INHLANGANO YOMASIPALA ISIQHAMUKE NAMAPHUZU ANGAGWEMA UKUBGHUBHUDLWA KWEMALI
LIHLABE lephukela kwi-Institute for Local Government of South Africa (ILGM) ngombiko oshaqisayo womcwaningi-mabhuku, uMnu Kim Makwetu, owethulwe ngeledlule othi omasipala basebenzise budlabha imali efinyelela ku-R32 billion ngonyakamali ka-2018/2019 isuka ku-R25.2 billion.
Lokhu sekwenze le nhlangano yezimenenja zomasipala yaqhamuka namaphuzu ebona ukuthi ingagwenywa ngawo le nkinga egcina iholela ekubeni izinsiza zingafinyeleli emiphakathini.
Esitatimendeni esithunyelelwe ILANGA nguMengameli we-ILGM, uMnu Maxwell Mbili, uthi yize beshaqekile ngokwenyuka kokuxhashazwa kwemali komasipala, kodwa njengabantu abakulo mkhakha kumele inkunzi bayibambe ngezimpondo balwe nalesi sihlava.
Kula maphuzu, ubalule ukuthi omasipala kufanele bayeke ukuthembela kuma- consultant ngoba lokho kwenza kubukeke sengathi izisebenzi zabo kazinalo ulwazi ekubeni nazo zisuke zifunde endaweni eyodwa nalezo eziqashwe yizinkampani zama- consultant.
“Sifisa abaholi bezepolitiki komasipala basebenzisane nezimenenja zomasipala ukugcwalisa izikhala ezibalulekile emazingeni aphezulu.
"Ukuqasha ezikhundleni ezimqoka kulezi zigaba ezilandelayo: Budget and Reporting, Supply Chain Management, Asset Management nakwaPerformance Management and Internal Audit, kungenza isimo sezokuphatha sidale imiphumela engcono.
"Nokho lokho akusho ukuthi omasipala sekumele baqashe izikhulu ezingakulungele ukuba sezikhundleni ezithile.
"Amaqembu aphethe omasipala kumele aqinisekise ukuthi ukugxambukela kwabezombusazwe kuyaqedwa.
"Omasipala bakheka noma babhidlike ekuhlungeni nasekuqasheni. Sikhuthaza amalungu ethu ukuba aqashe izikhulu ezinolwazi olufanele ukuze kufezeke izinhloso zohulumeni basekhaya njengoba kuhlinzekiwe yiSigaba 152 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika,” kusho yena.
Uphinde wagcizelela amazwi awasho ekhuluma naleli phephandaba phambilini, ethi bafisa izikhulu ezibika kwimenenja kamasipala ziqashwe ngokugcwele ngoba bakholwa wukuthi lokho kuzodala uzinzo.
Uthi imvamisa ukungaqashwa ngokugcwele kwalezi zikhulu kudala inkinga lapho umuntu eshintshwa esikhundleni esaphakathi namaprojekthi abewanikiwe, kufakwe omunye ongawazi umsebenzi noma osazoqala phansi abheke ukuthi kwakuqalwephi, futhi kanjani.
“Njengesikhungo sokuphathwa kohulumeni basekhaya, sifisa ukubambisana ne-Auditor-General South African Local Government Association (Salga), noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ekwenzeni ucwaningo ngemithelela eholela emiphumeleni emibi.
"Esikufisayo wukuzinikela kwabezepolitiki nezinhlaka zamaqembu aphethe ukuze omasipala basebenze njengokusho koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika neminye imithetho efanele.
"Lokho kungasiza izimenenja zikwazi ukuqhuba umsebenzi wokuphathwa komasipala ngaphandle kokwesaba noma ngokwenzelela. Siyafisa ukuhlangana nomcwaningi-mabhuku ngalezi zinto ukuze sibeke indlela esiziqonda ngayo izinkinga ohulumeni basekhaya ababhekene nazo, okungamsiza naye uma ecwaninga ngomasipala,” kubeka uMnu Mbili.