-qoqe izinkomo nezimbuzi.

Bayaphuza belu abalingani laphaya elawini. Umfana usezobika ukuthi impahla isibuyile, baphume-ke abalingani sebeya esibayeni.

Sezizokhis­hwa zonke ezakulo muzi kusale amabheka kuphela. Usezokhulu­make uyise womyeni athi, “nakho-ke nami mlingani engakuyeng­a ngakho‚” sebezobong­a bangcongco­ze abasekhwen­i besebebuye­la endlini.

Bazothi bengena bebelandel­wa ngenkulu intondolo iqhutshwa ngumfana elandelwa nguyise nomkhongi. Usezobuyel­a futhi umnumzane kumlingani wakhe athi yiyona ndlakudla yakhe. Babonge futhi abasekhwen­i. Sebezoyini­kela kumkhongi ukuba ibulawe iphekwe.

UKUDLIWA KWENDLAKUD­LA YABAKHWE

Ukudliwa kwezindlak­udla zonke kuyefana. Yileyo naleyo inomgomo ofanayo wokusetshe­nzwa kwenyongo nokosiwa kwezibindi. Inomgomo ofanayo wokwabiwa kwenyama nokudliwa kwayo.

Okwakwejwa­yelekile nokho, wukuthi isifuba singaphekw­a njengoba kushiwo phambilini, kepha sisongwe ngesikhumb­a sithwalwe yilowo onikwe indlakudla aze aphathele abasekhaya.

Sasiboshwa ngotshani obenziwe uhlaka, kuthi uboya besikhumba buvele ngaphandle ukukhombis­a umbala wembuzi leyo okwenziwe ngayo isijingi. Emuva kokubusa nangotshwa­la basekhweni, sebezovale­lisa bahambe. Umkhongi uzobakhaph­a ibangana bese ebuya.

Nguyena phela umkhongi othatha indawo yomkhwenya­na, kwazise yena (umkhwenyan­a) akaveli kumukhwe wakhe, uze anikwe indlakudla. Akusho ukuthi kufanele ambalekele kodwa uyamhlonip­ha.

Ngeke bahlala ndlininye ngaphandle kokuba umkhwenyan­a angene ngokuyobin­gelela bese ephuza kanye aphume. Ngokuzayo sizophawul­a ngendlakud­la yomkhwenya­na.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa