Baphenduke ondingasithebeni abeKZNA
Kuvalwe izikhungo zabagijimi ezimqoka zale nhlangano kumiswa uSello Mokoena
INGASE ifakwe endalini indlu yabagijimi yeKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eseGlenwood, eThekwini, ethengwe ngemali ecela esigidini samarandi njengoba kuthiwa isiphenduke umhhume wabaphangi.
ILANGA lithole ngomthombo walo ozazi zonke ezeKZNA ukuthi le ndlu kayisawenzi umsebenzi wayo okwenze iTask Team ebambisene noRay Reddy ongumlawuli ozimele weKZNA, basikaza ukuyidayisa.
Kuzokhumbuleka ukuthi le ndlu yathengwa yibhodi eyayiholwa nguSello Mokoena esengumengameli weKZNA. UMokoena wamiswa kule nhlangano nayo yonke ibhodi yakhe, kwase kufakwa uReddy.
Kule ndlu bekuhlala ikakhulukazi abagijimi abebefunda e-University of KwaZulu-Natal. Kuthiwa ngesikhathi kukhishwa ibhodi kaMokoena abafundi ababehlala kule ndlu basala dengwane, okwaholela ekutheni nesikhungo seKZNA esiseNewcastle sifadalale.
“Ngesikhathi kumiswa uMokoena, akekho eKZNA owalandelela ukuqhubeka kwezikhungo zale nhlangano okuholele ekutheni ziwe bhu phansi. Indlu eseGlenwood nayo isale kanjalo yagcina isiyindawo edlalela izigilamkhuba.
Kuthiwa indlu igqekeziwe kwathathwa isiqandisi nokunye, yasala ibhodlokile.
“Laba abeba isiqandisi balahla phansi izinto okuhlanganisa nenyama. I-KZNA ifonelwe ngomakhelwane ukuba bazobheka njengoba bekunephunga eliphuma ngaphakathi. Bebezitshela ukuthi kukhona umuntu ofele phakathi, kwatholakala ukuthi kunenyama elahlwe phansi yilaba ababentshontsha.
“Empeleni sasingekho isidingo sokuba kuthengwe le ndlu kwazise incane, ibisiza ingcosana yabasubathi. Le ndlu yathengwa ngemali ecela esigidini samarandi. Kumanje kuqashwe abantu abayigadayo nabo abakhokhelwa itshe lemali ekubeni isimo semali sibi eKZNA. Izisebenzi zihole imali engaphelele, zize zasizwa yi-UIF kwazise nemijaho kayikho. Amalayisensi abagijimi agcwele ihhovisi, kawadayisekanga. Uma kungadayiswa le ndlu kungasiza kakhulu,” kusho umthombo ongaphakathi kwiKZNA.
Kwenzeka lokhu nje, nesikhungo esiseNewcastle sisale kanjalo ngesikhathi kumiswa ibhodi kaMokoena.
Kuthiwa izingane ebezihlala khona ziphindele emakubo.
Leli phephandaba lithinta uSteve Mkasi weTask Team, uthe:
“Kungamampunge ukuthi sifuna ukudayisa indlu yeKZNA. Sisezinhlelweni zokuyilungisa ukuze siyisebenzise. Isimo sayo sibi kabi. Lokho okushoyo ukuthi iyadayiswa kangikwazi.
“Abagijimi abebehlala khona kangibazi ukuthi baphi, ngafika bengasekho. Kangikwazi ukuphawula kwabezindaba ngezinto ezithinta amaholo ezisebenzi.
"ICovid-19 ihlasele yonke indawo. Isimo sibi.”
Esinye isisebenzi seKZNA sibuzwa yiLANGA mayelana namaholo, sivele saphela yinsini sathi ngeke sikwazi ukuphawula.