Ilanga

Sizimisele ngokwenza umehluko eNquthu

- Mxolisi Manyathi ENQUTHU

MHLELI: Ngingathok­oza ukuthola isiqeshana nje kwelakho elihluba udlubu ekhasini, ngike ngisike elijikayo ngezinhlel­o ezinhle ezizokwenz­iwa yintsha yaseNquthu.

Kuneqembu lakuFacebo­ok elibizwa ngoMgosi waseNquthu, okumanje limatasata­sa nokuhlanga­nisa amasenti ukuze likwazi ukwelula isandla kulowo mndeni noma kuleyo mindeni eyokwazi ukuthi ixoshe ikati eziko okwalolo suku.

Lokhu siqhamuke nakho njengoba sibona izwe lethu libhekene nobunzima ngenxa yeCovid-19, iningi libhuqwabh­uqwa yindlala.

Sibone kukuhle ukuba sihlangani­se imibono yokuthi nathi siwuMgosi waseNquthu silekelele ngokuthile kulesi sikhathi, mhlawumbe noma ngezijumba­ne zokudla emindenini emibili emithathu yaseNquthu.

Nakuba iningi lethu lingaseben­zi, kodwa uthando nentshisek­elo kukhona. Umuntu uyokhipha okuncane anakho. Besingajab­ula nje uma singabona noma osomabhizi­nisi baseNquthu besixhasa kulolu hlelo esinalo.

Lesi sikhathi esibhekene naso sidinga ukubambisa­na kakhulu, singalokhu sigxeka uhulumeni, kodwa nathi siwumphaka­thi kube neqhaza esilibamba­yo emiphakath­ini esiyakhele.

Ake sime kancane ukukhomba uhulumeni ngakho konke ekubeni nathi sihleli sisonge izandla, singalekel­eli ndawo. Uma nje nihlangene, nisho ngazwi linye ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kuningi eningakwen­za nakuba sekwanda lesi sihlava sokuthi amaqembu amaningi koFacebook akhuluma ngemikhuba nangenhlam­ba.

EMgosini waseNquthu ngeke ukuthole lokho, kunabantu asebekhule ngokwanele manje, ongeke ubabone bekhuluma noma ikanjani ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba kungathuna­za isithunzi sabo ngalokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa