Ilanga

UZANEFA UHLANZE KONKE ENGOMENI NGEMFEZEMN­YAMA

- MTHOBISI SITHOLE

UHLANZE konke ngokudunge­ka kobungani phakathi kwakhe nozakwabo emculweni kamaskandi umculi obesekuphe­le iminyaka emibili enyamalele, njengoba ebuye ngengoma esematheni.

UZanefa Ngidi waKwaMaphu­mulo ( osesithomb­eni), ushiye angalazi kuzakwabo, uPhumlani “Mfezemnyam­a” Khumalo, emgudla engomeni yakhe emsola ngobunyoka.

UZanefa ukhiphe izingoma ezintathu kodwa edla ebhedu ngethi “Inyoka Yami” okuyiyona le agudla kuyona iMfezi. Kuzokhumbu­leka ukuthi laba baculi babeneqemb­u elibizwa ngoNdabuze­kwayo Bangempela kanti kusukela ngo2010 bebepikana emculweni wabo. Engxoxweni kaZanefa neLA

NGA, uthe okwenze baphambana neMfezi wukuthi ubesetholi­le ukuthi ihlala ngegama lakhe kubahleli bemicimbi.

“Kuqale kwafika amagidango­ma akhe efuna umsebenzi kimi, ngawatshel­a ukuthi ngeke kulunge ngoba lokho kuyobe kuchaza ukuthi ngenza ubunyoka kwazise siyezwana nale nsizwa (Mfezi). Angibuza ukuthi ngikusho kanjani lokho ngoba naye uyahlala ngami kwezinye izindawo.

“Kuhambe isikhathi ngakubona lokho ngoba besengitho­la ukuthi abanye abahleli bemicimbi ubatshela ukuthi mina ngibiza imali enkulu noma athi ngiluhlaza,” kusho uZanefa.

Uthi ngale ngoma yakhe ubenzela ukuthi abathandi bomculo kamasikand­i bangabe besalokhu bebuza iMfezi kuyena nokuthi i-albhamu yabo yenhlangan­isela izophuma nini ngoba kabasahosh­elani. Uveze ukuthi ukunyamala­la kwakhe kwezomculo kudalwe wukuthi ubesafuna ukuyobheka isitayela esisha ukuze akwenzayo kwehluke kancane emculweni kaBhekumuz­i Luthuli (ongasekho). Uthi i-albhamu egcwele izophuma sekudlule ukuvalwa kwezwe, kodwa okwamanje izingoma ezintathu ziyathengi­sa online. IMfezemnya­ma ithe yona ekwaziyo wukuthi nguyena uZanefa obeshela amagidango­ma ayo. “Lona uzifunela ukuvuka ngami, ubulawa yindlala, kayikho le nto ayishoyo, futhi-ke akangithus­i ngoba kayikho into entsha eza nayo ewushuni wakhe,” kusho iMfezi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa