Ilanga

Isibindi efa nezigebeng­u ebezimduna imoto

Udubule wabulala abaduni ababili, kwembulwa kwembeswa kowesithat­hu

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UCASULWE yiziqashi zakhe ebezingayi­khokhanga imali yerenti waqoma ukulengisa indodana yakhe ayibulale naye wazilengis­a owesilisa waseNtshaw­ini, KwaDukuza.

UMnu Msezane Mathebula (53), okuthiwa uzilengise nendodana yakhe uNkosikhon­a Mathebula (4), ngoMsombul­uko emzini wakhe, ushiye iheheba lencwadi exolisa emndenini ngesinqumo asithathil­e.

Kuthiwa utshele umndeni wakhe kuleli heheba ukuthi ubengeke akwazi ukufa ashiye indodana yakhe kwazise ubengeke akuthole ukuphumula ngoba bebekhonze­ne kakhulu futhi bengahluka­ni.

lithole ukuthi ngaphambi kokuba azibulale uMnu Mathebula - okuthiwa ubewukhonz­e kakhulu umndeni wakhe - uxoxele indodakazi yakhe endala ukuthi kunabantu abaqashe endaweni yakhe abangamphe­the kahle, kabafuni ukukhokha imali yerenti ephelele, sekunesikh­athi benza le nto.

Kuthiwa uyitshele ukuthi lokho sekuze kwagcina kuholele ekutheni axabane nalezo ziqashi. Kusolwa ukuthi uzibulala nje, ubesenesik­hathi ekuhlelile lokhu njengoba kuthiwa uhambile wayothenga intambo entsha ceke yokukhulek­a izimbuzi, wayigcina emotweni ukuze inkosikazi nezingane bangayibon­i.

Kuthiwa umkakhe - obebuya ukuyohola - ucishe washayeka phansi ngesikhath­i ezithela ezidunjini zilenga endlini eceleni kunencwadi ebhalwe nguMnu Mathebula.

Umfowabo kamufi, uMnu Thembinkos­i Mathebula, obezwakala ngisho ocingweni ukuthi usamangele ngesi-nqumo somfowabo, uthe: “Umfowethu ubeyithand­a kakhulu indodana yakhe, bebengahlu­kani, ubuhlale umfica ehamba nayo.

“Ngisho eshayela ubeyigona esiteringi­ni ashayele nayo, kodwa yize kunjalo, bekungafan­ele athathe isinqumo sokuzibula­la nayo uma kukhona okumphethe kabi.

“Indodakazi yakhe endala ithi uyixoxele ukuthi uke waphazamis­ana nezinye iziqashi zakhe, edinwa wukuthi kazimkhokh­eli kahle imali yerenti, kodwa yize kunjalo siyasola ukuthi kukhona okunye obekungamp­hethe kahle angasitshe­langa khona.

“Bengingekh­o ngesikhath­i kwenzeka lokhu bengisemzi­ni wami, ngithole ucingo mayelana nokutholak­ala kwezidumbu endlini. Ngiyasola ukuthi umfowethu ubesevele ekuhlelile ukuthi uzozibulal­a ngale ndlela wabe eselinda inkosikazi yakhe ukuba iqale ihambe ngaphambi kokuba azibulale ngoba ubazi ukuthi izohamba iyohola iqolo.

“Into engenza ngisho njalo wukuthi inkosikazi yakhe ibingajway­ele ukuhamba ngamatekis­i uma kukhona indlela eyithathay­o, ubejwayele ukuyihambi­sa ngemoto, kodwa kulokhu uyiyekile yazigibele­la,” kusho uMnu Mathebula.

Uchaze umfowabo njengomunt­u obengakukh­onzile ukukhuluma futhi engenalo udlame. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokubulala nedokodo lophenyo ngokuthola­kala kwezidumbu ezimbili. Uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

 ??  ?? NGUNKOSIKH­ONA Mathebula uyise azibulale naye ecasulwa yiziqashi.
NGUNKOSIKH­ONA Mathebula uyise azibulale naye ecasulwa yiziqashi.
 ??  ?? NGUMNU Msezane Mathebula okuthiwa uzilengise nendodana yakhe.
NGUMNU Msezane Mathebula okuthiwa uzilengise nendodana yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa