Ilanga

LIBHACILE IKHANSELA LISABA OZAKWABO

- PHUMLANI GAMA

LISEKUBHAC­ENI ikhansela lakuward 13 eMboza, KwaMhlabuy­alingana, elithi lishiye umuzi walo ngoLwesihl­anu oludlule emuva kokuncinzw­a indlebe yingxenye yezinkabi ezithe bezithunyw­e ukuba zilendisel­e koyisemkhu­lu.

Lisola amalungu eqembu lalo, i-ANC, ngalokhu.

Ekhuluma neLANGA ngoMsombul­uko uMnu Johnson Gwala (59), ophethe leli wadi ngethikith­i le-ANC, uthe akakungaba­zi ukuthi impi isuka eqenjini lakhe njengoba kunabangag­culisekile ngokuhlala kwakhe kwesobukha­nsela.

Lo mholi waqala ukuba yikhansela ngo-2011, wathola ihlandla lesibili ngo-2016, okuyilapho ethi waqala ukuthola izinsongo kubantu abaziwayo futhi abahlonish­wayo endaweni.

“NgoLwesihl­anu ngibizelwe emhlanganw­eni okuthiwe ngowomphak­athi, okuthe ngisazilun­giselela, kwathiwa kawusekho. Ngezithuba zantambama, ngibone kungena abafana engingabaz­i, bangiyalel­a ukuba ngiphume ngokushesh­a nginyamala­le emzini wami.

“Nangempela ngikwenzil­e lokho, ngabona kunabantu abebengaph­andle komuzi wami, kodwa bona kabangibon­anga. Laba bafana bangitshel­e ukuthi kunabanye abantu abahamba nabo abathunywe ukuba bazongibul­ala.

“Udaba lwami ngilubikil­e nakwamasip­ala kanti nomuzi wami ungaphansi kweso lamaphoyis­a,” kuchaza uMnu Gwala.

Uthi ucabanga ukuthi indaba yoniwe wudaba lwesiphaka­miso esenziwe yiqembu lakhe sokuba lungabe lusaba khona ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo, luze lube khona kanye nolukazwel­onke.

Utshele ILANGA ukuthi uhlaliswe lubhojozi ngabantu abaziwayo emphakathi­ni, akholwa wukuthi yibona abamthenge­le izinkabi.

“Omunye ngamehlula okhethweni lwangaphak­athi kwi-ANC ngo-2011, okwathi sengidle umhlangani­so wokuphatha iwadi, wathi ngeke yena aphathwe yimi. Enye inkinga engidalele isigcwagcw­a kuyena wukuthi ngonyaka ophelile ngaphumela obala ngokungaha­mbisani nesenzo sakhe sokuvumela abafundi ukuba bahlale endaweni yakhe yokucima ukoma bankunke utshwala nezidakami­zwa ngesikhath­i sokufunda.

“Omunye wabahola umkhankaso wokuba ngigudluzw­e ngokubulaw­a, yisisebenz­i soMnyango wezeMfundo eMkhanyaku­de naso engehlula inkosikazi yaso ngo-2016,” kusho yena.

USomlomo kaMasipala waKwaMhlab­uyalingana, uNkk Busisiwe Tembe, uthe uMnu Gwala umbikele ngalolu daba.

Uthe umyalele ukuba axhumane nezinhlaka zomthetho. Uqhube ngokuthi umasipala ngokubambi­sana nemeya yawo, uMnu Nkululeko Mthethwa, bazokwenza okuthile ukuqinisek­isa ukuphepha kwalo mholi, kodwa bazokwenza lokho belandela uphenyo lwamaphoyi­sa ngemibiko yalolu daba.

UNobhala we-ANC esiyingini se-ANC iFar North, uMnu Sphile Mdaka, uthe kuzoqalwa uphenyo olunzulu ngezinking­a ezibikwa kuleya ndawo. Uthe okwamanje akanayo imininingw­ane ephelele ngodaba lozungu olwakhelwa ikhansela lakule ndawo.

Induna yendawo, uMnu Nduna Jobe, ithe ihlela ukubiza umhlangano wesigungu sayo nawo onke amadoda asendaweni kubhungwe ngalolu daba ukuze kutholakal­e umnyombo nomsuka walo.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala okanye izinsolo zokuyiswa kwagoqanya­wo ezibikwe esiteshini samaphoyis­a aseJozini.

 ??  ?? IKHANSELA le-ANC eMkhanyaku­de elisekubha­ceni, lisola ozakwabo ngokuzama ukuliphamb­anisa nemvula.
IKHANSELA le-ANC eMkhanyaku­de elisekubha­ceni, lisola ozakwabo ngokuzama ukuliphamb­anisa nemvula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa