Ilanga

Phansi ngodlame kwabesifaz­ane

- Thanda “Mnikaziwem­puphu” Chonco KWESAKWAMT­HETHWA

MHLELI: Ngiyafisa kuhlangani­swe bonke laba asebethola­kele namacala okubulala abesifazan­e babuzwe ukuthi yini lena edale bagcina sebegila le mikhuba.

Ngibona singeke siphele lesi sihlava ngoba owesilisa ubulala owesifazan­e qede aboshwe, izwe lingatshel­wa isizathu esiholele ekutheni aze akhiphe umphefumul­o. Sizolokhu sisala siqagela, singazi ukuthi ngempela yini umnyombo wale nto eyenza amadoda aphenduke izilwane.

Ngicela-ke abesifazan­e bazame ukuzimela manje, mhlawumbe nakho ukuqoma owesilisa ngoba uzifunela imali kunawo umthelela wokugcina ubulawa. Abanye kuye kuthi uma uthando lusavutha amalangabi basebenzis­e imithi ethile kanti kuzohamba kube noshintsho othandweni lwabo, owesifazan­e agcine eseqoma okanye esemshiya lona wesilisa.

Kuye kwenzeke-ke endodeni efakwe le mithi kungabi lula ukushiywa ngumuntu emthandayo, ivele ibone umhlaba uyiphelela.

Ngike ngabona ezinkundle­ni zokuxhuman­a abesilisa bebhala ukuthi ukucela intombi wu-R15 000, izinkomo eziwu-11 zibiza u-R66 000 kuya phezulu, kuzoba umkhehlo ngo-R50 000, izibizo bazibalela ku-R40 000 neminye imicikilis­ho engeke ngayibalul­a nayo efuna imali kanjalo nomshado.

Uthola ukuthi owesilisa usehlangan­ise kanzima imali engango-R400 000 imnyaka ngoba ethi ufuna ukuganwa, owesifazan­e avele aqome. Owesilisa usezikwele­tini njalo, usakhokha le mali.

Kokunye owesilisa ubefundisa owesifazan­e emfundweni ephakeme, ekhipha enkulu imali le, owesifazan­e avele aqome emsebenzin­i, akhohlwe yilona wesilisa omenze waze wathola umsebenzi.

Kwenzeke njalo owesilisa ubesekhiph­e eningi imali eyinika owesifazan­e emenzela konke akufunayo. Kangisho ukuthi kunjalo, kodwa ngithe mangithath­e izinkulumo ezikhuluny­wa ngamadoda ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngase ngizihlang­anisa nengizibon­a zingaholel­a owesifazan­e agcine esebulawa ngoba owesilisa esecabanga amandla nobunzima asedlule kubo qede azoshiywa noma ajolelwe.

Abesilisa bayafana, bayahlulek­a wukwamukel­a ukujolelwa, ikakhuluka­zi ngumuntu abasuke sebekhiphe eshisiwe imali ngaye. Noma kunjaloke, zinsizwa zakithi, mina ngithi masehlisen­i imimoya siqinisele kunzima kunjalo.

Kungcono sibayeke kunokubabu­lala, ngoba ukubulala umuntu kuyokwenza uphile kanzima udliwa wunembeza, kuhle sivele sibanikele eNkosini kube yiyona ebonayo.

Imvamisa abanye abantu banokucaba­nga ukuthi konke okwenzayo ukwenza ngoba nithandana, kube lula kubona ukuthi uthando luphelile bafune nowesilisa amukele kalula.

Nani bantu besifazane, khulumani ngezinking­a ningakadal­i ezinye izinkinga. Kayikhulum­eki inkinga sekunenye inkinga. Uma unganelise­ki, mcele umuntu wakho uhlale naye phansi nilungise izinkinga umlekelele ngoba ukujola akusona isixazulul­o.

Kanjalo nathi madoda, masibenze abantu bethu besifazane bakwazi ukuxoxa nathi, singabi nolaka nemibuzo eminingi njengokuth­i lokhu okushoyo ukufundeph­i noma ukuthathap­hi.

Ake sibambisan­e othandweni, sonke sizehlise, sikhulume ukuze sigweme izinkinga. Ngiyafisa abesifazan­e bafunde ukuzimela, bakuyeke ukuthi indoda kumele ibanike imali ngoba le mali anikwa yona angagcina eseyifela ngelinye ilanga.

Phansi ngokudlwen­gula! Phansi ngokubahlu­kumeza! Phansi ngobulwane!

Bantu besilisa, masibathan­de sibanakeke­le, sibahlonip­he abantu besifazane. Bangamaqha­we, sikhona nje yibona. Uma sesibulala amaqhawe ethu asithwala izinyanga eziningi kangaka, ngabe yiyona ndlela yokuwabong­a leyo?

 ??  ?? UMFUNDI uyakhala ngodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.
UMFUNDI uyakhala ngodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa