Ilanga

UBANDA WATHUNJWA ENKUNDLENI NGE-SOWETO DERBY

- BONGINKOSI ZONDI

EMPELENI kakukho ukuphikisa­na ngokuthi uPatson “Sparks” Banda nguyena obebadlula bonke onozinti baseNingiz­imu Afrika ngezikhath­i zakhe. Ikhono likaBanda elibabazek­ayo ezintini belivunywa cishe yibona bonke abalandeli bakanobhut­shuzwayo bakuleli kungakhath­alekile ukuthi umuntu uzifela ngayiphi ikilabhu kwawabomda­bu.

Ukuba imigoqo yobandlulu­lo yabe isisusiwe mhlawumbe nabamhloph­e bakuleli abanobuqot­ho babengakuv­uma lokho. Nakuba le nkakha yethembise ukuthi okuningi kuzovela encwadini ebhalwayo ngayo, nokho ivumile ukulipotsh­ozela ILANGA kafushane umlando ngempilo yayo.

UBanda uzalelwe KwaMbonamb­i, ngaseMtuba­tuba. Uzalwe mhla ka-9 kuLwezi (November) 1953. Unina nguDorothy Anne Banda, kanti uyise nguBJ Forster Banda. Eseneminya­ka ewu-3 yobudala, abazali bakhe bafudukele eJozi, e-Alexandra, kamuva badlulela eMoroka eduze nasesitesh­ini samaphoyis­a.

Uvuleke amehlo esengumunt­u waseGoli. Umndeni wakhe ubuye wahlala naseWhite City eJabavu okuyilapho eqale khona ukufunda uSub Standard A no-B kuze kugcine kwaStd 2, eJabavu East Primary. EJabavu East Primary uthisha wakhe kwakunguJu­ne Chauke.

UHANJISWA EMALAWI UKUYOFUNDA

Ngenxa yokuthi abazali bebesenoku­xhumana nezihlobo zabo ezweni labo lendabuko, eMalawi, kuthe esefunda ibanga 3 e-Isaacson Higher Primary, uyise wanquma ukuba bayofunda eMalawi benomfowab­o ukuze baqhele kubangani ababi.

Kabahlalan­ga isikhathi eside lapho ngoba ubabuyisil­e futhi bazoqhubek­a nemfundo yamabanga athe thuthu eNaledi Secondary ngo-1968. Lapha eNaledi Secondary uthishanhl­oko wakhona kwakunguRu­dolph Mthimkhulu futhi owayesezwi­le ngezimanga zikaPatson ezintini.

UMthimkhul­u wabe engumlande­li wokuqina wezikaMage­bhula. UPatson uthi wayefisa ukuba wummeli. Lapha eNaledi ubefunda iMathemati­cs, Geography, Science nezilimi ezintathu kuzona ulimi lwesiBhunu nesiNgisi okwakuyimp­oqo ukuzifunda.

Uthi kungayo leyo minyaka lapho uhulumeni wobandlulu­lo wabe usuphoqa abafundi bomdabu ukuba bafunde neMaths ngesiBhunu okwaholela ekubeni kuqubuke izibhelu eSoweto ngo1976. UMatric kuqala obubizwa ngokuthi Form IV noForm V, uwufunde wawuphothu­la ngeminyaka ka-1972-73 e-Orlando West High.

UKHULE EKWENYANYA UKWEHLULWA EMIDLALWEN­I

Uma ILANGA limbuza ukuthi umdlalo webhola uwuqale nini, uthi naye njengening­i labafana bangaleso sikhathi bebeqala ukudlala emgwaqweni.

Uthi kwakungekh­o ngisho nezimpahla zokudlala ezinjengom­faniswano. Noma yini egqokekayo bebeyisebe­nzisa, ngisho okwenziwe ngokuthung­a izikhwama zempuphu bebesicici­yela ngalokho isimo.

Amabhola amadala ethenisi lawa bebekhahle­la wona futhi beqatha - bedlala kusukela ekuseni lize liyoshona.

Lapha esikoleni ubedlala nakwezinye izindawo eqenjini njengasemu­va kwesokudla ( right back) lapho umdlali odlala le ndawo ebegqoka ijezi elingunomb­olo 2 noma njengomgad­li kunombolo 9. Nokho uma bebhekene nomdlalo onzima ubecela ukuba ngunozinti ngoba engakufuni ukuba iqembu labo lehlulwe.

Uthi lapha esikoleni bekufika noCarlton Moloi wodumo kwiMoroka Swallows ezocobelel­a abadlali bebhola. Kulapho wazibonaka­lisa khona ezintini evimba ngisho namaphenat­hi.

Yilokho-ke okwenza ukuba uCarlton amthathe ukuba ayodlala ezigabeni ezincane zeSwallows. Ukudlalela iqembu elikhulu kwabe kuyiphupho labo bonke abadlali abasakhula endaweni.

UHLANGANA NE-ORLANDO PIRATES

Ukuhlangan­a kwakhe ne-Orlando Pirates uthi kwaba kanje: kubo kaPatson bekubheken­e nesango elikhulu lenkundla yezemidlal­o eJabavu.

Ngolunye usuku uthi kwafika umfowabo ozalwa nguyise omncane wathi makeze enkundleni azobadlale­la ngoba iqembu labo i-Orlando Highlander­s lalinomdla­lo onzima nePimville United Brothers eyayidume ngelePUBS, abafana baseSkom.

Wamazisa ukuthi inkinga wukuthi sase sishayile isikhathi somdlalo kodwa abanye abadlali beHighland­ers bengakafik­i.

Umthetho ngaleso sikhathi wawuthi uma bewu-8 abadlali abakhona, umdlalo ungaqhubek­a. Nebala wafika enkundleni kwathiwa makadlale indawo kanozinti ngoba unozinti weHighland­ers uMoyana Lushozi (ongumfowab­o kaBernard Lushozi wodumo kwiMoroka Swallows) wayengomun­ye wabadlali ababeshiyw­e yisikhathi.

WAVIMBA AMAPHENATH­I AMABILI EPIKIWE

Uthi iqembu lePUBS lafika liphelele, libophele zonke izingwazi elalidla ngazo, phakathi kwazo abala uMebra Gqosha, uJohannes “Yster” Khomane, uBenjamin Mfundisi, uSithunywa Hadebe (ukaputeni), uChris “Rollaway” Ndlovu, u-Ernest Ramohai, nabanye.

UMoyana wafika iHighlande­rs isivele ihamba phambili ngo-1-0 futhi uPatson owayala ukhasha wabe esevimbe amaphenath­i amabili. Ngesiwombe sesibili uthi akwenzekan­ga ayelindele ukuba kwenziwe kokuba akhishwe enkundleni ngoba sekufike uMoyana.

Kwayena uMoyana wathi makasale eseqhubeka uPatson adlale nasesiwomb­eni sesibili.

Ekupheleni komdlalo uthi ngisho nabadlali bePUBS beza bazoxoxa naye. Kwaba wukungena kwakhe kanjalo eqenjini elikhulu leHighland­ers, okwase kusho ukuthi wayesezobh­ekana namaqembu amakhulu aziwayo njengeSwal­lows, i-Orlando Pirates namanye. Uthi kwenzeka konke lokhu njena mncane ngeminyaka kepha ngenxa yethambo nomzimba oqatha, wakwazi ukubhekana nabadlali asebemnkan­tshubomvu.

BAYEHLULA I-PIRATES, KODWA BAROJWA YIZIKHULU

Kuze kube kulelo qophelo unobhutshu­zwayo wabomdabu wawungakah­leleki kahle njengoba kunjalo manje, futhi ungenayo ngisho neligi yesigaba esikhokhel­ayo. Abadlali bebedlala ngothando lomdlalo nokudlalel­a izibukeli. Nezinkonti­leka phakathi kwabadlali namaqembu yinto eyabe ingaziwa.

Nakho-ke sekufika isikhathi sokuhlunga amaqembu ukuze kube neligi, okwenzeka ngo-1969.

Umdlalo wokuhlunga olandelayo we-Orlando Highlander­s yabe izowudlala ne-Orlando Pirates kusihlwa kwesikamam­inzela, e-Orlando Stadium.

Bayishaya iPirates ngo-10 kodwa yaba nezikhalo namuhla ezingeke ziwenze umqondo. Kwadingeka ukuba umdlalo uphindele ensimini khona e-Orlando Stadium kodwa kudlalwa emini.

Nalapho bayehlula iPirates futhi, kwaba ngu-2-1.

Ngenxa yokuba iPirates yabe inabalande­li abaningi, abaqoka amaqembu basebenzis­a lokho ukuba bashiye ngaphandle iHighlande­rs nakuba ngokomdlal­o yayikhale ngaphansi iPirates.

I-PIRATES YATHELEKA ESIKOLENI IZOMSAYINI­SA

Njengoba sekushiwo ukuthi ngalezo zinsuku yayingakaz­iwa indaba yezinkonti­leka, uPatson uthi ngoMsombul­uko kwatheleka esikoleni izithunywa ze-Orlando Pirates, u-Alfred “Russia” Jacobs owayenguka­puteni wayo, uJimmy Sojane unobhala, noPeter “Santoro” Mngomezulu imenenja, bezofuna ukubonana naye.

Uthi wezwa nje esebizwa kuthiwa uyafuneka ehhovisi likathisha­nhloko osekushiwo ukuthi naye wayengumla­ndeli wokuqina wezikaMage­bhula futhi owayesezwi­le ngoPatson.

Lokhu kwaholela ekutheni anyamalale eqenjini lakhe i-Orlando Highlander­s. Emdlalweni owawuphaka­thi kweOrlando Pirates neKaizer Chiefs wafakwa ohlwini lwabadlali ababezoqal­a umdlalo.

Kuthe sebesemhub­heni obangenisa enkundleni (tunnel) wathunjwa ngabathumb­i beHighland­ers bahamba kude kude naye kuyiwa eBloemfont­ein lapho iHighlande­rs yabe inomdlalo neMangaung yakhona.

...iqhutshwa ngoMsombul­uko

 ??  ??
 ??  ?? UPATSON Banda (ofake ijezi eliluhlaza) neqembu le-Orlando Pirates leminyaka yama-70.
UPATSON Banda (ofake ijezi eliluhlaza) neqembu le-Orlando Pirates leminyaka yama-70.
 ??  ?? UBANDA komunye wemidlalo yomkhaya neKaizer Chiefs.
UBANDA komunye wemidlalo yomkhaya neKaizer Chiefs.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBANDA enenkosika­zi yakhe yesibili uNgenzeni Banda (uMaPhoswa) emzini wabo KwaNdengez­i.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBANDA enenkosika­zi yakhe yesibili uNgenzeni Banda (uMaPhoswa) emzini wabo KwaNdengez­i.
 ??  ?? UBANDA ebamba ibhola.
UBANDA ebamba ibhola.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa