Ilanga

URHULANI MOKWENA UPHEFUMULA NGOKUSHIYA I-CHIPPA UNITED

- MFANAFUTHI NDLOVU

USALINDE imiphumela yobufakazi bokuthi waphula umthetho wokuvalwa kwezwe uRhulani Mokwena ( osesithomb­eni) obengumqeq­eshi weChippa United ebimbolekw­e yi-Orlando Pirates.

IChilli Boyz imemezele ukuthi ngeke iyelule inkontilek­a nalo mqeqeshi.

Iminwe eminingi ikhombe kuyena njengoba iChippa isolwa ngokuziqeq­esha ekubeni kungakagun­yazwa ezweni. IChippa ithe iyalupheny­a lolu daba.

Amakilabhu asevunyelw­e ukuziqeqes­ha, kodwa kusamele alandele imigomo ethile ngaphambi kokwenza lokhu.

IChippa kuvele ukuthi iphule lo mthetho yayozilolo­nga. Nokho-ke iChippa iphumele obala ngokuthi lezi zinsolo kazihlange­ne nhlobo nokungavus­elelwa kwenkontil­eka yalo mqeqeshi.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi akakhumbul­i ephula imithetho yokuvalwa kwezwe. Uthi uyiqonda kahle imithetho, ngakho-ke ubengeke enze ubudedengu ajimise abadlali ekubeni iCovid-19 isalokhu iqhubeka nokudlula nemiphefum­ulo.

“Ngiwumuntu ohlale enza izinto ngokwethem­beka. Kangithand­i ukunaba kabanzi ngokuhluka­na kwami nekilabhu. Kangifuni ukuphawula ngezinto ezingagcin­a zinyathela abanye abantu amakhona.

"Ziningi izinto ebezikhulu­nywa, kodwa ngingaphaw­uli ngazo. Kuvele nokuthi kuzokwehli­swa imiholo yabadlali ngenxa yeCovid-19.

“Mina bengingakw­azi lokhu ekubeni kuyimina umqeqeshi. Ngenhlanhl­a ngikwazile ukubonisan­a noSiviwe Mpengesi ongumnikaz­i wekilabhu wathembisa ukuthi uzozama ukukhokhel­a abadlali yize kunzima. Lokhu kokuthi ngijimise abadlali, kangikwazi impela,” kusho uMokwena. Uthi kuningi ayokukhumb­ula ngeChippa.

UMokwena akaphikang­a futhi akavumanga ukuthi angase avumbuke kwiTTM esanda kuthenga ilungelo leBidvest Wits lokudlala kwi-Absa Premiershi­p.

Uthi usazohlala phansi nemenenja yakhe babhunge ngokuthi yini azoyenza. UMokwena uthe okwamanje umatasa namalungis­elelo okufihla ilungu lomndeni wakhe elisanda kudlula emhlabeni.

Kuzo ezeChippa, igcine idedele uThabo Rakhale kwazise inkontilek­a yakhe ibiphela njengoba kusongwa isizini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa