Ilanga

Uphindwe okwamenza kwiPirates exoshwa

Umqeqeshi uthi bebengeke bakwazi ukuholela umuntu ongadlali

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMQEQESHI weSuperSpo­rt United uveza okulimaze uThabo “Section 10” Qalinge ofakwe amasondo kule kilabhu ayijoyine esuka kwi-Orlando Pirates.

UKaitano Tembo ocija le kilabhu uthe baphoqelek­ile ukumdedela lo mdlali ngoba ubengasekh­o ezinhlelwe­ni zakhe. UQalinge nakwiBucs ubehlushwa wukulimala, okwenze wagcina esephelelw­e yindawo esikimini. Lesi simo siqhubekil­e noma esejoyine iSuperSpor­t.

“Ngikholwa wukuthi uQalinge umoshwe wukulimala njalo.

Abadlali abadlala endaweni yakhe bebeqhubek­a nokugila izimanga.

Lesi simo siholele ekutheni aphelelwe yindawo ekilabhini.

Ikilabhu inomthwalo wokwehlisa izindleko njengoba ishayekile ngenxa yeCovid-19.

Besingeke sikwazi ukuholela umuntu ongadlali ekubeni ikilabhu ishayekile kwezomnoth­o. Simufisela okuhle kodwa empilweni yakhe,” kusho uTembo.

Lo mqeqeshi ubuye waqiniseki­sa indaba ka-Iqraam Rayners ozobajoyin­a uma kuphela isizini njengoba esayine i- pre-contract esuka kwiStellen­bosch FC. Uthi ubefisa ukuthi lo mdlali asheshe abajoyine ukuze ezobamba ngokushesh­a isitayela sekilabhu. Uthi uRayners unekhono elihle lokukwazi ukuqobela amagoli ngendlela esezingeni eliphezulu.

Uthi kuningi asakulinde­le kuAubrey Modiba ongomunye wezethenjw­a zale kilabhu. Lo mdlali ngesizini edlule ushaye amagoli awu-9 kanti kule sizini usenamathi­sele awu-5.

Sekuwumlan­do ukuthi uModiba uvundululw­e ohlelweni lweKe Yona obeluqhuts­hwa ngabadidiy­eli beNedbank Cup engakasong­wa kule sizini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Qalinge ochithwe yiSuperSpo­rt United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTHABO Qalinge ochithwe yiSuperSpo­rt United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa