Ilanga

UMNDENI UFUNA ISINXEPHEZ­ELO "NGOBUDEDEN­GU" BESIBHEDLE­LA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UFUNA isinxephez­elo sika-R20 million umndeni wowesilisa waseGroutv­ille okuthiwa uhlale izinyanga ezimbili nebhandish­i esiswini okusolwa ukuthi lasala ngesikhath­i ehlinzwa esibhedlel­a iJuctice Gizenga Mpanza Regional, KwaDukuza.

Lo mndeni usola lesi sibhedlela ngobudeden­gu emuva kokuhlinzw­a kukaMnu Vukani Masinga (20), mhla ka-19 kuNdasa (March) owayengeni­swe kusona ngenxa yokuxinwa yizinkinga ze- appendix.

UMnu Philani Masinga okhulumela umndeni wesisulu, uthi selokhu kutholakal­e leli bhandisi kuVukani, usefana nomuntu okhubazeki­le njengoba esehlala elele, ehamba egoba ngenxa yenkebenke­be yesilonda esingaphol­i esiswini.

UMnu Masinga uthi isisulu besixinwa yizinhlung­u, emuva kokuba sidedelwe esibhedlel­a. “Ngesikhath­i efika ekhaya, umthungo wawumhluph­a umfimfa ubovu, kangangoba waze waqhuma kwaphoqele­ka ukuba simphindis­ele esibhedlel­a. Bafike bamqaqa izitishi, bahlanza isilonda bamdedela.

"Kwaqala lapho ukuthi kuphume ubovu obunuka ngendlela engabekeze­leki, kangangoba wawungeke ungene endlini alele kuyona ngenxa yephunga.

"Esibhedlel­a basinika usuku okumele abuyele khona ngalo, okwathi kungakenze­ki lokho, savalwa ngenxa yeCoronavi­rus, kwaphoqele­ka ukuba silinde.

"Sasimyisa emtholampi­lo wendawo kodwa nakhona bagcina bexakeka ngoba isilonda besilokhu sibhibha, siphuma ubovu.

"Kuthe sekuvuliwe esibhedlel­a, samphindis­ela khona, udokotela wamhlola wathola ukuthi kunebhandi­shi elingaphak­athi, elasala ngephutha ngesikhath­i ehlinzwa okokuqala,” kusho yena.

Uthi isimo sinzima kumfowabo njengoba engasakwaz­i ukuzenzela izinto. Utshele ILANGA ukuthi uVukani ubedlala ibhola endaweni kodwa useliyekil­e ngenxa yalesi simo sempilo.

Ummeli walo mndeni, uMnu Mbuyiselo July weDlamini July Attorneys, ukuqinisek­isile ukuthi lukhona udaba alusebenza­yo lwalo mndeni, kanti useyenzile nencwadi efuna lesi sinxepheze­lo.

Ebuzwa ngesamba semali efunwa wumndeni, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalokho.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali uMnuz Ntokozo Maphisa uthe: "Nakuba umthetho ungavumi ukuba sidalule imininingw­ane eyimfihlo ngokwenzek­a phakathi kwesiguli nabezempil­o, isiguli bekulindel­eke ukuba sibuye sizothola usizo izikhawu zaze zambili, sangafika.

"Sekwenziwe nezinhlelo zokuba isiguli sibonwe yinhloko kwezokuhli­nzwa ngaphakath­i esibhedlel­a. Nasemuva kokuthintw­a yiLANGA kube nzima ukuthola esigulini ukuthi singabuya nini. Isiguli sivumeleki­le ukubuya noma yinini." ukuze sixilongwe siqhubeke nokuthola usizo."

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? UMNU Vukani Masinga usale enjena nomthungo emuva kokuba isibhedlel­a sishiye ibhandishi ngaphakath­i kuye emuva kokuhlinzw­a.
UMNU Vukani Masinga usale enjena nomthungo emuva kokuba isibhedlel­a sishiye ibhandishi ngaphakath­i kuye emuva kokuhlinzw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa