UZANEFA UHLANZE KONKE ENGOMENI NGEMFEZEMNYAMA
UHLANZE konke ngokudungeka kobungani phakathi kwakhe nozakwabo emculweni kamaskandi umculi obesekuphele iminyaka emibili enyamalele, njengoba ebuye ngengoma esematheni.
UZanefa Ngidi waKwaMaphumulo ( osesithombeni), ushiye angalazi kuzakwabo, uPhumlani “Mfezemnyama” Khumalo, emgudla engomeni yakhe emsola ngobunyoka.
UZanefa ukhiphe izingoma ezintathu kodwa edla ebhedu ngethi “Inyoka Yami” okuyiyona le agudla kuyona iMfezi. Kuzokhumbuleka ukuthi laba baculi babeneqembu elibizwa ngoNdabuzekwayo Bangempela kanti kusukela ngo2010 bebepikana emculweni wabo. Engxoxweni kaZanefa neLA
NGA, uthe okwenze baphambana neMfezi wukuthi ubesetholile ukuthi ihlala ngegama lakhe kubahleli bemicimbi.
“Kuqale kwafika amagidangoma akhe efuna umsebenzi kimi, ngawatshela ukuthi ngeke kulunge ngoba lokho kuyobe kuchaza ukuthi ngenza ubunyoka kwazise siyezwana nale nsizwa (Mfezi). Angibuza ukuthi ngikusho kanjani lokho ngoba naye uyahlala ngami kwezinye izindawo.
“Kuhambe isikhathi ngakubona lokho ngoba besengithola ukuthi abanye abahleli bemicimbi ubatshela ukuthi mina ngibiza imali enkulu noma athi ngiluhlaza,” kusho uZanefa.
Uthi ngale ngoma yakhe ubenzela ukuthi abathandi bomculo kamasikandi bangabe besalokhu bebuza iMfezi kuyena nokuthi i-albhamu yabo yenhlanganisela izophuma nini ngoba kabasahoshelani. Uveze ukuthi ukunyamalala kwakhe kwezomculo kudalwe wukuthi ubesafuna ukuyobheka isitayela esisha ukuze akwenzayo kwehluke kancane emculweni kaBhekumuzi Luthuli (ongasekho). Uthi i-albhamu egcwele izophuma sekudlule ukuvalwa kwezwe, kodwa okwamanje izingoma ezintathu ziyathengisa online. IMfezemnyama ithe yona ekwaziyo wukuthi nguyena uZanefa obeshela amagidangoma ayo. “Lona uzifunela ukuvuka ngami, ubulawa yindlala, kayikho le nto ayishoyo, futhi-ke akangithusi ngoba kayikho into entsha eza nayo ewushuni wakhe,” kusho iMfezi.