LIBHACILE IKHANSELA LISABA OZAKWABO
LISEKUBHACENI ikhansela lakuward 13 eMboza, KwaMhlabuyalingana, elithi lishiye umuzi walo ngoLwesihlanu oludlule emuva kokuncinzwa indlebe yingxenye yezinkabi ezithe bezithunywe ukuba zilendisele koyisemkhulu.
Lisola amalungu eqembu lalo, i-ANC, ngalokhu.
Ekhuluma neLANGA ngoMsombuluko uMnu Johnson Gwala (59), ophethe leli wadi ngethikithi le-ANC, uthe akakungabazi ukuthi impi isuka eqenjini lakhe njengoba kunabangagculisekile ngokuhlala kwakhe kwesobukhansela.
Lo mholi waqala ukuba yikhansela ngo-2011, wathola ihlandla lesibili ngo-2016, okuyilapho ethi waqala ukuthola izinsongo kubantu abaziwayo futhi abahlonishwayo endaweni.
“NgoLwesihlanu ngibizelwe emhlanganweni okuthiwe ngowomphakathi, okuthe ngisazilungiselela, kwathiwa kawusekho. Ngezithuba zantambama, ngibone kungena abafana engingabazi, bangiyalela ukuba ngiphume ngokushesha nginyamalale emzini wami.
“Nangempela ngikwenzile lokho, ngabona kunabantu abebengaphandle komuzi wami, kodwa bona kabangibonanga. Laba bafana bangitshele ukuthi kunabanye abantu abahamba nabo abathunywe ukuba bazongibulala.
“Udaba lwami ngilubikile nakwamasipala kanti nomuzi wami ungaphansi kweso lamaphoyisa,” kuchaza uMnu Gwala.
Uthi ucabanga ukuthi indaba yoniwe wudaba lwesiphakamiso esenziwe yiqembu lakhe sokuba lungabe lusaba khona ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo, luze lube khona kanye nolukazwelonke.
Utshele ILANGA ukuthi uhlaliswe lubhojozi ngabantu abaziwayo emphakathini, akholwa wukuthi yibona abamthengele izinkabi.
“Omunye ngamehlula okhethweni lwangaphakathi kwi-ANC ngo-2011, okwathi sengidle umhlanganiso wokuphatha iwadi, wathi ngeke yena aphathwe yimi. Enye inkinga engidalele isigcwagcwa kuyena wukuthi ngonyaka ophelile ngaphumela obala ngokungahambisani nesenzo sakhe sokuvumela abafundi ukuba bahlale endaweni yakhe yokucima ukoma bankunke utshwala nezidakamizwa ngesikhathi sokufunda.
“Omunye wabahola umkhankaso wokuba ngigudluzwe ngokubulawa, yisisebenzi soMnyango wezeMfundo eMkhanyakude naso engehlula inkosikazi yaso ngo-2016,” kusho yena.
USomlomo kaMasipala waKwaMhlabuyalingana, uNkk Busisiwe Tembe, uthe uMnu Gwala umbikele ngalolu daba.
Uthe umyalele ukuba axhumane nezinhlaka zomthetho. Uqhube ngokuthi umasipala ngokubambisana nemeya yawo, uMnu Nkululeko Mthethwa, bazokwenza okuthile ukuqinisekisa ukuphepha kwalo mholi, kodwa bazokwenza lokho belandela uphenyo lwamaphoyisa ngemibiko yalolu daba.
UNobhala we-ANC esiyingini se-ANC iFar North, uMnu Sphile Mdaka, uthe kuzoqalwa uphenyo olunzulu ngezinkinga ezibikwa kuleya ndawo. Uthe okwamanje akanayo imininingwane ephelele ngodaba lozungu olwakhelwa ikhansela lakule ndawo.
Induna yendawo, uMnu Nduna Jobe, ithe ihlela ukubiza umhlangano wesigungu sayo nawo onke amadoda asendaweni kubhungwe ngalolu daba ukuze kutholakale umnyombo nomsuka walo.
Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala okanye izinsolo zokuyiswa kwagoqanyawo ezibikwe esiteshini samaphoyisa aseJozini.