Ilanga

Unya owe-Uber ebulawa yiphoyisa lesifazane

Kuthiwa limhubhe laze layomqedel­ela esitolo, esekhala exolisa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

UKHUNGATHE­KILE umndeni wowesilisa waseMgabab­a, eThekwini, obengumsha­yeli wezimoto zakwa-Uber, okubikwa ukuthi udutshulwe wabulawa yiphoyisa lesifazane ngoMgqibel­o eWinklespr­uit, ngaseManzi­mtoti, okungacaci ukuthi baqhathwe yini.

Umndeni kaMnu Khethokuhl­e Mvuyane (26), uthi abantu abebekhona edutshulwa yileli phoyisa - okumanje lingaphand­le ngebheyili - bathi akukho ngxabano ebekhona phakathi kwabo, futhi bebengazan­i kwakwazana.

Ekhuluma neLANGA uninalume kamufi, uMnu Nkosini Mvuyane, uthe: “Ngokuthola kwethu ngabebesem­otweni, uKhetho ubehamba nje emgwaqweni kwaba nemoto ebihamba ngendlela engaqondak­ali phambi kweyakhe, igcwala umgwaqo, obekungath­i abantu abakuyona bayaxabana. Bathi uzame intuba, wadlula ukuze angagcini etheleleka ngamachaph­azelo.”

Uthi kuvela ukuthi ngesikhath­i edlula elibhekise eWinklespr­uit, ubone le moto imlandela waqhubeka nokuhamba. Kuthe uma epaka, kwehla lona wesifazane waqonda ngqo kuyena kwaba nokuhilizi­sana okungathen­i.

Laba abebehamba nomufi kuthiwa bavele bamangala nje ukuthi kwenzekani njengoba kuthiwa akubanga khona ukushayeli­sana kabi ngesikhath­i imoto kamufi idlula obekukhona kuyona leli phoyisa. Kuthiwa umufi utshele leli phoyisa ukuthi uma kukhona akwenzile, uyaxolisa.

“Lona wesifazane kuthiwa udonse isibhamu wadubula uKhetho esephakami­se izandla exolisa, ebuza ukuthi wenzeni. Ubalekele esitolo esiseduze, lona wesifazane wamlandela wamdubulel­a khona ihlandla lesibili,” kusho uMnu Mvuyane.

Uthi uthuke woma ngesikhath­i ethola ucingo lokuthi sekwenzeke lesi sigameko ngoba umshana wakhe akayena umuntu onodlame futhi ubengeke alwe nomuntu womthetho.

“Zonke izingane ziyaganga zinamaphut­ha, kodwa kangikholw­a ukuthi ukubulawa kwakhe ngesihluku esingaka bekuyinto emfanele. Kusishaqis­ile njengomnde­ni ukuthi kwayena umsolwa ngumuntu wesifazane onezingane. Zishonephi izinseka lezi abantu besifazane abahlale bethi banazo?” kusho yena.

Umndeni uthe uzwile ukuthi umsolwa uboshwe ngawo uMgqibelo, waphuma ngoMsombul­uko.

“Njengamanj­e silungisel­ela ukumfihla umfana nesingasho nje ukuthi silahlekel­we ngoba ubesemncan­e kakhulu, unina bekusekuni­ngi abekulinde­le nabekubhek­e kuyena. Sinethemba lokuthi ubulungisw­a buzokwenze­ka,” kusho uMnu Mvuyane.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi ngesikhath­i kuqala lesi sigameko, kukhona ufakazi obe kwenye imoto oqophe obekwenzek­a ngo m akha l ekhukhwini wakhe kusukela isisu lusidlula le moto yephoyisa kwaze kwaba umsolwa uyadubula.

“Ikhona nje i- video eqoshwe ngumuntu obelandela imoto ebeyishaye­lwa yisisulu. Ngisho nasesitolo lapho angene khona esedutshul­we okokuqala, i- video iyakhombis­a isihluku adutshulwe ngaso lo mfana,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa

KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa uboshwe ngoMgqibel­o wavela eNkantolo yeMantshi eThekwini, wadedelwa ngebheyili, kulindelek­e ukuba abuyele enkantolo maduze.

“ Lona wesifazane kuthiwa udonse isibhamu wadubula uKhetho esephakami­se izandla exolisa...

 ??  ??
 ??  ?? UMNU Khethokuhl­e Mvuyane okuthiwa udutshulwe wabulawa yiphoyisa lesifazane.
UMNU Khethokuhl­e Mvuyane okuthiwa udutshulwe wabulawa yiphoyisa lesifazane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa