BABULAWISWA OKWEZILWANE ABANTU EMANGWENI
SIMANZONZO isimo eMangweni, eMtshezi, njengoba zilokhu ziqhubeke njalo izigameko zokubulawa kwabantu kuleya ndawo engaphansi kobukhosi bakwaMazibuko, okusolwa ukuthi kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo.
Esigamekweni sakamuva, ngoMgqibelo kudutshulwe kwabulawa uMnu Sfiso Zwane esigodini saseNyezane okuthiwa uvukelwe ngabantu bamdubula eya kwamfowabo lapho bekushone khona ilungu lomndeni, okuthiwa lidutshulwe labulawa eThekwini.
Kuthe abantu besathuswe wukubulawa kukaMnu Zwane, ngeSonto kwadutshulwa kwabulawa uMnu Mthokosizi “Mdodovu” Mazibuko waseMnyangweni, khona eMangweni kanti nakhona lapho kusolwa ukuthi kuhlobene nokubulawa kwabantu okuqhubekayo kuleya ndawo.
Kwenzeka lokhu nje, ngoNdasa (March), ILANGA labika kabanzi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe amakhehla amabili, okungoMnu Ngibe Mazibuko (70) nomngani wakhe, uMnu Mayidongo Mazibuko (71).
Kubikwa ukuthi kuphinde kwabulawa uMnu Dumisani Zwane owadutshulwa ekwakhe, kwahlaselwa uMnu Robert Mazibuko, owadutshulwa ehamba ngemoto.
Ngokuthola kweLANGA, bangaphezu kuka-30 abantu asebebulewe kule ndawo.
Kubikwe ukuthi uma kubonakala ukuthi umuntu uhamba phambili ekulweni nokwebiwa kwezinkomo, uyabulawa kuze kuyobulawa nabasondelene naye.
Umthombo weLANGA, ocele ukungadalulwa ngenxa yobucayi besimo, uthi umphakathi uthwele kanzima njengoba kungaziwa ukuthi ngubani ozolandela.
Uveze ukuthi le mpi kayigcini nje ngokuthi kubulawane endaweni, kodwa kuze kulandelwane ngisho eGoli njengoba iningi lamadoda endawo lisebenza khona.
“Inkinga wukuthi akuboshwa muntu, kodwa kuyaqhubeka ukubulawa kwabantu. Iningi selicabanga nokuthutha endaweni ngoba kuyabonakala ukuthi le nto kayimile.
“Siyacela uhulumeni ungenelele kulesi simo, abantu bangaze baphele bebulawa okwezinja,” kusho ilungu lomphakathi.
UMnu Noah Dlangalala, ongundunankulu wesizwe sakwaMazibuko, uvumile ukuthi lesi sizwe sibhekene nenkinga abangazi nabo ukuthi bazoyilungisa kanjani.
Utshele ILANGA ukuthi sebezame kaningi ukuxhumana noMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal ngale nkinga, kangangoba ngoNdasa (March), kwakumele kufike ungqongqoshe wawo, uMnu Bheki Ntuli, kodwa wabuye wahoxisa ngenxa yemithetho ebekiwe njengoba bekuvalwe izwe ngesimo se- coronavirus.
“Sike sabiza umhlangano phambilini, umphakathi wakubeka kwacaca ukuthi ufuna kutshalwe amasosha, kufike noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele.
“Ngenxa yokuthi besifuna ukulandela imigudu efanele, sibhalele umnyango wezokuphepha komphakathi ngoba sithi sifuna kufike ungqongqoshe ezokhuza lo mhlola kodwa kwangenzeka,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi KwaZuluNatal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe bayazi ngesimo saseMangweni, kangangoba kunethimba elijutshiwe ukuba lisebenze namaphoyisa ukuzama ukubuyisa ukuthula emphakathini.
Uthi liyamazisa ungqongqoshe ngokuqhubekayo.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kukaMnu Zwane.
Esigamekweni sangeSonto, uthi amaphoyisa ophiko lweTactical Responce Team abelandela umkhondo wabasolwa ngecala lokuzama ukubulala elenzeke eMangweni ngenyanga endlule, kwaba khona ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa kanti owesilisa oneminyaka ewu-30 udubuleke washona.
Uthe lona wesilisa utholwe nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu eziwu-17.
Uthi kube sekuvulwa amacala amane okuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kwabe sekuvulwa nedokodo ngokufa komuntu.