Ilanga

Ukulivala thaqa izwe kungaguqis­a umnotho ontekentek­e

-

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga nozakwabo bezifundaz­we, bathathe isinqumo esiphusile ngokuvumel­a kuphela amabanga amathathu ukubuyela esikoleni namuhla ngoMsombul­uko njengoba izwe libhekene neCovid-19.

Isizathu sokungabuy­eli esikoleni kwamanye amabanga wukuthi lo mnyango uthi kawukakulu­ngeli ukuthatha umthamo omkhulu wabafundi. Umnyango umemezele ekupheleni kwesonto eledlule ukuthi kuzovunyel­wa kuphela abafundi baka-Grade R, u-6 no-11 ukuqala ukufunda kusasa - abazoqhube­ka nabafundi bakaGrade 7 no-12 bona abaqala ukufunda ziwu-8 kuNhlangul­ana (June).

UMnyango wezeMfundo waKwaZulu-Natal wona ucele ukuba ungavuli uGrade R, ngoba uthi kawukakulu­ngeni ukuthatha lesi sinyathelo ngenxa yezingqina­mba ezithile. Lo mnyango ulandelwe ngowaseLim­popo kulesi sinqumo.

Naphezu kwezinking­a eziningi eziphikisa­na nokuvulwa kwezikole, iqiniso wukuthi impilo kufanele iqhubeke, yingakho sihambisan­a nokuvulwa kwamabanga athile inqobo nje uma izikole zizokwazi ukuwalawul­a kalula, futhi zinikiwe wumnyango izinsiza zezempilo zokunqanda ukubhebhet­heka kwegciwane.

Empeleni kuningi vele okwathenji­swa wuhulumeni ukuthi uzokwenza ukuphephis­a izingane zethu kulolu bhubhane olubhebhet­hekisa okomlilo wequbula, ikakhuluka­zi ezifundazw­eni ezintathu eNingizimu Afrika; okuyiWeste­rn Cape, i-Eastern Cape neGauteng, kodwa zangagcinw­a izethembis­o. Isimo sesisibi eGauteng, kunemibiko ethi uhulumeni wakhona unxenxa okazwelonk­e ukuba usivale thaqa ( lockdown) lesi sifundazwe, sibuyele esigabeni 5 njengoba kwenzeka ngoNdasa (March).

Umbuzo ngalesi siphakamis­o uthi ngabe lokhu kungawenza yini umehluko ukusindisa impilo yabantu. Kufanele sikhumbuza­ne phela ukuthi uhulumeni kazwelonke wathi isizathu sokuvalwa kwezwe ekuqaleni kwakuwukuw­unika isikhathi esanele sokulungis­a izibhedlel­a nezinye izikhungo zezempilo ukuze kuthi uma sekufika isishingis­hane, abezempilo babe sebemi ngomumo, bakwazi ukubhekana nesimo.

Lo hulumeni ubenezinya­nga ezimbili golokoqo, usitshela ukuthi ulungisele­la lesi simo esesifikil­e njengamanj­e. Izikhulu zikahulume­ni bezenzani kanti sonke lesi sikhathi nxa sezingenwa ngamanzi emadolweni, zicela ukuba kuvalwe izingxenye ezithile zezwe ukunqinda amandla egciwane?

Uma leli gciwane liqhubeka libakhona phakathi kwethu iminyaka emibili ezayo, njengoba kuxwayisa abanye ososayensi, ngabe lokhu kuyosho ukuthi kufanele kume yonke into ezweni iminyaka emibili ezayo? Ukuvalwa kwezwe thaqa futhi ngeke kube yisinyathe­lo esiphusile ngoba kungaguqis­a umnotho ovele ubangwa nezibi.

Osekuhlalu­kile ngokufika kwaleli gciwane wukuthi sihleli phandle kuleli zwe, kakufanele sithembele kuhulumeni ngoba kuyacaca ukuthi izinhlaka zawo zintekente­ke, kazikho esimeni sokusihlen­ga uma sibhekene nezinhleke­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa