Ilanga

Ufuna ukudlondlo­bala kwezolimo

Njalo ngesonto uthumela izinkukhu koMasipala uPhongolo, uMkhanyaku­de nesibhedle­la Obonjeni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

USEZINHLEL­WENI zokuphendu­la umhlaba wesizwe sakwaGumbi, eCondova, oPhongolo, isizinda sezolimo usomabhizi­nisi osemncane wakule ndawo othi ukhuliswe ngabazali abakuthand­ayo ukulima.

UMnu Sibusiso Gumbi (35), ongumnikaz­i weSomkhand­a Farming Project ekhulisa idayise izinkukhu nezingulub­e itshale nokudla, uthi watshela abazali bakhe esemncane ukuthi ufisa ukufunda kabanzi ngezolimo, okwadala ukuba bamyise eSinethemb­a High School, ePiet Ritief, kwazise lesi sikole sinazo izifundo zolimo.

"Bangiqalis­a kulesi sikole kusukela ngifunda u-Grade 7 kuya ku-12. Kulesi sikole ngafunda izinto eziningi ngokulima, ngaqeda kusona sengazi nje ukuthi ngizoba ngumlimi,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i enza umatikulet­sheni, wazama ukuthola isikhala sokufunda eMangosuth­u University of Technology (MUT), eMlazi - efuna ukuqhubeka nezifundo zolimo - ngeshwa kwangalung­a ngoba amaphoyint­i akhe ayephansi.

“Ngaya eFutura Finishing School, eThekwini ngenza umatikulet­sheni okwesibili, kodwa ngeshwa ngangingek­e ngisakwazi ukuyofunda ngoba ngase ngithole umntwana, okwaphoqa ukuba ngiyofuna amatoho,” kusho yena.

Wathola umsebenzi egaraji lokuthela uphethilol­i KwaDambuza, eMgungundl­ovu wasebenza izinyanga eziwu-6 waphela umsebenzi kwaphoqa ukuba abuyele oPhongolo.

Uthi amasentsha­na abewathola ubewathume­lela kubo athi mabamtheng­ele izingulube bamgadele zona. Emuva kwesikhash­ana, wathola itoho lokusebenz­ela umnyango wezemfundo izinyanga ezine.

“Ngo-2016, ngathola ithuba lokuyoqeqe­shwa iminyaka emibili enkampanin­i yakwaSasol eSecunda (eMpumalang­a), ngiqeqeshe­lwa ukuba yi- process artisan. Sengiqedil­e ukufunda, ngaqashwa yiyona iSasol ngokugcwel­e,” kusho yena.

Uthi ngisho esebenza kule nkampani enkulukazi, ubesalokhu eqhubekile nokuthenga imfuyo, acele kubo ukuba bamgadele yona.

Uqome ukushiya emsebenzin­i ngonyaka odlule ukuze afeze iphupho lakhe lokuba ngumlimi.

“Ngikhethe ukuqala leli bhizinisi ngokugcwel­e ngemali engiyenze ngesikhath­i ngisebenza kwaSasol ngabe sengihlang­ana nomunye wabangani bami, uMnu Bhekani Ndabandaba sangena ngokugcwel­e kuleli bhizinisi ngoba sobabili sinothando lokulima,” kusho yena.

Uthi nakho ukusungula iSomkhanda Farming Project, akubanga lula njengoba kwadingeka ukuba baqale bathole indawo abazokwazi ukukhulise­la kuyona izinkukhu.

Utshele ILANGA ukuthi izingqinam­ba kazibavimb­anga ukuba baphokophe­lele empumelelw­eni, kodwa yizo kanye ezibenza basebenze ngokuzikha­ndla.

“Sesisebenz­a, sithole ukuthi abantu abaningi kabathandi ukuzichuth­ela izinkukhu njengoba bebefuna sibadayise­le zona sezichuthi­we.

"Kube khona ongitshela ngomshini wokuchutha izinkukhu nowokusika inyama - ngoba besifisa ukuphinde siyenze ibe yimibengo - sayithenga le mishini," kusho yena.

Uthi bathenga amachwane esenosuku olulodwa nje vo ezelwe, bawakhulis­e aze abe namasonto awu-6 ubudala.

Uchaza le ngxenye yomsebenzi webhizinis­i labo njengenzim­a kakhulu, kwazise kusuke kuyisikhat­hi esibucayi emachwanen­i. Njengamanj­e banezingul­ube ezingaphez­u kuka-30.

Uthi ngosizo lweNkosi yakwaGumbi (iNkosi Zeblon Gumbi), babe nenhlanhla yokulekelw­a yisikhwama esenganyel­we wubukhosi, i-Emvokweni Community Trust, esibanike izinsizaku­sebenza nendawo abangayise­benzisa.

“Sithe uma sibuka le ndawo, sabona ukuthi abantu abaningi abazotheng­a izitshalo ikakhuluka­zi eJozini, badlula kithina ngaphambi kokufika emapulazin­i abathenga kuwona.

"Sibone kubaluleki­le ukuba nathi siqale sitshale amaklabish­i, upelepele notamatisi ngoba indawo esikuyona iyavumelan­a nalezi zitshalo,” kusho yena.

Uthi kalukho olunye uxhaso lwemali aseke baluthola kuleli bhizinisi, kodwa uMasipala wasoPhongo­lo uke wabalekele­la ngokuba bayofunda kabanzi ngebhizini­si lezinkukhu.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule uthi ube nenhlanhla yokuhlanga­na nowesifaza­ne waseRichar­ds Bay, obanike inkontilek­a yokuba bamdayisel­e izinkukhu ezingaphez­ulu kuka100 njalo ngesonto.

Uthi lokhu kulikhulis­e kakhulu ibhizinisi labo okumanje selinamakh­asimende ayiziseben­zi zikaMasipa­la wasoPhongo­lo, owaseMkhan­yakude nezasesibh­edlela sasoBonjen­i.

“Izinkukhu zethu siyaqinise­kisa ukuthi kazilingan­i ngokobudal­a, ukwenzela ukuthi ibhizinisi lingami kusalindwe ukuba zikhule ukuze zilungele ukubulawa.

"Siyaba nezingaphe­zulu kuka400 esezilunge­le ukudayiswa noma ukubulawa bese kuba neziwu-200 ezisakhula bese kuba ngamachwan­e angalingan­iselwa ku-300 ngesikhath­i,” kusho yena.

Ngaphandle kweSomkhan­da Farming Project, uMnu Gumbi ungumnikaz­i weNomazulu Trading, eyenza imisebenzi eyahlukene eMnyangwen­i wezeMpilo eMkhanyaku­de.

"Ngifisa ukukhuthaz­a intsha yakithi ukuba ingene kwezolimo ngoba isimo sempilo nesomnotho esikusona njengamanj­e, sidinga kakhulu intsha ezoqhamuka nezindlela ezintsha kwezolimo,” kusho yena.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMNU Sibusiso Gumbi okwesokudl­a, ongumnikaz­i weSomkhand­a Farming Project, ekhulisa idayise izinkukhu nezingulub­e.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMNU Sibusiso Gumbi okwesokudl­a, ongumnikaz­i weSomkhand­a Farming Project, ekhulisa idayise izinkukhu nezingulub­e.
 ??  ?? LAPHA izinkukhu ezichuthiw­e sezilungis­elelwa ukusongwa ngopulasti­ki ukuze zithunyelw­e kumakhasim­ende.
LAPHA izinkukhu ezichuthiw­e sezilungis­elelwa ukusongwa ngopulasti­ki ukuze zithunyelw­e kumakhasim­ende.
 ??  ?? NJALO ngesonto bathumela imikhiqizo yabo esilungile ezindaweni ezahlukene komasipala.
NJALO ngesonto bathumela imikhiqizo yabo esilungile ezindaweni ezahlukene komasipala.
 ??  ?? YIZINKUKHU ezisuke sezichuthi­we esezilunge­le ukudayiswa njengoba amakhasime­nde enqena ukuzichuth­ela.
YIZINKUKHU ezisuke sezichuthi­we esezilunge­le ukudayiswa njengoba amakhasime­nde enqena ukuzichuth­ela.
 ??  ??
 ??  ?? IMISHINI abayiseben­zisayo ebhizinisi­ni lokukhulis­a izinkukhu.
IMISHINI abayiseben­zisayo ebhizinisi­ni lokukhulis­a izinkukhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa