Ilanga

UMFUNDISI UBULAWE "EHAMBA NENTOMBI"

- ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UBEHAMBA nowesifaza­ne emishini umfundisi wamaSheshi oThongathi othelwe ngentululw­ane yezinhlamv­u wafa ngoMsombul­uko ebusuku, kungakaphe­li ngisho inyanga ILANGA lilobe ngokushona kwenkosika­zi yakhe okwavela ukuthi izibulele ngoba isikhathel­e ngumyeni wayo “oyisoka lamanyala”.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi uMfu Sandiso Sithole (41) - okusanda kufihlwa umkakhe uNkk Nomthandaz­o Sithole (40) - ubulawa nje, ubehamba ngemoto nalona wesifazane okuthiwa ngowakhona endaweni, beyongena emishini ngesikhath­i behlaselwa yizelelesi.

ILANGA linalo igama lalona wesifazane okuthiwa nguyena onekele amaphoyisa ngakho konke okwenzekil­e.

Kuthiwa uzichaze njengentom­bi kaMfu Sithole esitatimen­deni asibhale emaphoyise­ni.

Leli phephandab­a lithole ukuthi nakuba lona wesifazane usindile, yingoba kuthe uma kuduma izulu lezandla, lilelesa umfundisi obevula isango lasemishin­i ngaleso sikhathi, yena wacasha ngezihlalo zemoto abehleli kuyona.

Lishone elangoLwes­ibili isithombe salo wesifazane, osolwa ngokuba yintombi yomfundisi, sisabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abantu bemchapha ngenhlamba, bemsola ngokuba nesandla ekushoneni kukaNkk Sithole.

Kuthiwa ngesikhath­i kungcwatsh­wa uNkk Sithole, wayekhona nalo wesifazane.

Umfundisi ubulawa nje, umndeni wenkosikaz­i yakhe ubusuqashe abaphenyi abazimele ngokubulaw­a kwayo, kwazise kuthiwa ubungakhol­wa ukuthi yazibulala.

ILANGA labika kabanzi ngokuthola­kala kwesidumbu sikaNkk Sithole owayenguth­isha, sisemotwen­i yebandla ebihamba umfundisi.

Labika ukuthi isidumbu satholwa kukhona neBhayibhe­li eceleni kwaso neheheba lencwadi okukholaka­la ukuthi yabhalwa nguyena ngaphambi kokuba azibulale.

Kule ncwadi wayesola umyeni wakhe ngokungazi­phathi kahle emshadweni wabo, emsola ngokushint­shanisa abesifazan­e, abanye babo abakhona kulona leli bandla.

ILANGA lithole ukuthi ngemuva kosuku olulodwa uNkk Sithole wangcwatsh­wa emakhaya eMelmoth, umfundisi wabuyela emishini.

Amalungu ebandla akhulume neLANGA ngombandel­a wokuba kugodlwe amagama awo, kwazise lolu daba lubucayi, ancome uMfu Sithole athi ubenesiphi­wo esiyisiman­ga sokushumay­ela.

Athi ubukhohlwa zonke izinsizi obhekene nazo uma eseme epulpiti, kanti imisebenzi yakhe nabesifaza­ne ibingafani naye.

UMfu Ndabezinhl­e Sibiya, oyiDean yeDiocese of Natal kuleli bandla, ukhiphe isitatimen­de eqinisekis­a izindaba zokubulawa kukaMfu Sithole.

Unxuse abazalwane ukuba babeke umndeni wakwaSitho­le emkhulekwe­ni kulesi simo obhekene naso, wathi bazokwazis­wa ngezinhlel­o zamalungis­elelo omngcwabo wakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? UMFU Sandiso Sithole webandla lamaSheshi oThongathi, odutshulwe wabulawa ngababulal­i abangaziwa esemishini.
UMFU Sandiso Sithole webandla lamaSheshi oThongathi, odutshulwe wabulawa ngababulal­i abangaziwa esemishini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa