Ilanga

Odlwenguli­we wenqabe u-R20 000 'wokumthuli­sa'

- SKHOSIPHI MTHEMBU

WESABA ngisho ukuphumela ngaphandle owesifazan­e (28) waseKlaarw­ater, eMariannhi­ll, othi udlwengulw­e ngabesilis­a ababili basendawen­i beshintsha­na ngaye ngeledlule, emuva kwalokho iphoyisa lamkhuthaz­a ukuba amukele u-R20 000 kubasolwa ukuze asule icala.

Lona wesifazane, ongeke adalulwe ukumvikela, uthi okumphatha kabi yimpatho ayithole emaphoyise­ni emuva kokuba elinye lamaphoyis­a limbuze ukuthi angalisula yini icala uma abasolwa bengakhiph­a u-R10 000 umuntu ngamunye.

Ekhuluma neLANGA, uveze ukuthi selokhu kwenzeka lesi sigameko, uyesaba ngisho ukuma egcekeni. Uthi omunye wabasolwa ngumuntu abejwayele ukuhlala naye, kwazise bahlala ngandawony­e, uthi bamdlwengu­le ngoba bethi uyazitshel­a.

Elandisa ILANGA, uthi indaba iqale ngokuthi bahlale ndawonye bazijabuli­se ngeziphuzo njengenjwa­yelo. Kuhambe isikhathi kwavunyelw­ana ngokuthi kuzoqhutsh­ekwa kuhlalwe kubo komunye wabasolwa, kuqhutshek­we nokuzijabu­lisa ngeziphuzo.

“Ngahamba nabo (abasolwa) saya kubo komunye wabo njengoba besazana futhi omunye wabo bengimjway­ele kakhulu, efana nomngani wami. Safika endlini yakhe wavusa abafowabo ababelele egunjini lakhe wabakhipha, sasala naye nomunye wabangani bakhe.

“Ngangizits­hela ukuthi sizohlanga­nisa imali bese kuyothengw­a njengoba bekuye kwenziwe. Oyedwa wabo wavula umsakazo kakhulu maqede wangibhozo­mela, wangibamba izandla, omunye wangikhumu­la ibhulukwe.

“Ngazama ukulwa, kodwa ngehluleka, bangidlwen­gula beshintsha­na ngami. Sebeqedile omunye wabo waxolisa wangitshel­a ukuthi inkinga yami wukuthi ngiyazitsh­ela, yingakho bengishaye isitimela.

“Bangishiya endlini ngasala ngabheka izimpahla zami, kodwa lutho ukuzithola, ngabe sengithath­a ibhulukwe engicabang­a ukuthi ngelalona esasikubo ngagqoka lona. Ngaphuma ngejubane endlini, ngabaleka ngaze ngayofika ekhaya,” kusho lona wesifazane.

Uthi wabe esebikela umakhelwan­e wakhe oyiphoyisa, okunguyena owamyisa emaphoyise­ni.

“Into engicasule kakhulu wukuthi ngesikhath­i siphuma esibhedlel­a ngiqeda kuhlolwa, iphoyisa engangiham­ba nalo labuza ukuthi uma (abasolwa) bengakhiph­a u-R10 000 umuntu ngamunye, ngingavuma yini ukusula icala.

“Ngalitshel­a ukuthi kangiyifun­i imali yabo, kodwa ngifuna babhekane nomthetho. Kwadlula izinsuku laphinde langishaye­la ucingo iphoyisa, labuza ukuthi ngizophath­eka kanjani uma ngibona (abasolwa) bephuma ngebheyili njengoba ngenqabile ukuthatha imali.

“NgeSonto lifike ekhaya lizolanda izimpahla zomunye wabasolwa engabaleka ngizigqoki­le, langitshel­a ukuthi icala kalisaphet­hwe yilona.

“Kuze kube manje, kangazi icala likuphi futhi liphethwe ngubani. Ngisaba ngisho ukuphuma endlini, ngoba ngizwa kuthiwa omunye (wabasolwa) uke waphathisa ukuthi ngizofa ngoba ngenqabile ukuthatha imali,” kusho lona wesifazane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe ukhona umsolwa oneminyaka ewu-34 oboshiwe ngecala lokudlweng­ula, wathi uvelile eNkantolo yeMantshi yasePineto­wn ngoLwesith­athu, uzobuyela kuyona le nkantolo maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa