Ilanga

BALAXAZE IZIGULI BEFUNA KUHLANZWE ISIBHEDLEL­A

-

BALAXAZE iziguli izolo ngoLwesith­athu bangenela umbhikisho ongekho emthethwen­i abahlengik­azi basesibhed­lela iCatherine Booth, eMatigulu, bekhala ngokungakh­ucululwa kwendawo abasebenze­la kuyo uma kukhona otholwe ene-Coronaviru­s.

Laba bahlengika­zi bathi uma kukhona isiguli noma umhlengika­zi otholwe enaleli gciwane, kuyaqhutsh­ekwa nokusebenz­a sengathi akwenzekan­ga lutho.

Kuthiwa abahlanzay­o batshelwa ukuthi mabahlanze ngesibulal­imagciwane okuthiwa yi- biocide.

Ekhuluma neLANGA omunye wabahlengi­kazi, ocele igama ligodlwe, uthi kabahlolwa akukhathel­eki noma bamthintil­e yini lowo muntu noma cha.

"Kasihlolwa futhi asinikwa isikhathi sokuyogonq­a uma sithintane nosetholak­ale naleli gciwane, siyaqhubek­a nomsebenzi njengenjwa­yelo.

"Usuku nosuku kulesi sibhedlela, iwadi newadi, kunabahlen­gikazi ababili noma abane abatholwa benaleli gciwane.

"Siyeke ukusebenza ngoba sifuna kuhlanzwe uma kunothelel­ekile, hhayi kuyekwe nje, noma ngabe kuhlanzwa sikhona endlini ngoba sesizwile ungqongqos­he ethi ngeke zisavalwa izibhedlel­a uma kukhona onaleli gciwane.

"Uma sishayisa ntambama, sesisaba ngisho ukuya emindenini yethu ngoba sisaba ukuyithele­la ngegciwane.

"Uzakwethu uphume emsebenzin­i engenaluth­o kanti usethelele­kile, wathelela umyeni wakhe ekhaya washona,” kusho yena.

Uthi abaphathi babatshela ukuthi bazoziland­elela izikhalo zabo, mabaqhubek­e nokusebenz­a, okuyinto abaziyo ukuthi ngeke yenzeke.

“Ngikhuluma nje, iwodi labaneCovi­d-19 nelabanesi­fo sofuba esibizwa ngeMDR, lihlukanis­we ngentambo ebomvu ( danger tape), angazi noma babona ukuthi i-Corona izobona i- danger tape bese iyama ingadlulel­i yini kwabaneMDR,” kusho yena.

Imizamo yokuthola uvo loMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal iphunzile, izingcingo zabawukhul­umelayo bezingaban­jwa. lithumele ne- e-mail yangaphend­ulwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa