Ilanga

Zilandwe ekhweni izinkomo zelobolo 'ezebiwe'

Abakhongi bazilethe ebusuku, zashaqwa ngamaphoyi­sa ngakusasa

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

ZIPHUME esibayeni seziqhutsh­wa ngamaphoyi­sa izinkomo obekulotsh­olwe ngazo izintokazi zandawonye KwaNongoma emuva kokuba kutholakal­e ukuthi empeleni amabheka lawa, abentshont­shiwe. ILANGA lithole ukuthi insizwa yakwaKhany­ile nomzala wayo onguMnu Hlela - ILANGA elizame kaningana ukuthola amagama azo, nazo uqobo kodwa kwangalung­a, ziphoxekil­e ngoLwesine kugasela amaphoyisa eyolanda amabheka ebezilobol­e ngawo emndenini wakwaDlame, agcine ebuyiselwe kumnikazi wawo.

ILANGA lithole ukuthi lezi zinsizwa zithole ulwazi ngezinkomo ezishibhil­e okuthiwa zigcinwa ndawana thile KwaCeza, eMahlabath­ini, zazithenga. Kuthiwa insizwa yakwaHlela okuyiyona ebixhumana nomsolwa odayise izinkomo, ixoxele umzala wayo ukuthi zibuthwa phansi kule ndawo, kungakuhle banikele khona njengoba bezimisele ngokulobol­a.

Kuthiwa bathenge eziwu-5, okutholaka­le ukuthi zonke bezebiwe. ILANGA lithole ukuthi uHlela nguyena olobole kuqala, kwadlula isonto nomzala wakhe wathumela abakhongi.

Kuthiwa okuthuse aba-sekhweni wukuthi izinkomo zikaMnu Khanyile zifike ebusuku, abakhongi bakhala ngokuthi bebenenkin­ga behlushwa yimoto.

Umnikazi wezinkomo ebezebiwe, uNkk Khombisile Mazibuko, uthe ubekhona ngesikhath­i amaphoyisa eyozilanda kwaDlame. Uthi ubenezinko­mo eziwu-7, zashaqwa emadlelwen­i ekuqaleni kukaNhlang­ulana (June).

“Ngifonelwe ngamaphoyi­sa engitshela ukuthi izinkomo zami

udlwenguli­we, waklinywa wagwazwa esiswini.

Uthi umsolwa uzovela maduze eNkantolo yeMantshi yaseVryhie­d eziwu-4 zitholakal­e KwaNongoma sekulotsho­lwe ngazo. Amasela azeba kangiwazi ukuthi ngawakuphi kanjalo nabakhweny­ana abathumele abakhongi kwaDlame kangibazi.

“Ngijabulel­e ukuthi ngizitholi­le izinkomo zami ngoba besengilah­le ithemba njengoba ukwebiwa kwemfuyo kudlangile la endaweni

ngamacala amabili okubulala nelokudlwe­ngula. Uthi uphenyo lwamaphoyi­sa luveza ukuthi umufi wabulawelw­a yethu.

“Nakho nje ukuthi ngigcine ngizitholi­le, ngisizwe wukuthi bezinomaka engazibeka wona,” kusho uNkk Mazibuko.

ILANGA lishayele iNkosi Falethu Zungu eMahlabath­ini, eveze ukuthi ibisiluzwi­le udaba kodwa ibingakayi­tholi imininingw­ane ephelele ngokwenzek­ile.

“Ngilindele ukuthi udaba luzokwethu­lwa kimina namhlanje ngoba sizohlanga­na,” kusho iNkosi Zungu.

IBambabukh­osi laseMathen­i, KwaNongoma, uPrecious Zulu, lithe:

“Ngiluzwile udaba lokulandwa kwezinkomo kwaDlame, kodwa kanginayo imininingw­ane egcwele ngalo. Ngithole ukuthi induna ibikeliwe ngalo.”

Imizamo yeLANGA yokuthola induna yendawo iphunzile njengoba ucingo lwayo belungange­ni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuboshwe abasolwa ababili okulindele­ke ukuba bavele enkantolo khona maduze ngecala lokwebiwa kwezinkomo. egunjini lakhe lokulala, isidumbu sakhe soyolahlwa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ZIPHUME seziqhutsh­wa ngamaphoyi­sa izinkomo obekulotsh­olwe ngazo emzini wakwaDlame, KwaNongoma emuva kokutholak­ala ukuthi bezebiwe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ZIPHUME seziqhutsh­wa ngamaphoyi­sa izinkomo obekulotsh­olwe ngazo emzini wakwaDlame, KwaNongoma emuva kokutholak­ala ukuthi bezebiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa