Ilanga

BAKHANKASE­LA UMTOLO KWESOKUHOL­A I-KZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

USIHLALO weHammarsd­ale Athletics Club uRichard Bhengu uphakamisa igama likaWillie Mtolo ukuhola iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) njengoba kuwunyaka wokhetho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usuku lokhetho ngabe selumenyez­elwe kodwa kwaphazami­sa iCovid-19 ehlasele umhlaba wonke okwenze kwama yonke into.

UBhengu ufonele ILANGA encoma umbiko kaMtolo ophume ngeledlule, kukhulunyw­a ngempilo yakhe. Kulo mbiko uMtolo wakubeka kwacaca ukuthi angakujabu­lela ukuba kwibhodi yeKZNA.

Ikilabhu eholwa nguBhengu inomjaho wayo iMathews Meyiwa Half Marathon eba minyaka yonke kule ndawo. Kumanje iKZNA iphethwe nguMlawuli ozimele uRay Reddy ebambisene neTask Team kulandela ukumiswa kwayo yonke ibhodi yale nhlangano.

“Sekuyisikh­athi sokuba iKZNA iholwe ngumuntu onomlando kwezokugij­ima. Njengosihl­alo weHammarsd­ale ngiphakami­sa igama likaMtolo. Sonke siyawazi amagalelo akhe. Sengike ngakhuluma naye, uthe angakujabu­lela ukuhola iKZNA. UMtolo ugijime imijaho eminingi kuleli naphesheya kwezilwand­le. Ukuholwa ngumuntu ofana naye ngicabanga ukuthi kungaletha omkhulu umehluko kwezokugij­ima eNingizimu Afrika yonkana.

“Isikhathi esiningi sifakelwa abantu abangagiji­manga, abangabazi ubuhlungu bokugijima. Sekuyisikh­athi manje sokuba silethe abantu abawuqonda kahle lo mdlalo. Sizohlanga­na naye kuleli sonto ukubhunga ngalolu daba, ngimazise ukuthi sidingani kuyena.

“Nginesifis­o sokuba basebenzis­ane noMlungisi Wosiyana osanda kushiya kwiTask Team. Yibona abazokheth­a ukuthi ngubani ofuna ukuba ngumengame­li nesekela. Umbiko obhalwe yiLANGA yiwona ongenze ngafikelwa wumbono wokuba siphakamis­e uMtolo kulolu khetho esizokuba nalo,” kusho uBhengu.

Leli phephandab­a lixhumana noMtolo, uvumile ukuthi useke wathintwa, wacelwa ukuba ahole iKZNA. Uthi ithuba elifana naleli ulamukela ngezandla zombili. Uthi into yokuqala angayenza wukuhlanga­na nabagijimi kudwetshwe uhlelo oluya phambili.

UWosiyana uthe: “Okubalulek­ile wukuba sikhethe abantu esibethemb­ayo ukuhola ezokugijim­a. Kufanele kube ngabantu abagijimil­e futhi abanekhono lokuhola, baphinde babe nombono ocacile ngekusasa leKZNA. Kangiyitha­ndi le nto yokuba kukhishwe umuntu ngoba engasafunw­a njengoba kwenzeke kuSello Mokoena no-Aleck S'khosana ngokwahluk­ana.

“Amakilabhu kufanele avumelane ngomuntu amfunayo ukuze angabi nankinga ngokuhamba kwesikhath­i. Kumele kuqashelwe ukuthi umuntu ophawula kakhulu emhlanganw­eni kakusho ukuthi uyakwazi ukuphatha. Akhona amakilabhu aseke angithinta mayelana nokuphathw­a kweKZNA.”

Amanye amagama okuthiwa ayavela okhethweni lweKZNA ngelikaSol­wazi Logan Naidoo, uSteve Mkasi, uMzomusa Gumede ukubala nje abambalwa. Kuthiwa bakhona abanye asebeqalil­e ukuhlangan­isa amakilabhu ukuba abavotele uma sekufika lolu suku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa