Ilanga

Othisha 'bathukwe' unesi

- TSEPO MOLEFE

BAYAVEVA yintukuthe­lo othisha nezisebenz­i zaseBerg Street Primary School, eMgungundl­ovu, ngokuphoxw­a yisisebenz­i sezempilo ebesijutsh­we ukuyobahlo­la i-Coronaviru­s ngoMsombul­uko, okuthiwa sishiye esingalazi kubona.

Kuthiwa sibatshela emehlweni ukuthi bangenwa yizifo ngoba babudedeng­u kunjalo nje, uhulumeni kawunayo imali yezinsiza zokubahlol­a, ngakho mabaye kodokotela abazimele babahlole ngama- medical-aid abo ngoba bayasebenz­a.

Lab’ othisha bathi bazizwa behliswe isithunzi ngokudelel­wa yilo nesi wase-East-Boom Health Centre, khona eMgungundl­ovu - ILANGA elinalo igama lakhe - obehamba nozakwabo kuyohlolwa othisha nezisebenz­i emuva kokuba kutholwe uthisha nomfundi abane-Coronaviru­s.

Omunye wothisha okhulume neLANGA ngombandel­a wokuba igama lakhe ligodlwe, uthi sebelibhal­ele iHhovisi loMnyango wezeMpilo esiFundeni uMgungundl­ovu bekhala ngalokhu.

ILANGA liyibonile le ncwadi ethunyelel­we umnyango ukuze uxhumane nowezemfun­do ilungiswe le ndaba yokweyiswa kwabo. “Kasizikhol­wanga izindlebe zethu sitshelwa ngumhlengi­kazi oqeqeshiwe ukuthi ngeke size sihlolwe, masiye kodokotela ngoba sinama- medical aid.

"Lapha esikoleni sinothisha abevile ku-40 abazimisel­e ngokuhlolw­a njengoba iningi labo lisho ukuthi linezimpaw­u zeCovid-19. Njengoba sekunomfun­di nothisha abavele sebehlabek­ile nje, sonke siyafuna ukuhlolwa kodwa sivinjwe ngabezempi­lo.

"Sinovalo lokuthi hleze nesisondel­ene nabo sibathelel­e ngalokhu kugula ngoba lo thisha okutholaka­le ukuthi une-Corona, besisebenz­isa izinto eziningi naye.

"Lo nesi onqabe ukusihlola, uthe uzohlola abathathu abebesonde­lene kakhulu nalo thisha, thina abanye masiye kodokotela bethu ngoba sihola kahle.

"Usitshele nokuthi sisazobhub­ha yizifo ngoba kasizwa futhi nohulumeni usukhathel­e ngamahlong­andlebe angafuni ukuwulalel­a uma ukhuluma. Ngendlela abekhuluma ngayo, bekungathi imali yokusihlol­a iphuma ephakethen­i lakhe.

"Usitshele ukuthi umuntu ngamunye ubiza u-R1 000 uma ehlolwa,” kusho lo thisha.

Uthi bayazisile isekethe yabo ngalokhu kuphoxwa, kodwa bafuna nezwe lazi ukuthi mngakanani umqansa ababhekene nawo emsebenzin­i wabo.

Uthe kuyaxaka ukungahlol­wa kwabo ngoba ezinye izikole ezisesifun­deni saseMgungu­ndlovu, okutholaka­le ukuthi kukhona asebehlabe­kile, bahlolwe bonke othisha ngaphandle kwemibande­la.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe uhulumeni uyaxolisa ngokwenzek­e kothisha, wathi akekho umuntu onegunya lokukhulum­a kabi komunye umuntu.

“Sizongenel­ela siwumnyang­o, sixhumane nomnyango wezempilo esifundeni saseMgungu­ndlovu ukuze basizakale labo thisha.

"Kasikho isisebenzi esinelunge­lo lokugcwane­kela esinye noma ngabe ngeke sikwazi ukusiza,” kusho uMnu Mahlambi.

Ekhuluma neLANGA, uNkk Noluthando Nkosi okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al, uthembise ukubuyela kuleli phephandab­a uma esezibonil­e izikhalo zalabo thisha ngokuphath­eka kabi kwabo. editor@ilanganews.o.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa