Kawuthembisi umqulu wokufula umnotho
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu - oholwa nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ongungqongqoshe - uhlongoza icebo lokufukula ezomnotho ngaphansi komasipala. Ohulumeni basekhaya bathwele kanzima, kanti kulindeleke ukuba isimo sabo semali siye ngokuba nzima ikakhulukazi njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nenkiyankiya ngenxa yeCovid-19.
Lo mnyango kawukalikhiphi ngokusemthethweni leli cebo kodwa lipotshozwe yiqembu eliphikisayo, iDA. Nokho okuningi okuhlongozwa yilo mqulu kuliphupho nje okungabonakali ukuthi liyofezeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi omasipala - ikakhulukazi laba basemadolobheni amakhulu - bathola imali eningi ngokudayisela izakhamizi ugesi namanzi bese bezikhokhisa izindleko zokuthuthwa kwezibi nendle.
Bathola ingxenye encane kwisabelomali esiphuma kuhulumeni kazwelonke ngoba banelungelo lokuziqoqela imali kwizakhamizi. Kuzophawuleka nokho ukuthi omasipala basezindaweni zasemakhaya nabasemadolobheni amancane kabanawo amandla okuqoqa imali njengabasemadolobheni amakhulu, bancike kakhulu emalini abayisikelwa wuhulumeni kazwelonke.
Isimo somnotho ebesikhungethe leli ngaphambi kokufika kweCoronavirus, sibeke isimo semali yomasipala abaningi endaweni ebucayi, abanye besebeneminyaka bengakwazi ukukhokhela i-Eskom.
Ukuvalwa kwengxenye enkulu yomnotho izinyanga ezimbili ukuze kuliwe neCoronavirus, kubeke omasipala abaningi engcupheni.
Lokhu kudalwe wukuthi iningi lezakhamizi belihleli emakhaya lingasebenzi, ibingekho imali enele yokukhokhela zonke izidingo zempilo.
Omasipala sebephoqelekile ukuthi - phezu kwesimo sabo semali ebesivele sintenga - belule isandla ukusiza izakhamizi ezingenawo amandla okukhokhela ugesi namanzi.
Isimo kulindeleke ukuba siqhubeke sibe nzima njengoba kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi ezinye izakhamizi zizithole sezihluleka ukukhokhela omasipala.
Eziningi izisebenzi ezizolahlekelwa yimisebenzi zizothola imali yesinxephezelo noma leyo ephuma kwi-Unemployment Insurance Fund (UIF), okungazibeka esimeni sokukhokhela omasipala izinyangana ezimbalwa.
Uma kungekho zinguquko esimeni somnotho ezizodala amathuba emisebenzi ngokushesha, lezi zakhamizi ngeke zikwazi ukumelana nalezi zindleko.
Yingakho-ke uhulumeni uhlongoza imizamo yokufukula umnotho ngaphansi komasipala nosizo olungase lunikwe izakhamizi.
Lo mqulu oyicebo lomnyango uthi ukufukulwa komnotho kumele kubekwe ngaphansi kwesandla esisodwa ukuze kube yimpumelelo.
Uhlongoza isigungu esifana nesikahulumeni kazwelonke (National Command Council) esicubungula sikhiphe izinqumo ngamasu okulwa neCoronavirus. Uthi kumele kusetshenziswe uhlelo lapho izinqumo ngokufanele kwenziwe zizohamba ngezifunda - okusho ukuthi izinqumo zizohlanganisa omasipala ngaphansi kwezifunda.
Lo mbiko ukubeka obala ukuthi kayikho imali okubhekeke ukuba iphume kuhulumeni kazwelonke, kanti kayikho futhi ezobolekwa ezimakethe zemali.
Uthi imali yaleli cebo kumele itholakale emxhasweni ovela kosozimboni nezinhlangano zomhlaba ezinikelayo. Kukodwa nje lokhu, kuyinkanankana kwazise izinkampani eziningi zivele zithwele kanzima, akwaziwa ukuthi ziyobe zisekhona yini kusasa.
Yingakho uhulumeni unezinhlelo ezimbalwa eziqonde ukusiza izinkampani ukuthi zimelane nesimo esibucayi esidalwe wukuvalwa kwengxenye enkulu yomnotho izinyanga ezimbili.
Kubonakala kuzoba yinkinga ukuphumelelisa ezinye zezinhlelo ezihlongozwa yilo mqulu, ikakhulukazi ukuze zikhiphe imiphumela ezibekelwe yona.
Ake silinganise nje; esinye seziphakamiso ngesokuthi uhulumeni mawuthenge izimpahla ozidingayo kosomabhizinisi abasafufusa abazinze lapho kuhlala khona abomdabu.
Ukwesekwa kosomabhizinisi bomdabu abasafufusayo kuyinto encomekayo, kodwa akuyona into engenzeka kalula, ikakhulukazi ngesivinini lesi esihlongozwa yilo mqulu womnyango.
Lo mqulu uphinde uhlongoze ukuthi uhulumeni mawuthathe izinkontileka lapho obuthenga khona inqwaba yezimpahla ozidingayo, uzinike osomabhizinisi bomdabu abasafufusayo.
Okokuqala nje, lesi sinyathelo siyosho ukuthi izimboni lapho uhulumeni obuthenga khona lezi zimpahla kuyomele zidilize ingxenye yezisebenzi noma zivalwe.
Okwesibili - njengoba ubeka lo mqulu - kuyodinga uhulumeni uxhumanise bonke osomabhizinisi bomdabu abafufusayo ukuze bahambise izimpahla kuwo beyimbumba njengoba kwenza osozimboni abakhulu.
Ngeke kubelula lokho ngenxa yokuthi sekuneminyaka uhulumeni kazwelonke, abezifundazwe nomasipala bememezela imizamo yokusiza osomabhizinisi abasafufusa kodwa ingabonakali imiphumela etheni.
Lo hulumeni uzoyithathaphi imilingo yokuphumelelisa lolu hlelo oluhlongozwayo? Okunye, lo mqulu uthi kunemithetho eminingi kahulumeni, - ikakhulukazi ephathelene nokuphathwa kwemali - eba yingqinamba komasipala uma bezama ukufeza izidingo zemiphakathi.
Ake sivume ukuthi kunjalo; ukushintshwa kwemithetho nokho kuyinto ethatha isikhathi. Kuqala ngesiphakamiso esenziwa wumnyango osingethe umthetho okuhlongozwa ukuthi ushintshwe, izikhulu zawo (umnyango) kumele zicubungule ukuthi yini inkinga ngomthetho, zivumelane ngokumele kushintshwe.
Konke lokhu kumele kwethulwe kungqongqoshe walowo mnyango. Uma umthetho lowo uthinta ukusebenza kweminye iminyango kahulumeni, kumele kuboniswane nayo.
Kusuka lapho, kumele ushintsho oluhlongozwayo lwethulwe phambi kwekomiti lekhabhinethi. Uma livuma leli komiti, ushintsho lolo lwethulwa phambi kwekhabhinethi.
Emuva kwekhabhinethi, ushintsho lwethulwa phambi kwepha lamende okuyilona elicubungulayo lisebenzisa izimvo zomphakathi nabo bonke abathintekayo.
Uma iphalamende selivumelene, umthetho ubekwa phambi kukamengameli wezwe ofike naye awucubungule ngaphambi kokuba asayine ukuthi usungangena emabhukwini emithetho yezwe. Konke lokhu kuthatha iminyaka.
Akubonakali-ke ukuthi kukhona ubungcono obungaphuma kulo mqulu okuthiwa ngowoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu.