Ilanga

UMAGAZI ANGASE APHINDE ASEBENZE NOWAYEMQEQ­ESHA KWI-CHIEFS

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUPUTSHUKA izindaba zokuthi uSiyanda “Magazi” Xulu (28) angase ajoyine umqeqeshi owayemlolo­nga esadlala kwiKaizer Chiefs, uStuart Baxter.

UMagazi usanda kugqabula igoda neMaritzbu­rg United yaseMgungu­ndlovu kanti kuvela izindaba zokuthi angase avumbuke kwi-Odisha FC egijima kwi-Indian Super League. Le kilabhu icijwa nguBaxter osayine inkontilek­a yeminyaka emibili kuyona.

UPaul Mitchell ongumphath­i weSiyavuma Sports Group, emele lo mdlali ebuzwa yiLANGA ngalolu daba lwe-Odisha, uthe uqala ukuluzwa ngaleli phephandab­a. Uthi akakaze axhumane noBaxter ngendaba yalo mdlali.

“Njengoba uXulu esanda kuhlukana neTeam of Choice nje, sizama ngakho konke okusemandl­eni ukumtholel­a umsebenzi ngokushesh­a.

"Yiqiniso ukuthi sibheke ngaphakath­i eNingizimu Afrika kanjalo naphesheya kwezilwand­le kodwa hhayi ukuthi sikhuluma nekilabhu yase-India.

“Phela uSiyanda ungumdlali osezingeni eliphezulu ngakho ngeke kube lukhuni ukumtholel­a umsebenzi nakuba nesifo seCovid-19 sigadle kwezwakala kuwona wonke amazwe. Sinalo ithemba lokuthi konke kuzohlanga­na maduzane,” kusho uMitchell ophethe noKeagan Dolly ogijima eFrance.

UBaxter useke waphumela obala ngokuthi uma eqala umsebenzi kuleliya lizwe uzimisele ngokulanda abadlali abathile bakuleli ukuqinisa ngabo ezakhe. Phambilini uMagazi kuvele ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates kuleli.

IChippa United igcine iqashe uLehlohono­lo Seema (40) ojoyine le kilabhu ngemuva kokuhlukan­a neBloemfon­tein Celtic abeyilolon­ga.

USeema uzwakalise ukuba nesibindi sokuqala lo msebenzi kule kilabhu edume ngokungasi­chithi isikhathi ekufakeni amasondo abalolongi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa