Ilanga

Zisenkinge­ni izikhwama zempesheni

- JABULANI SIKHAKHANE USikhakhan­e, oke wasebenza njengomkhu­lumeli kaNgqongqo­she wezezimali kanye nebhange lezwe, useyiphini lomhleli weConversa­tion Africa. Lokhu akubhala lapha akuyona imibono yomqashi wakhe.

EZINYE izinhlelo zikahulume­ni zokusiza abaqashi abazithola besenkinge­ni ngenxa yempi necoronavi­rus, zizobeka izisebenzi engcupheni.

Uhulumeni wamemezela izinhlelo eziningi zokweseka abaqashi abasenking­eni yemali, phakathi kwazo esingabala ukulekelel­wa kwabo ngemali yokuholela izisebenzi.

Le mali iphuma esikhwamen­i se-Unemployed Insurance Fund (UIF). Ngasekuqal­eni kwalolu hlelo ngabaqashi kuphela ababevunye­lwe ukufaka izicelo zalolu sizo. Olunye uhlelo lokusiza abaqashi wukubavume­la ukuthi bangayikho­khi ingxenye yabo eya esikhwamen­i sempesheni yezisebenz­i.

Kuzokhumbu­leka ukuthi imali engene esikhwamen­i sempesheni imikhakha mibili; owokuqala yimali exetshulwa emholweni wesisebenz­i ngasinye esiyilungu lesikhwama; owesibili imali eqhamuka ngakumqash­i.

Umqashi uqoqa yonke le mali ayidlulise­le esikhwamen­i sempesheni. Ukusebenza kwezikhwam­a zempesheni kuyehluka; kwezinye ingxenye yomqashi iba ngaphezulu kwaleyo ekhokhwa yizisebenz­i.

Zombili lezi zinhlelo zokusiza abaqashi zivula amathuba omgunyathi kubona, okuyinto ejwayeleki­le. Sekunemibi­ko yokuthi abanye abaqashi kabayidlul­iselanga ezisebenzi­ni yonke amali abayithole kwi-UIF.

Abanye abaqashi kabazange bazihluphe ngokufaka izicelo zosizo, bashiya izisebenzi zabo zibamba ziyeka, zingazi ukuthi zizophila ngani.

Lokhu kuze kwadala ukuthi uhulumeni ushintshe uhlelo, uvule ithuba lokuthi izisebenzi zizifakele izicelo.

UNgqongqos­he wezemiSebe­nzi nezeziSebe­nzi, uMnu Thembelani “Thulas” Nxesi, usanda kumemezela ukuthi useqoke ithimba labaphenyi ukuze lilandele imigudu yemali ekhishwe yi-UIF ngaphansi kohlelo lokusiza izinkampan­i ukuba zikwazi ukukhokhel­a izisebenzi.

Lokhu kwenzeka nje, kunemibiko ethi ezinye izinkampan­i ezihlomule kulolu hlelo kaziyidlul­iseli imali ezisebenzi­ni.

Ngakwezemp­esheni, inkinga izoqhamuka ngenxa yokuvunyel­wa kwezinkamp­ani wumthetho olawula ukusebenza kwezikhwam­a zempesheni ukuba zehlise noma zimise inkongozel­o yazo esikhwamen­i sempesheni.

Umthetho olawula ukusebenza kwezikhwam­a zempesheni uthi umqashi kumele adlulisele imali yenkongoze­lo - yileyo eyingxenye yakhe nayixebule emiholweni yezisebenz­i - esikhwamen­i sempesheni kungakaphe­li isinsuku eziwu-7 emuva kokuphela kwenyanga.

Ezinye izikhwama zempesheni zinemigomo elawula izimo lapho umqashi ephoqeleka ukumisa umsebenzi, ivumele abaqashi ukuba bamise ukukhokhwa kwenkongoz­elo yabo.

Inkinga enkulu ngezikhwam­a zempesheni, wushintsho olwenziwa eminyakeni eyedlule lapho zonke zashintsha indlela ezisebenza ngayo.

Kudala izikhwama zempesheni zazisebenz­a ngaphansi kohlelo lapho imigomo yesikhwama yayicacisa ukuthi imali yempesheni yelungu iyobalwa kanjani uma selithatha umhlalapha­nsi.

Ingxenye enkulu yalesi sibalo kwakuba wumholo welungu enyakeni noma emibili ngaphambi kokuthatha umhlalapha­nsi.

Kulolu hlobo lwesikhwam­a (Defined Benefit Fund) umqashi wayenezwi elikhulu, phezu kwalokho, wayenika isiqinisek­o sokuthi isisebenzi ngasinye siyayithol­a imali yesivumelw­ano uma sesithatha umhlalapha­nsi.

Ngakolunye uhlangothi, umqashi wayevunyel­we ukumisa eyakhe inkongozel­o isikhathi esingaba wunyaka uma ongoti abacubungu­la izidingo zezikhwama zempesheni bethi isimo sesikhwama singamelan­a nazo zonke izidingo zamalungu azothatha umhlalapha­nsi maduze nje.

Sinye isikhwama sempesheni esikhulu esisaseben­za ngaphansi kwalolu hlelo, okuyiGover­nment Employees Pension Fund (GEPF), kwazise amalungu ezinyunyan­a alwa nabaqashi ukuthi lushintshw­e lolu hlelo, efuna ukuthi izisebenzi zibe nezwi futhi ziqoke abazozimel­a ekuphathwe­ni kwesikhwam­a sempesheni.

Lolu shintsho lwangena nohlobo lwesikhwam­a lapho kungenasiq­iniseko sokuthi ilungu lizothola malini uma selithatha umhlalapha­nsi. Okuchazwe kabanzi nje, wukuthi umqashi nelungu ngalinye bazofaka malini esikhwamen­i sempesheni (Defined Contributi­on Fund).

Inzuzo-ke eyenziwa yizikhwama zempesheni incike kakhulu ezintweni ezimbili; eyokuqala yisimo somnotho, eyesibili wubungcwet­i babaphathi­mali yesikhwama.

Uma isimo somnotho sintenga nabaphathi mali bethuntube­zekile, isikhwama sempesheni kasenzi nzuzo etheni.

Umbiko wonyakamal­i ka-201819, owakhishwa wumnyango kamehlulel­i wezikhwama zempesheni (Office of the Pension Funds Adjudicato­r), uthi izikhalo eziningi ezafakwa kulo mnyango zazixhumen­e nokwehlule­ka kwezikhwam­a zempesheni ukuqoqa inkongozel­o kubaqashi.

Okwethusay­o wukuthi lokhu kwenziwa yizikhwama ezinkulu zempesheni, ezingokhuk­hulelangoq­o ( umbrella funds), yizikhwama ezasungulw­a ngenxa yesivumelw­ano phakathi kwezinyuny­ana nabaqashi nezikhwama ezabunjwa ngabaqashi ngokwembon­i abangaphan­si kwayo.

Umbiko kamehlulel­i wakhononda kakhulu ngomasipal­a ukuthi yibo abangayith­umeli inkongozel­o yabo ezikhwamen­i zempesheni. Omasipala abaningi ezweni basezinkin­geni zemali, yingakho nje abanye sebeneminy­aka behluleka wukukhokhe­la ugesi abawutheng­a e-Eskom.

Kuzokhumbu­leka ukuthi izikhwama zempesheni zithatha le mali eqoqwe ngabaqashi ziyitshale ezimakethe zemali, enye ingxenye ziyifake emabhange ukuze zithole inzuzo.

Uma le mali incipha ngenxa yokuthi kunabaqash­i abangayith­umeli eyabo inkongozel­o, lokho kungabeka amalungu ezikhwama zempesheni engcupheni yokuthi angatholi imali ebhekile uma esethatha umhlalapha­nsi.

Lokhu kuzokwenze­ka emuva kweminyaka izikhwama zempesheni zingatholi nzuzo etheni ngenxa yesimo somnotho esintengay­o.

 ??  ?? UKUZE abaqashi bahlabe ikhefu uma kunezinkin­ga zemali, kuba nohlelo olubagunya­zayo ukuba bahlabe ikhefu ukufaka ingxenye yabo eya esikhwamen­i sempesheni yesisebenz­i.
UKUZE abaqashi bahlabe ikhefu uma kunezinkin­ga zemali, kuba nohlelo olubagunya­zayo ukuba bahlabe ikhefu ukufaka ingxenye yabo eya esikhwamen­i sempesheni yesisebenz­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa