UJEREMY BROCKIE ANGASE ABUYELE KWI-SUPERSPORT UTD
ANGASE abuyele kwiSuperSport United uJeremy Brockie ( osesithombeni) waseNew Zealand ophikwa yizinto selokhu ehlukene nale kilabhu wajoyina iMamelodi Sundowns.
Ukuhlulwa wukwenza umsebenzi abelandelwe wona kwiDowns, kuholele ekutheni imbolekise kwiMaritzburg United. Lo mdlali ugcine efakwe umgxala kwiMaritzburg nakuba ingakasongwa imidlalo yakule sizini. Kumanje lo mdlali ukwelakubo njengoba kubhoke iCovid-19. Amazwe amaningi asavaliwe ngenxa yalo mkhuhlane.
UBrockie ubeyibhakuzisa sengathi uyabukisa inethi ngesikhathi esagijima kwiSuperSport.
UBrockie ulandela ezinyaweni zika-Abram Raselemane (ongasekho) ngokushaya amagoli amaningi kule kilabhu. UKaitano Tembo ocija iSuperSport, exoxa izolo neLANGA uveze ukuthi okwamanje basafuna ukubhekana nokuqedela imidlalo esele.
Uthi okuningi bazokubona nxa sekuphele yonke imidlalo yokusonga isizini. Uthi uBrockie ungumdlali wezinga eliphezulu, kodwa kunzima ukukhuluma ngaye njengoba ingakasongwa isizini. Nokho-ke ukucacisile ukuthi angakujabulela ukubuya kwalo mgadli.
“Ngizimisele ngokubeka ikilabhu endaweni enhle uma kuphela le sizini njengoba sisendaweni yesithathu kwi- log. Ngesizini edlule kasenzanga kabi ngoba sikwazile ukufinyelela kowamanqamu weMTN 8 salala endaweni yesithupha kwi- log. Kule sizini sikwazile ukunqoba iMTN 8 njengoba sesifuna indawo engcono kwiPremiership kunesiqede kuyona ngeyedlule” kusho uTembo.
Uthi ukholwa wukuthi banalo ithuba lokufaka ukushisa embangweni wesicoco seligi uma sekubuya imidlalo. Uthi ukuhamba kukaDean “Mlungu” Furman kubalimaze kakhulu kwazise bebengakulindele.
Lo mdlali uhambe ngoba efuna ukuyobheka inkosikazi yakhe ebibeletha. Uthi ngenxa yeCovid-19, kabakwazanga ukumvalelisa kahle lo mdlali.
“Ngenhlanhla sinabo abadlali esizobasebenzisa endaweni yakhe. Kukhona uJamie Webber, uSipho Mbule noJesse Donn esimthathe kuBuntu Cape Town. Ngikholwa wukuthi bonke laba badlali bazokwazi ukusivala isikhala sakhe ngoba bebelithola ithuba lokudlala. Nangesikhathi kuhamba uReneilwe Letsholonyane, uMorgan Gould noThuso Phala sakwazi ukuvala izikhala zabo,” kusho lo mqeqeshi.
Uphethe ngokuthi bahlela ukuvuselela izinkontileka zabadlali okubalwa kubona uClayton Daniels noSiyabonga Nhlapo ngoba basesezinhlelweni zakhe.