Ilanga

Yithina esizoxazul­ula izinkinga zodlame kuleli

-

EPHEPHANDA­BENI langoMsomb­uluko sishicilel­e udaba olufikisel­a ngezinyemb­ezi kumfundi, mayelana nokubulawa ngesihluku kwamalungu omndeni wakwaHadeb­e eminyakeni ewu-20 eyedlule nokwehlule­ka kwamaphoyi­sa ukwenza umsebenzi wawo wokubopha abenzi bobubi.

Lesi sigameko sokubulawa kwezinsizw­a ezimbili zakwaHadeb­e senzeka eDube Village, eNanda, eThekwini. Ukukha phezulu nje, okukhalisa umndeni wakoBhunga­ne wukwehlule­ka kwamaphoyi­sa ukubopha izinswelab­oya noma-ke nje, ukunika lo mndeni umbiko ngokuqhube­kayo ngophenyo alwenza ukuzama ukubopha ababulali.

Lo mndeni usola ukuthi imigulukud­u yabe iyingxenye yamaqembu ezigelekeq­e ezazigcwel­eza izakhamizi kule ndawo ngaleyo minyaka.

Isizathu esenze sanquma ukushicile­la lolu daba, wukuthi luveza isimo esibhekene nemindeni eminingi empisholo emakhaya nasemaloki­shini, lapho abantu bakithi bedlala imigulukud­u mihla le, kodwa kungabi bikho okutheni okwenziwa ngabomthet­ho ukubavikel­a.

Sekuyisink­wa semihla ngemihla ukuba imindeni engenacala ingenelwe yizigebeng­u ezihlomile emakhaya ayo ilele, igcwelezwe. Abesifazan­e bayadlweng­ulwa, kanti abanye abantu bayabulawa. Izibalo zakamuva zobugebeng­u ezakhishwa wumnyango wezamaphoy­isa, zikhombisa ukuthi kubulawa ngesihluku abantu abawu-58 njalo ngosuku kuleli.

Okuqeda ithemba wukuthi isibalo esiphezulu sobugebeng­u sesibekhon­a iminyaka eminingi, kodwa kawubonaka­li umehluko naphezu kokuqashwa kwamaphoyi­sa amaningi, nezethembi­so zongqongqo­she zokuthi ubugebengu buzonqotsh­wa.

Kunabathil­e eNingizimu Afrika abanombono wokuthi ubugebengu budalwa wukuthi baningi abantu abangasebe­nzi, yingakho begcina benza ubugebengu ukuzama ukuziphili­sa.

Okudidayo ngalo mbono wukuthi ubugebengu kuleli bujwayele ukuhambisa­na nodlame olunyantis­a igazi. Umbuzo ovelayo uthi, kungani pho izinswelab­oya zisebenzis­a udlame uma kuwukuthi zisuke zizifunela kuphela okokuziphi­lisa.

Okunye okuxakayo wukuthi uma uqhathanis­a namanye amazwe ase-Afrika, abantu bakuleli kabahluphe­ki kangako. Abantu ababalelwa ku-18 million bathola imali yezibonele­lo eqhamuka kuhulumeni njalo ngenyanga, ebasiza ukuxosha ikati eziko.

Emazweni amaningi ase-Afrika kazikho lezi zibonelelo; izakhamizi zakhona ziyafa yindlala, yingakho izinkulung­wane zifudukela eNingizimu Afrika ukuzozama impilo engcono. Naphezu kosizi omakhelwan­e bethu ababhekene nalo, la mazwe awanabo ubugebengu obunodlame njengezwe lethu. Kufanele sizibuze ukuthi kwenziwa yini lokhu.

Kuyaxaka ukuthi esimeni lapho thina singconywa­na ngokwempil­o kunamazwe amaningi, sizithola sisenkinge­ni yokuba nezinga eliphezulu lobugebeng­u obunodlame. Ukuqeda lolu dlame kulele kithina uqobo, okusho ukuthi yithina futhi esiyozixaz­ululela inkinga yethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa