Ilanga

Sikhulu isililo kushona owe-ANC

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KULILA namaqembu aphikisayo ngokudlula emhlabeni komkhulume­li weANC KwaZulu Natal, uMnu Ricardo Mthembu, odlule emhlabeni izolo ngoLwesith­athu esibhedlel­a saseBallit­o.

UMnu Mthembu kuthiwa udlule emhlabeni ngokugula okuhambisa­na neCovid-19.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, ungomunye wabaholi ababhonge emswanini ngokudlula kukaMnu Mthembu.

“Egameni leDA KwaZulu-Natal, ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kamhlonish­wa uMthembu nasemndeni­ni wakhe wezepoliti­ki, i-ANC,” kusho uMnu Mncwango oveze ukuthi usuku lwayizolo lube ngoludabuk­isa kakhulu KwaZulu-Natal.

Umchaze njengomuny­e wabaholi abebezinik­ele.

“Silahlekel­we kakhulu, esingakush­o nje wukuthi umphefumul­o wakhe sengathi ungaphumul­a ngokuthula,” kusho uMnu Mncwango.

UMengameli we-IFP ophinde ahole leli qembu eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uMnu Velenkosin­i Hlabisa, naye udlulise amazwi enduduzo. Uchaze uMnu Mthembu njengomhol­i obezinikel­e ngemibono yakhe eyakhayo.

Uveze ukuthi uzokhumbul­eka ngokuba ngumuntu okhululeki­le futhi onobungani.

“Nakanjani kuzovuleka esikhulu esikhala esishayamt­hetho ngokudlula kwakhe emhlabeni. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMthem­bu naseqenjin­i lakhe, i-ANC,” kusho uMnu Hlabisa.

USomlomo weSishayam­thetho saKwaZulu-Natal, uNkk Nontembeko Boyce, uthe lezi zindaba zibashaqis­ile kakhulu, kwazise bebesalind­ele lukhulu ebuholini bukaMnu Mthembu.

Umchaze njengobezi­nikele ekwenzeni umsebenzi wakhe wokuhola ikomidi loMnyango wezoHulume­ni baseKhaya nezoMdabu KwaZulu-Natal.

UMnu Mdumiseni Ntuli, ongunobhal­a we-ANC esifundazw­eni, uthe leli qembu lilahlekel­we kakhulu ngoMnu Mthembu njengoba ubengagcin­i ngokulikhu­lumela, kodwa ubebuye alimele esishayamt­hetho.

Uthe miningi neminye imisebenzi ajutshwe yona yileli qembu futhi wayenza ngokukhulu ukuzinikel­a. Unxuse ozakwabo kwi-ANC ukuba bangadikib­ali ekulweni nalesi sifo njengoba sekucacile ukuthi sidla fumuka, sidla silaza.

UNdunankul­u waKwaZulu

Natal, uMnu Sihle Zikalala, uthe uMnu Mthembu udlule ngokukhulu ukuzuma kanti basashaqek­ile ngalezi zindaba.

Ngaphambi kokukhulum­ela i-ANC, uMnu Mthembu ubeyimeya yaKwaDukuz­a amahlandla amabili, kanti uqokwe izikhawu ezintathu ekubeni nguSihlalo we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza ngaphambi kokuba ajoyine isishayamt­hetho ngonyaka odlule.

Ngo-2018 wahlonishw­a ngeziqu zobudokote­la zeTheology yi-Independen­t Theology Institute.

Ubesesigun­gwini esiphezulu seANC esifundazw­eni (KZNPEC).

 ??  ?? UMNU Ricardo Mthembu, obekhulume­la i-ANC KwaZulu-Natal, udlule emhlabeni izolo kanti kubikwa ukuthi uthathwe yizimo ezihambisa­na neCovid-19.
UMNU Ricardo Mthembu, obekhulume­la i-ANC KwaZulu-Natal, udlule emhlabeni izolo kanti kubikwa ukuthi uthathwe yizimo ezihambisa­na neCovid-19.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa