Ilanga

KUCHIBIYEL­WA OWOKUSHADI­SA

- BONGINKOSI ZONDI

SEWEMUKELW­E umthethosi­vivinywa wokuchibiy­ela umthetho wemishado, iCivil Union Amendment Bill, njengoba izolo ngoLwesith­athu uvunyiwe yiNational Council of Provinces (NCOP), osekusele manje wukuba usayinwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa ukuze usebenze.

Umphumela walokhu kuzoba wukususwa kweSigaba 6 somthetho wemishado esinephuzu elivumela ukunqaba ukushadisa abathile ngesizathu sikanembez­a.

Lokhu kuphoqa izimantshi neziphathi­mandla zikahulume­ni ezishadisa­yo ukuba zifungise imishado yabantu bobulili obubodwa - okungase kushayisan­e nonembeza bazo, yinkolo nenkolelo yazo - okanye zizitholel­e omunye umsebenzi.

Inhlangano elwela inkululeko yezenkolo, iFOR SA, ikhiphe isitatimen­de ithi:

“Kumqoka ukusho ukuthi iSigaba 6 safakwa emthethwen­i wemishado, iCivil Union Act ngenxa yesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo odabeni lukaFourie esaba yingqopham­lando ngokuvumel­a imishado yabantu bobulili obubodwa eNingizimu Afrika.

Lapha iJaji Albie Sachs lakucacisa kahle ukuthi umgomo wokwamukel­ana okunomqond­o ophusile, ungakuqini­sekisa ngokuthi iziphathim­andla ezinqaba ngonembeza oqotho ukushadisa ngenxa yezizathu zenkolo, zingaphoqw­a ukushadisa nxa umphumela walokhu uphambana nonembeza bazo”.

Izinhlanga­no ezahlukene, okubalwa nayo iFOR SA, zazenza izethulo lapho zabeka khona ezinye izindlela ezingaba yikhambi ezinkingen­i ezahlonzwa, ezingeke zidale ukuba kube khona onyathela unembeza womunye.

Kulesi sitatimend­e i-FOR SA iveza ukuthi okwashiwo nguJaji Sachs kwashaywa indiva ngamabomu.

UmQondisi we-FOR SA, uMnu Michael Swain, uthe kuyishwa ukuba esikhundle­ni sokufuna ikhambi eliphumele­lisa bonke abantu futhi elinokucop­helela ukuthi wonke amalungelo avumela ukwahlukan­a ngokwemibo­no nenkolelo, iPhalamend­e laseNingiz­imu Afrika likhethe umphumela ovuna uhlangothi olulodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa