Kukumuntu ngamunye ukuziphephisa kwiCovid-19
EMUVA kokwexwayisa izinyanga ezimbalwa ngokufika kwesishingishane esiwubhubhane, iCovid-19, uhulumeni nongoti bawo bezesayensi bathi isitha sesinyathela indle yabantwana, baxwayisa ngokuthi baningi abantu abazotheleleka kula masonto nezinyanga ezizayo.
Kufanele sonke sisilalele lesi sexwayiso, silandele imigomo yezempilo ebekiwe yokuzihlenga esifweni, njengokufaka izifonyo nokugeza izandla ngensipho ukubulala leli gciwane.
Sekuwumlando manje ukuthi iWestern Cape ishayeke kakhulu njengoba cishe ingxenye yabantu abahlabekile beqhamuke khona. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi isimo siya ngokuba sibi nase-Eastern Cape, lapho igciwane libuye libhebhethekiswe nawukuthi uhulumeni wakhona uyantengantenga, uyehluleka wukulawula ngendlela.
Kubikwa ukuthi ezinye izikhungo zezempilo zikahulumeni kulesiya sifundazwe ziyehluleka ukusiza iziguli ezithutheleka kuzona ukuyocela usizo. Isifundazwe esizolandela ngokushayeka kanzima yiGauteng njengoba isibalo sabantu abasuleleka ngegciwane sikhuphuka ngendlela eshaqisayo nsuku zonke.
Njengoba bebaningi abantu baKwaZulu-Natal abasebenzela eGauteng, kunengebhe yokuthi kuzolandela yona ngokuba senkingeni yokukhula ngesivinini kwabantu abahlatshwa yileli gciwane. Kuyishwa lethu ukuthi leli zwe lethu kalikho esimeni somnotho esihle sokukwazi ukubhekana nemiphumelela emibi ehambisana nokugadla kweCovid-19.
Ukuvalwa kwezwe thaqa kusukela mhla ka-26 kuMbasa (March), okwaqhubeka izinyanga ezimbili, kuwulimaze kakhulu umnotho wezwe obuvele ubangwa nezibi njengoba sekube nomphumela wokuvalwa kwezinye izinkampani unomphelo.
Iqiniso elimsulwa wukuthi iNingizimu Afrika kayikho ezingeni lamazwe asentshonalanga anothile njenge-United Kingdom, i-United States of America neGermany akwazi ukuholela izisebenzi zezinkampani ezizimele ingxenye yamaholo azo ngisho zihleli emakhaya, ukuze kunqindwe amandla okubhebhetheka kwegciwane. Iningi lethu kalinayo imali eyanele yokuphila ngisho inyanga eyodwa vo lingaholi ngenxa yokuthi imiholo yethu iphelela ezindlekweni zokondla imindeni yethu.
Lesi simo sisho ukuthi ukuvalwa kwezwe nezinkampani esisebenza kuzona kuba nomphumela wokuba sibulawe yindlala, okuyisizathu esiphoqe uhulumeni ukuba uxegise eminye imithetho yokuvalwa kwezwe ukuhlenga imisebenzi yabantu abebebulawa yinkemane.
Wukuxinwa yizindleko zempilo okuphoqe osomatekisi ukuba bagcine sebenqume ukulayisha izimoto zabo zigcwale phama, ukuze bakwazi ukukhokhela amabhange abawakweletayo.
Iqiniso wukuthi ukukhalima lesi sifo kungaphezu kwamandla ohulumeni bamazwe, kodwa kulele kumuntu nomuntu ukuba azame ukuziphephisa yena nabaseduzane naye ngokulandela imiyalelo yabezempilo.