KUSOLWA IMPI YEMINYAKA KUQOTHWA ABANTU
SIMANZONZO isimo esigodini saseMzulwini, KwaMaphumulo ngenxa yokubulawa kwabantu okuqhubekayo, okusolwa ukuthi kuhlobene nempi yeminyaka kulesi sigodi esingaphansi kwenkosi yakwaNtuli.
Kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-10 abantu asebedlule emhlabeni ngenxa yale mpi okuthiwa indaba yaqalwa ngabafana abancane ememulweni wasendaweni ngo-2017.
Akucaci ukuthi yini eyadala ingxabano, kodwa kuthiwa kukhona abalimala begwazana ngezimboko.
Umthombo weLANGA uthi le ndaba yagcina ingenwa ngabantu abadala emuva kokuba abanye babafana basendaweni bebizelwa ehholo lomphakathi kuthiwa kuyoxoxwa ngale ngxabano, okwathi uma befika bathelwa ngenduku.
Kuthiwa kukhona ababoshwa ngokutalabha laba bafana, kodwa icala laphelela emoyeni. Emuva kwalokho-ke kwaqala ukudutshulwa kwabantu.
Esigamekweni sakamuva, kubulawe owesilisa wakwaXulu khona endaweni, obengcwatshwa ngeSonto. Kukhona noMnu Mlungisi Nene owahlaselwa kubo ngoMbasa (April).
likhulume nelungu lomphakathi elisondelene nomndeni kaMnu Nene, elingeke lidalulwe ngenxa yobucayi besimo. Lithe ukubulawa kwakhe kwenzeke kusaphele izinsuku ezimbili kuphele icala lakhe lokutholakala nesibhamu.
“UMlungisi waboshwa esanda kuphuma lapho ayekade eyolobolela khona umshana wakhe. Amaphoyisa aqonda kuyena yedwa, ambopha esolwa ngokuba nesibhamu esingekho emthethweni.
“Icala ligcine liphela kanjalo. Kwadlula izinsuku ezimbili liphelile, wahlaselwa ngabantu abangaziwa abamfica emi ngaphandle echitha amanzi, bamdubula. Kuze kube manje akaze kuboshwe muntu. Siyazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nale mpi.
“Siyasola abantu abambulala yibona abambophisa, bezwa ukuthi icala liphelile babona kungcono bambulale.
“NgoLwesine nje kungene amaphoyisa kwaNdlovu abafana ababili bakhona bayophoswa imibuzo ngokufa kwalo muntu, kodwa babuye badedelwa," kusho leli lungu lomphakathi.
UMnu Anton Ntuli ongundunankulu wesizwe sakwaNtuli, uvumile ukuthi babhekene nenkinga esineminyaka bezama ukuyixazulula kulesi sigodi, kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
“Ngikhuluma nje, ngoMsombuluko lo esiya kuwona sizobe sinomhlangano nomphakathi sihambisana neziphathimandla zomnyango wezokuphepha komphakathi, sizama ukubhula lo mlilo ,” kusho uMnu Ntuli.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kukaMnu Nene, wathi kuvulwe icala lokubulala.