Ilanga

OWEDOWNS UDALULA UKUTHI KUDALA BAMHALELA UMALULEKA

- MFANAFUTHI NDLOVU

INOVALO ngokunyuka kwesibalo sabahaqwe yiCovid-19 iMamelodi Sundowns ehlela ukuqala amalungise­lelo okuqedela imidlalo esele yakule sizini namuhla ngoMsombul­uko.

Amakilabhu asegunyazi­we ukuqala ukuziqeqes­ha, kodwa abekelwe imibandela enzima okumele ayilandele ngaphambi kokwenza lokhu.

UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weDowns, utshele ILANGA izolo ngeSonto ekuseni ukuthi sebekwenze konke obekudinge­ka.

Uthi bahlele ukuqala namuhla ukuziqeqes­ha. Nokho-ke ukugcizele­le ukuthi izolo bese belinde imiphumela yabadlali abambalwa.

Okusabisa uMngqithi wukuthi sekunenqwa­ba yabadlali kwiPremier Soccer League (PSL) osekuvele ukuthi bahaqekile.

“Konke sekumi ngomumo ngasohlang­othini lwethu. Sesikulung­ele ukuhlangan­a kusasa (namuhla ngoMsombul­uko) kwazise sekusele imiphumela yabadlali abambalwa.

"Sikholwa wukuthi nayo izofika maduze. Abadlali sebejahe kabi ukuqala ukuzivocav­oca,” kusho uMngqithi onqobise iLamontvil­le Golden Arrows iMTN8 ngo-2009.

Lo mqeqeshi uthi yize benovalo ngokunyuka kwesibalo sabahaqwe yilo mkhuhlane, bazokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abadlali nezikhulu zekilabhu baphephile.

“Yebo kukhona ukwesaba kodwa sizoqinise­kisa ukuthi silandela imithetho ebekiwe yezempilo.

"Sizimisele ngokufaka ingcindezi kwiKaizer Chiefs esesicongw­eni,” kusho lo mqeqeshi osanda kuvuselela inkontilek­a yakhe nale kilabhu. Uthi uGeorge Maluleka obedlala kwiChiefs, uzongena khaxa esitayelen­i sabo. Uthi bese kunesikhat­hi eside bemhalela kodwa bengakwazi ukumthola ngenxa yokuthi ubesenenko­ntileka neChiefs agcine engayelula­nga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa