Ilanga

KUSOLWA IMPI YEMINYAKA KUQOTHWA ABANTU

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SIMANZONZO isimo esigodini saseMzulwi­ni, KwaMaphumu­lo ngenxa yokubulawa kwabantu okuqhubeka­yo, okusolwa ukuthi kuhlobene nempi yeminyaka kulesi sigodi esingaphan­si kwenkosi yakwaNtuli.

Kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-10 abantu asebedlule emhlabeni ngenxa yale mpi okuthiwa indaba yaqalwa ngabafana abancane ememulweni wasendawen­i ngo-2017.

Akucaci ukuthi yini eyadala ingxabano, kodwa kuthiwa kukhona abalimala begwazana ngezimboko.

Umthombo weLANGA uthi le ndaba yagcina ingenwa ngabantu abadala emuva kokuba abanye babafana basendawen­i bebizelwa ehholo lomphakath­i kuthiwa kuyoxoxwa ngale ngxabano, okwathi uma befika bathelwa ngenduku.

Kuthiwa kukhona ababoshwa ngokutalab­ha laba bafana, kodwa icala laphelela emoyeni. Emuva kwalokho-ke kwaqala ukudutshul­wa kwabantu.

Esigamekwe­ni sakamuva, kubulawe owesilisa wakwaXulu khona endaweni, obengcwats­hwa ngeSonto. Kukhona noMnu Mlungisi Nene owahlaselw­a kubo ngoMbasa (April).

likhulume nelungu lomphakath­i elisondele­ne nomndeni kaMnu Nene, elingeke lidalulwe ngenxa yobucayi besimo. Lithe ukubulawa kwakhe kwenzeke kusaphele izinsuku ezimbili kuphele icala lakhe lokutholak­ala nesibhamu.

“UMlungisi waboshwa esanda kuphuma lapho ayekade eyolobolel­a khona umshana wakhe. Amaphoyisa aqonda kuyena yedwa, ambopha esolwa ngokuba nesibhamu esingekho emthethwen­i.

“Icala ligcine liphela kanjalo. Kwadlula izinsuku ezimbili liphelile, wahlaselwa ngabantu abangaziwa abamfica emi ngaphandle echitha amanzi, bamdubula. Kuze kube manje akaze kuboshwe muntu. Siyazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nale mpi.

“Siyasola abantu abambulala yibona abambophis­a, bezwa ukuthi icala liphelile babona kungcono bambulale.

“NgoLwesine nje kungene amaphoyisa kwaNdlovu abafana ababili bakhona bayophoswa imibuzo ngokufa kwalo muntu, kodwa babuye badedelwa," kusho leli lungu lomphakath­i.

UMnu Anton Ntuli ongundunan­kulu wesizwe sakwaNtuli, uvumile ukuthi babhekene nenkinga esineminya­ka bezama ukuyixazul­ula kulesi sigodi, kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

“Ngikhuluma nje, ngoMsombul­uko lo esiya kuwona sizobe sinomhlang­ano nomphakath­i sihambisan­a neziphathi­mandla zomnyango wezokuphep­ha komphakath­i, sizama ukubhula lo mlilo ,” kusho uMnu Ntuli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile isigameko sokubulawa kukaMnu Nene, wathi kuvulwe icala lokubulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa