Ilanga

SELUSEMOME OLOKUVALWA KWEZICELO ZEMIJAHO YE-KZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

SELUSEMOME usuku lokuvalwa kokufakwa kwezicelo zokusingat­ha imijaho yeKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) yangonyaka ozayo njengoba kuwuLwesih­lanu oluzayo lomhla ka-17 kwephezulu.

Empeleni bekufanele kuvalwe ngomhla ka-30 kuMbasa (April) kodwa isikhathi selulwa ngenxa yeCovid-19. I-KZNA izovala ukufakwa kwezicelo nje, sekusabale­le izindaba zokuthi nayo le nhlangano ishayekile ngenxa yeCovid-19. Kuthiwa izisebenzi zihola imali engaphelel­e.

Ukufaka isicelo somjaho owu10km kubiza u-R1000. Kusuka ku-10km kuya ku-32km wu-R1500 kanti ongaphezul­u kuka-32km wu-R2000. I-KZNA esitatimen­deni esithumele­le abezindaba, ithe iyazi ukuthi isimo esibhekene nomhlaba wonke sibi, kume izinto eziningi emhlabeni. Nokho igcizelele ukuthi kufanele iwaqale amalungise­lelo ezinhlelo zangonyaka ozayo.

Kuthiwa ikilabhu ezokube iqala ukufaka isicelo nonyaka ivunyelwe ukusingath­a ibanga lika-10km kuphela. Abazokwenz­a iFun Run kufanele baqiniseki­se ukuthi umjaho wabo kawunayo imiklomelo yemali.

I-KZNA yamukela izicelo zemijaho yangonyaka ozayo nje, kuzokhumbu­leka ukuthi imijaho yanonyaka igcine ukuba khona maphakathi noNdasa (March) yabe seyiphazan­yiswa yiCovid-19. I-KZNA izohlangan­a ngelizayo ukubhunga ukuthi izokwenzen­jani ngemali ekhokhwe ngamakilab­hu ukuhlela imijaho yanonyaka ebhuntshil­e.

Abafuna ulwazi oluthe thuthu bangaxhuma­na noDees Govender ngokumthum­elela i-email kwidilesi elithi: dees@kznathleti­cs.co.za noma uMary Booysen kwelithi: mary@kznathleti­cs.co.za.

Abadidiyel­i beTotalspo­rts Women’s Race bamemezele ukuthi isikhansel­iwe yonke imijaho yabo eba seThekwini, eGoli naseCape Town minyaka yonke. Le mijaho ibizokuba ngokwahluk­ana kula madolobha ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) okuwusuku lwabantu besifazane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa