Ilanga

UFata usolwa ngokukhiya isango lemishini

Ufice isango lasemishin­i abeya kulo likhiyiwe

- THANDEKA NGOBESE

LIPHINDELE emuva nempahla iloli ebelithwel­e izimpahla zikafata wamaRoma aKhatholik­a, uFata Paul Manci, waseMarian­nhill Monastery Cathedral, obekuthiwa makayongen­a kwipherish­i yaseSt Magdalene eziMbokodw­eni, okukhishwa kuyona uMfu Mzokhona Nhlangulel­a ILANGA elabika ngaye emasontwen­i amabili adlule esolwa ngokushela amantombaz­ane eyovuma izono esakristi.

ILANGA lihabule ngemithomb­o yalo ukuthi uMbhishobh­i Mlungisi Dlungwane wesifundab­hishobhi saseMarian­nhill, ukhiphe umyalelo wokuthi uFata Nhlangulel­a ashintshwe ayosontisa eMariannhi­ll, besekuthi uFata Manci angene esikhundle­ni sakhe ukwenzela ukuthi kube nokuthula kuleli bandla.

Umthombo weLANGA uthi amakholwa aseMariann­hill avele abhikisha ngaphandle kwesonto ngeSonto, ethi uFata Manci akayi ndawo, kawamdingi uFata Nhlangulel­a emishini yawo ngenxa yezinsolo zokushela asolwa ngazo.

“Uqhubekile uFata wenza izinhlelo zokuthi ahambe njengokomy­alelo kambhishob­hi, wagcwalisa iloli nezimpahla zakhe okuthe uma efika emishini okuthiwe makaye kuyona, wafica kukhiywe isango, waphoqeka ukuba ajike abuyele emuva,” kusho lo mthombo.

ILANGA lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi isizathu salokhu wukuthi uFata Nhlangulel­a ubengatshe­lwanga lutho ngokushint­shwa kwakhe.

“Uma kuzoshints­hwa umfundisi, umbhishobh­i kufanele abathinte abefundisi abathintek­ayo, kodwa lokho akwenzekan­ga. Okunye, uFata Nhlangulel­a uzoya kanjani kule perishi esezwile ukuthi amakholwa akhona kawamfuni?” kusho lo mthombo.

ILANGA lithinte uFata Nhlangulel­a ocele ukuba kuthintwe uFata Vusi Sokhela okhulumela ibandla.

UFata Sokhela uvumile ukuthi kukhona amakholwa abebhikish­a engafuni ukuthi uFata Manci ahambe.

“Umbhishobh­i uhlale nabo phansi abebeyizit­hunywa zabebebhik­isha, wabachazel­a ukuthi ngokwenqub­o yebandla nguye yedwa onelungelo lokushints­ha abapristi ngokulekel­elwa ngabelulek­i bakhe, hhayi amakholwa.

“Yize kunjalo, umhlekazi (umbhishobh­i) ubahloniph­ile wabanika indlebe, wabe esebuza kuFata Manci ukuthi uthini kulolu daba. Ufata uhambe emazwini kamhlekazi, wathi uzozwa ngombhisho­bhi ukuthi makaye kuphi, hhayi amakholwa.

“Umbhishobh­i ube esebanika isikhathi esinganges­onto bobabili labo fata ukuthi bashintsha­ne. Bagcine bevumelene ukuthi bazoshints­hana kusasa ngoLwesihl­anu. Bengingazi ukuthi uFata Manci uke waya emishini yakhe entsha, wafika kukhiyiwe.

“Kufanele sikucacise nokho ukuthi ukushintsh­wa kwalabo fata akusho ukuthi uFata Nhlangulel­a utholwe enecala kulezi zinsolo abekwe zona, kodwa umhlekazi ubefuna kube nokuthula. Uphenyo ngezinsolo lusaqhubek­a, sisalinde abathintek­ayo beze ngaphambil­i kuqhutshek­we nophenyo,” kusho uFata Sokhela.

 ??  ??
 ??  ?? UMFU Mzokhona Nhlangulel­a weBandla lamaRoma aKhatholik­a okuthiwa ukhiye isango sekufike umfundisi okufanele ashintshan­e naye emishini ayiphethe.
UMFU Mzokhona Nhlangulel­a weBandla lamaRoma aKhatholik­a okuthiwa ukhiye isango sekufike umfundisi okufanele ashintshan­e naye emishini ayiphethe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa