Ilanga

Ufele esangweni e-clinic amanesi esaba i-corona

Bahlale ngaphandle umlibe bengalutho­li usizo

- TSEPO MOLEFE

UPHELE sekumuncu umduvo wabahlengi­kazi nezisebenz­i zasemthola­mpilo waseGomane, eMpendle, ngoMsombul­uko kushona isiguli esangweni ngoba izisebenzi ziqhinqile, zingayizwa eyokungena emagcekeni omtholampi­lo, zithi zisaba ukusulelek­a ngecoronav­irus emuva kokutholak­ala komunye wozakwabo ehlabekile.

Lishone elangoMsom­buluko ibatshazwa ematekisin­i indaba ‘yokuphela kozwelo’ ezisebenzi­ni zalo mtholampil­o.

Umthombo weLANGA okuleya ndawo, uhlaba ukulahleka kobizo lwabahleng­ikazi bakulo mtholampil­o ngokushona kukaBongan­i Zuma (28) waseGomane, obeyiswe khona nguyise, uMnu Mthi Zuma.

UMnu Zuma nendodana yakhe bafike bakhangwa yinguzunga yengidi esangweni lomtholamp­ilo, ebikhombis­a ukuthi amasango avaliwe, kunabaqaph­i bodwa ngaphakath­i.

“Noma ngabe besekusats­hwa kanjani, kodwa bekumele kuyalelwe iziguli ukuba zehlele emtholampi­lo waseNzinga ukuze zisizakale. Yebo, amasango asemtholam­pilo wabo abevaliwe, kodwa imilomo beyingaval­wanga ukuyalela iziguli ukuba ziye komunye umtholampi­lo.

“Lokhu kusishiya nemibuzo yokuthi ngabe siphephile yini kulezi zandla eziselapha­yo noma zibeke phambili impilo yazo kuneyabant­u ezithi zibizelwe ukubahleng­a,” kusho umthombo.

Ekhuluma neLANGA uMnu Zuma, uthe ngeke abeka muntu icala ngokushona kwendodana yakhe ngoba ukugula kwayiqala ngeSonto ntambama emuva kokuwa egcekeni lakubo.

Uthi ukugula kuyiqinisi­le ebusuku, idlikiza, bavukela emtholampi­lo ekuseni.

“Sifike emtholampi­lo ngo-7:30 kukubi, kwaba wukuthi akusebenze­ki emanesini. Silinde i- ambulance okuthiwe izosisiza kwaze kwashaya u-10 emini, okuyilapho sibone khona ukuthi indodana seyithule.

“Kuyimanje nginenking­a yokuthi ngizosikhi­pha kanjani isidumbu emakhazeni engisicele­le kuwona ngoba bengingena­wo umasingcwa­bisane. Ngiphithen­e ikhanda ngoba akusebenzi muntu lapha ekhaya.

“Namhlanje (ngoLwesibi­li) sivuke nomyalezo kumakhalek­hukhwini kamufi wokuthi makayoland­a u-R350 wesibonele­lo sabangaseb­enzi, kodwa ngibuye ngilambath­a kuthiwa kudingeka umnikazi kamazisi lo osesemakha­zeni,” kusho uMnu Zuma.

UNkk Noluthando Nkosi, okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ucele ukunikezwa amagama kamufi nomtholamp­ilo ashonele kuwona ukuze umnyango uzoxhumana nabaphathi bawo ukuzwa ngokwenzek­ile ngaphambi kokukhulum­a nabezindab­a.

UMnu Mhlaba Memela, okhulumela uMnyango wokuThuthu­kiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, ucele umndeni kamufi ukuba ube nezinto eziwubufak­azi basemaphoy­iseni bokuthi ngempela ushonile; kungaba yincwadi efungelwe emaphoyise­ni noma isitifiket­i sokushona bese uyokhipha imali yesibonele­lo sakhe eposini.

“Kanginalo ulwazi lokuthi bazoyithol­a iyisamba yini le mali kube ngeyezinya­nga zonke lezi eziwu-6 ezanqunywa ngumengame­li wezwe. Njengoba umndeni uthi kawazi ukuthi uzohlangan­isani ukufihla ithambo lawo, bekungaba kuhle uxhumane nekhansela lewadi ngoba omasipala bonke bayayazi imigudu elandelway­o ukufihla labo bantu abaswele,” kusho uMnu Memela.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBONGANI Zuma (28) oshonele esangweni lasemthola­mpilo waseGomane, elinde i-ambulance.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBONGANI Zuma (28) oshonele esangweni lasemthola­mpilo waseGomane, elinde i-ambulance.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa