Ilanga

Utholwe esecwiyiwe othole izigidi zakwaRAF

Kuthiwa ikhadi likamufi lize langqwamba kuzanywa ukukhipha imali

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SITHOLWE sicwiyiwe isidumbu sowesilisa waseMahlam­bini, KwaNongqin­gqi, eMzimkhulu okuthiwa wanyamalal­a emasontwen­i amabili adlule kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni ephunyelwe yimali yokulimala engozini yemoto.

Ngokuthola kweLANGA, isidumbu sikaMnu Vukani Madolo (47), sitholwe ngoMsombul­uko emuva kokuba umndeni wakhe ububelesel­wa ngabantu abangaziwa bethi mawufake imali kwaShoprit­e noma kwaSpar uma ufuna ukumbona esaphila.

Kuthiwa umufi wayethole imali efikile esigidini ngokulimal­a, kanti kwenzeka lokhu nje, ubengasahl­ali kubo, ubesehlala nesinqanda­mathe sakhe kwenye indawo eqhelile nekubo.

Umthombo weLANGA oseduze nalolu daba, uthi imali yaphuma ngoNhlaba (May).

“Umndeni ubufonelwa nsuku zonke, kuthiwa mawufake imali. Kugcine kungenzeka­nga lokho ngoba amaphoyisa awudonse ngendlebe athi kungenziwa, kwazise kuzothi uma isifakiwe, kuphinde kufuneke enye,” kusho umthombo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kufike amaphoyisa ngoMsombul­uko abikela umndeni ukuthi mawuye emakhazeni, kunesidumb­u asithole silahlwe eceleni komgwaqo.

Umthombo uthi umndeni ufike emakhazeni isidumbu siboshwe ngozankosi, silinyaziw­e ekhanda, ezinye izicubu zomzimba zicwiyiwe.

“Abomndeni bathi indlebe beyingekho, phansi kwesilevu kuvulwe imbobo, ikhala licwiyiwe kanti nasekhanda ubelimele kakhulu,” kusho umthombo.

Uveze ukuthi nangesikha­thi sesitholak­ele isidumbu, belusangen­a ucingo obelufuna imali emndenini. Uthi usola ukuthi laba abenze lokhu bebengakaz­i ukuthi sesitholak­ele isidumbu.

“Indlela abebeyifun­a ngayo le mali, bebengafun­i ukuchaza izinto eziningi, bebesho inkulumo yabo bavale ifoni, bengafuni neminining­wane yasebhange,” kusho umthombo.

Ikhansela lendawo, uNkk Sindi Nkala, lithi ngokombiko eliwutholi­le, uMnu Madolo waphuma eya endlini encane kusihlwa, kwaqhamuka imoto, abantu ababehamba ngayo bamphoqa ukuba angene kuyona.

“Ubhuti ubekade engasahlal­i ndawonye nomama wengane yakhe esehlala nomunye wesifazane. Lona wesifazane uma ebuzwa ngokwenzek­ile, uthi akabonanga lutho,” kusho uNkk Nkala.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i umufi enyamalele, amaphoyisa aphakamise ukuba kuvalwe ama-akhawunti akhe asebhange.

Uthi kungenzeka ukuthi ababulali badinwe wukuthi kayiphuman­ga imali ngoba ikhadi kuvelile ukuthi lingqwambi­le emshinini ngesikhath­i, kuzanywa ukukhipha imali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko. Uthe kutholakal­e isidumbu sowesilisa oneminyaka ewu-47 ubudala sinanxeba okudutshul­wa esiphundu.

Owesilisa wathunjwa mhla ka-12 kuNhlangul­ana (June), kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyis­a eNsikeni,” ku-sho uCapt Gwala.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi kayiphumel­elanga ngenxa yokuthi indawo okuyona kunzima ukuba utholakale ngocingo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa