Ilanga

KUTHUNGATH­WA OLAHLE INGANE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUTHUNGATH­WA owesifazan­e osolwa ngokulahla ingane esanda kuzalwa eSt Lucia, eMtubatuba ngoMsombul­uko. Kubikwa ukuthi le ngane itholwe ngumuntu obezihambe­la, oyizwe ikhala eduzane naseposini lendawo.

Umthombo weLANGA ulitshele ukuthi le ngane itholwa nje, beyifakwe kuplasitik­i kadoti, yalaxazwa eduze kwaseposin­i.

“Umlungu obehamba ngemoto ubone lo plasitiki obusolisa kanti bekuzwakal­a iphimbo lengane ekhalayo. Ube esebiza onogada abasebenza eduze nale ndawo, okuthe uma kuvulwa lo plastiki kwatholaka­la le ngane isongwe ngebhayi," kusho umthombo.

Kuthiwa abayitholi­le bayiphuthu­mise emtholampi­lo, yadlulisel­wa esibhedlel­a saKwaHlabi­sa ukuze izobhekwa ngodokotel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kusaphenyw­a.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngonina axhumane namaphoyis­a aseMtubatu­ba noma ashayele inombolo yamahhala ethi 08600 10111.

 ??  ??
 ??  ?? YINGANE etholwe ilahlwe emgqonyeni ngumuntu obedlula.
YINGANE etholwe ilahlwe emgqonyeni ngumuntu obedlula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa