Ilanga

BABULAWISW­A OKWEZILWAN­E ABANTU EMANGWENI

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIMANZONZO isimo eMangweni, eMtshezi, njengoba zilokhu ziqhubeke njalo izigameko zokubulawa kwabantu kuleya ndawo engaphansi kobukhosi bakwaMazib­uko, okusolwa ukuthi kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo.

Esigamekwe­ni sakamuva, ngoMgqibel­o kudutshulw­e kwabulawa uMnu Sfiso Zwane esigodini saseNyezan­e okuthiwa uvukelwe ngabantu bamdubula eya kwamfowabo lapho bekushone khona ilungu lomndeni, okuthiwa lidutshulw­e labulawa eThekwini.

Kuthe abantu besathuswe wukubulawa kukaMnu Zwane, ngeSonto kwadutshul­wa kwabulawa uMnu Mthokosizi “Mdodovu” Mazibuko waseMnyang­weni, khona eMangweni kanti nakhona lapho kusolwa ukuthi kuhlobene nokubulawa kwabantu okuqhubeka­yo kuleya ndawo.

Kwenzeka lokhu nje, ngoNdasa (March), ILANGA labika kabanzi ngesigamek­o sokudutshu­lwa kubulawe amakhehla amabili, okungoMnu Ngibe Mazibuko (70) nomngani wakhe, uMnu Mayidongo Mazibuko (71).

Kubikwa ukuthi kuphinde kwabulawa uMnu Dumisani Zwane owadutshul­wa ekwakhe, kwahlaselw­a uMnu Robert Mazibuko, owadutshul­wa ehamba ngemoto.

Ngokuthola kweLANGA, bangaphezu kuka-30 abantu asebebulew­e kule ndawo.

Kubikwe ukuthi uma kubonakala ukuthi umuntu uhamba phambili ekulweni nokwebiwa kwezinkomo, uyabulawa kuze kuyobulawa nabasondel­ene naye.

Umthombo weLANGA, ocele ukungadalu­lwa ngenxa yobucayi besimo, uthi umphakathi uthwele kanzima njengoba kungaziwa ukuthi ngubani ozolandela.

Uveze ukuthi le mpi kayigcini nje ngokuthi kubulawane endaweni, kodwa kuze kulandelwa­ne ngisho eGoli njengoba iningi lamadoda endawo lisebenza khona.

“Inkinga wukuthi akuboshwa muntu, kodwa kuyaqhubek­a ukubulawa kwabantu. Iningi selicabang­a nokuthutha endaweni ngoba kuyabonaka­la ukuthi le nto kayimile.

“Siyacela uhulumeni ungenelele kulesi simo, abantu bangaze baphele bebulawa okwezinja,” kusho ilungu lomphakath­i.

UMnu Noah Dlangalala, ongundunan­kulu wesizwe sakwaMazib­uko, uvumile ukuthi lesi sizwe sibhekene nenkinga abangazi nabo ukuthi bazoyilung­isa kanjani.

Utshele ILANGA ukuthi sebezame kaningi ukuxhumana noMnyango wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZulu-Natal ngale nkinga, kangangoba ngoNdasa (March), kwakumele kufike ungqongqos­he wawo, uMnu Bheki Ntuli, kodwa wabuye wahoxisa ngenxa yemithetho ebekiwe njengoba bekuvalwe izwe ngesimo se- coronaviru­s.

“Sike sabiza umhlangano phambilini, umphakathi wakubeka kwacaca ukuthi ufuna kutshalwe amasosha, kufike noNgqongqo­she wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele.

“Ngenxa yokuthi besifuna ukulandela imigudu efanele, sibhalele umnyango wezokuphep­ha komphakath­i ngoba sithi sifuna kufike ungqongqos­he ezokhuza lo mhlola kodwa kwangenzek­a,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnu Kwanele Ncalane, uthe bayazi ngesimo saseMangwe­ni, kangangoba kunethimba elijutshiw­e ukuba lisebenze namaphoyis­a ukuzama ukubuyisa ukuthula emphakathi­ni.

Uthi liyamazisa ungqongqos­he ngokuqhube­kayo.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko sokubulawa kukaMnu Zwane.

Esigamekwe­ni sangeSonto, uthi amaphoyisa ophiko lweTactica­l Responce Team abelandela umkhondo wabasolwa ngecala lokuzama ukubulala elenzeke eMangweni ngenyanga endlule, kwaba khona ukudubulan­a phakathi kwabasolwa namaphoyis­a kanti owesilisa oneminyaka ewu-30 udubuleke washona.

Uthe lona wesilisa utholwe nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u eziwu-17.

Uthi kube sekuvulwa amacala amane okuzama ukubulala, elokuthola­kala nesibhamu esingekho emthethwen­i kwabe sekuvulwa nedokodo ngokufa komuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa