Ilanga

KUTUSWA OWESILISA OFE NEZINSWELA­BOYA EBEZIMDUNA IMOTO

- PHUMLANI GAMA www.ilanganews.co.za

WETHULELWE isigqoko njengeqhaw­e owesilisa waseManguz­i ophangalal­e emuva kokubhekan­a ngqo ngenhlamvu nezinswela­boya ebezihlome ngezibhamu obekhukhon­a kuzona ne-AK47, zimduna imoto ngoMgqibel­o kule ndawo eyisizinda sokuwelisw­a kwezimoto ezebiwe ziyiswe eMozambiqu­e.

Izigebengu ezimbili kwezintath­u zisale enkundleni kulokhu kudubulana. UMnu Doctor Tembe (30), waseThenga­ni, eManguzi, kuthiwa ubehamba ngeBMW 3 Series yakhe nowesifaza­ne othile, ngesikhath­i bevukelwa ngamadoda amathathu abakhomba ngezibhamu, amyalela ukuba aphumele ngaphandle.

Kubikwa ukuthi udonse isibhamu sakhe wangabe esabuza mkhuhlane, wavulela ngenhlamvu ebhekise kubasolwa nabo abangalind­anga ibhadi, badubula.

Umthombo weLANGA uthi uMnu Tembe ushonele egcekeni lomuzi abesebalek­ele kuwona eyocela usizo kanti omunye umsolwa ubanjwe ngeSonto ehobe ehlathini, amathumbu evele ngaphandle ngenxa yokudutshu­lwa.

“Kudala sikhala ngenkinga yokwebiwa kwezimoto lapha endaweni yethu, umfana wakwaTembe simfanisa neqhawe ngoba usize abaningi,” kusho umthombo.

Iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a esiteshini saseManguz­i, liveze ukuthi abafi bebevele befunelwa olunye uxhaxha lwamacala okuntshont­sha izimoto nokubamba inkunzi.

“Sithole ukuthi yibo laba bantu esihlala sibafuna, omunye wabashonil­e unecala lokuntshon­tsha imoto alenza eThekwini. Lona omunye usanda kuntshonts­ha imoto engazi ukuthi inamakhame­ra, ngikhuluma nje sinezithom­be zakhe ebaleka nayo leyo moto yomlungu. Lona omunye simthole amathumbu evele ngaphandle,” kusho leli phoyisa.

UNkz Hlengiwe Tembe ongudadewa­bo kaMnu Tembe, utshele ILANGA ukuthi umfowabo ubesemakha­ya evakashile njengoba ehlala eThekwini ngokwetoho lakhe lokuba unogada.

“Sizwe sesithintw­a ngabantu befonela ubhuti omdala bethi makaphuthu­me emgwaqweni. Sifike umfowethu eseshonile, kodwa akashonang­a yedwa ubulele nabanye abantu.

“Sizwile ukuthi abantu ababulele bebezama ukumphuca imoto yakhe. Sigqemeke enkulu ingozi ngokwenzek­ile ngoba ubewusizo lapha ekhaya,” kusho uNkz Tembe.

UMnu Joseph Ngubane ongusihlal­o wekomidi elilwa nobugebeng­u eMkhanyaku­de, uthe ubengakayi­tholi imininingw­ane ephelele ngalolu daba.

“Ngizwile nje kancane kukhulunyw­a ngalesi sigameko. Kubaluleki­le impela ukuthi umuntu azivikele uma ehamba ngemoto yakhe ngoba kayifuni ukuphela le nkinga yokwebiwa kwezimoto zethu nezabantu abasuke beze ngokuvakas­ha kule ndawo yethu,” kusho uMnu Ngubane.

UMnu Juda Mthethwa oyilungu lomphakath­i waseManguz­i elihola uphiko olulwa nobugebeng­u kule ndawo, usishayele ihlombe isenzo sikamufi.

“Sikhathaze­kile ngenkinga yokwebiwa kwezimoto lapha endaweni. Okubuhlung­u wukuthi ezinye zalezi zimoto zebiwa kwezinye izifundazw­e besezizokh­ishwa lapha. Kubaluleki­le ukuthi umuntu ayivikele imoto yakhe njengoba ekwenzile lokho umfo kaTembe,” kusho uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala awu-5 okungeloku­bulala nelokuzama ukubulala, elokufa kwabantu, elokuduna imoto neloluthol­akala nezibhumu ezingekho emthethwen­i.

Wonke la macala aphenywa esiteshini samaphoyis­a aseManguzi. Uthe imbangela yesigameko kube wukuthi kukhonjwe umshayeli ngesibhamu wayalelwa ukuba aphumele ngaphandle, okuthe uma ephuma waqala wadubula.

“Umshayeli wemoto uphume emotweni wadubula esifubeni oyedwa wabasolwa washona. Omunye abenaye ushonele khona endaweni yesigameko.

Umsolwa oneminyaka ewu-29 ubudala utholwe ngamaphoyi­sa ehlathini wathathwa waphuthuny­iswa esibhedlel­a, kuyimanje uqashwe ngamaphoyi­sa. Owesifazan­e obekhona kwenzeka isigameko uyelulama,” kusho uColonel uMbhele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa