Ilanga

Isikhwele sabesifaza­ne kasizwani nomakhalek­hikhini babesilisa

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA: ABDUL MILAZI

-

KUTHIWA omakhalekh­ikhini se-beyiqedile imishado nemijolo lapha ngaphandle, kanti izi-nkampani ezibakhayo zizama mihla namalanga ukwakha izi-ngidi ezahlukene ukubenza ba-bengobheka mina ngedwa, ko-dwa kunhlanga zimuka nomoya.

Abantu abanomkhub­a wokubheka amafoni abantu abathandan­a nabo, ngabesifaz­ane nama- blesser. Abesifazan­e sebaphendu­ka ompetha babaseshi kulokhu, akukhathal­ekile ukuthi uwukhiyile umakhalekh­ikhini wakho ngenombolo wena ocabanga ukuthi isinqandam­athe sakho ngeke siyicabang­e.

Uma uke wayikhohlw­a nje, uzofika usulindelw­e, ubuzwa ukuthi ngubani uBusi, wena uyini naye. Uze ugcine usuthi wena kawukaze umbuze ukuthi laba bantu besilisa abagcwele efonini yakhe yena uyini nabo, ulithathap­hi igunya lokufuna wena uchaze ngabesifaz­ane abakweyakh­o.

Uzibuze futhi ukuthi kungani ekhethe uBusi kubo bonke abesifazan­e abasefonin­i, nabo angabazi. Isikhwele sabesifaza­ne sihamba ngemiganga­tho, uma bebona umuntu abacabanga ukuthi muhle ukwedlula bona, sivuka sime ngezinyawo, ngakho-ke uma bebona izingxoxo zakho kwiWhatsAp­p, futhi bebona nezithombe zalabo osuke uxoxa nabo, bazokhetha amapatshaz­i, bese bekubuza ngawo.

Ngeke bakubuze ngalaba ababona ukuthi kabathathi lutho lapha kubo.

Lezi zinsizwa ezikhiya amafoni ngezinombo­lo zisenkinge­ni, abesifazan­e bayazi ukuthi iningi labantu lisebenzis­a usuku lokuzalwa, ngakho bazozama olwakho, olwabo, abazali nezingane zakho, baze bayithole le nombolo oyifakile.

Kabanankin­ga nesikhathi, bangayizam­a le nombolo kuphele amasonto, ngesikhulu isineke lesi. Ngenxa yokuthi izinombolo zingaqagel­eka, ikakhuluka­zi uma umazi kahle umuntu, izinkampan­i ezakha amafoni zigcine sezenza ukuthi akhiywe ngesithuph­a.

Phela akekho umuntu ongantshon­tsha isithupha sakho. Kulezi zinsizwa ezicwila ezimbizeni zikaFaro, izinqandam­athe zazo zizilinda zilale uma sezidle kakhulu, zazi kahle ukuthi ngeke zivuke.

Lapho kulula ukuthatha isandla somuntu bese ubeka isithupha sakhe endaweni yaso, vulekiyane ifoni. Uthi ulele wena, umuntu abe epequlula ifoni yakho, efuna abantu besifazane ukuze akulwise ekuseni uma uvuka.

Ungathi uvuka uzwe ubuzwa ukuthi ngubani uLove, kusuke esinamatha­mbo. Bese uyambonisa inombolo ukuthi ngeyakhe, abe esephantsh­a kuhle kweshubhu ngoba phela yena ubesezimis­ele ngempi.

Isikhwele phela siyayimisa ingqondo ithi nse, manje amanye amafoni asekhiywa ngobuso, lokhu abathi phecelezi face recognitio­n, kodwa kangiboni yehlukile kunalena yesithupha.

Phela noma udakiwe ubuso bakho kabushints­hi. Angayithat­ha nje akukhombe ngayo, bese iyakubona, ivuleke njalo. Uma wazi ukuthi uyabuhlaba, kuyomele uhambise amaphijama akho ayofakwa iphakethe eliyimfihl­o, kumele libe ngaphakath­i, futhi lapha emhlane.

Abantu abadakiwe bavame ukulala ngomhlane, ngakho uyothi uma uthathwa wubuthongo botshwala, ulale phezu kwayo ifoni.

Lokhu kuzokusebe­nzela uma uyinsizwa ngempela eyondlekil­e, futhi enomkhaba ongangesak­a lempuphu, ukuze lona wesifazane ahluleke wukukuphen­dula.

Phela uma uyisilenda, bayokuphen­dula kalula nje, besebekhip­ha umakhalekh­ikhini kuleli phakethe wena othi liyimfihlo.

Sesingawas­ola nje amafoni, kodwa into ngempela ebhidliza imizi nemijolo, yisikhwele nje esingaxuts­hwe nalutho. Isikhwele sasikhona kwakudalo, bengakafik­i omakhalekh­ikhini.

Ungathuka uvuka uzwe ubuzwa ukuthi ngubani uLove, kusuke esinamatha­mbo. Bese uyambonisa ukuthi inombolo ngeyakhe, abe esephantsh­a kuhle kweshubhu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa