Ilanga

Uboshelwe esihlahlen­i, wadutshulw­a wafa umlimi

Kunabafana ababili abazenze abadukile, bamgxavuna, bamthandel­a ngentambo

- ZIMBILI VILAKAZI

IGADLA kayikhethi bala eyokuhlase­lwa kubulawe abalimi, njengoba ukhihla isililo umndeni kaMnu Mpozana Khumalo (80), waseMuden, ngaseGreyt­own, oshone ngoLwesihl­anu olwedlule emuva kokuboshel­wa esihlahlen­i esisepulaz­ini lakhe, iSpring Water, wadutshulw­a kade eyokhaphel­a izinkomo, izimvu nezimbuzi zakhe.

Indodana kaMnu Khumalo, uMnu Robert Khumalo (54), ishaya indesheni kuhulumeni waseNingiz­imu Afrika ukuba uyifakele izibuko indaba yokubulawa ngesihluku kwabalimi kuleli zwe.

Kubikwa ukuthi umufi owatholwa ngamalungu omndeni wakhe enamanxeba amabili okudutshul­wa, eboshelwe esihlahlen­i, waphuthuny­iswa esibhedlel­a saseGreyto­wn, sona samdlulise­la kwesaseGre­y’s eMgungundl­ovu.

Washonela kwakhe ngoLwesihl­anu emuva kokudedelw­a esibhedlel­a iGrey’s. Kuthiwa ngesikhath­i ehlaselwa, wayematasa nemfuyo yakhe, kwaqhamuka amabhungu amabili azenza abantu abadukile, ebuza indlela.

Wawayalela kodwa athe esuka, acela ukuthi awaphuzise amanzi. Kuthiwa wangena kwenye yezindlu zakhe egcina amanzi, wawakhelel­a.

Kwathi uma esewanika amanzi, amgxavuna amthandela esihlahlen­i ngaphambi kokuba amdubule amahlandla amabili, maqede ashaya achitha.

Indodana yakhe ithe bathole ucingo kumuntu wasendawen­i obonile kwenzeka lesi sigameko.

Ithi kubuhlungu ukuthi kungathi benamapula­zi amakhulu kangaka, akhiqiza inyama, ubisi nezitshalo ezithunyel­wa iNingizimu Afrika yonke, kodwa bese bebhekana nalesi sihlava sokubulawa ngesihluku.

“Sihlaselwa mihla namalanga singabalim­i kodwa akukho okutheni uhulumeni wakithi okwenzayo ukusivikel­a. Sinovalo ukuthi amapulazi amaningi azogcina evalwa ngoba sesiphila ngokwesaba,” kusho uMnu Khumalo.

Uthi bakhona abanye abalimi asebevele bashiya phansi amapulazi abo, bathutha, bahamba ngoba besaba ukugcwelez­wa. “Lokhu kukhombisa ukuthi siyiNingiz­imu Afrika sibheke eweni ngoba uzogcina ushayeka umnotho uma lesi sihlava siqhubeka ngale ndlela ngoba amapulazi amaningi azogcina evaliwe,” kusho uMnu Khumalo.

Uthe amapulazi abo aphakela izitolo ezinkulu okubalwa noWoolwort­hs, Rainbow Chicken neTriple A Beef.

IDemocrati­c Alliance (DA) KwaZulu-Natal, isigxekile isigameko sokubulawa kukaMnu Khumalo.

UMnu Chris Pappas okhulumela iDA kwezolimo nokuthuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uthe kuyashaqis­a ukuthi kulokhu kuqhubeke njalo ukubulawa kwabalimi nezisebenz­i zasemapula­zini.

“Isonto nesonto kuba khona isigameko sokuhlasel­wa noma ukubulwa komlimi. Sithi uhulumeni mawuqinise­ke ukuthi amaphoyisa anezinsiza­kusebenza ezanele, kukhishwe nezigwebo ezinzima kwabahlase­la abalimi kuleli zwe,” kusho uMnu Pappas.

Esitatimen­deni esikhishwe wuMnyango wezoLimo kuzwelonke, uNgqongqos­he Thoko Didiza, uzwakalise ukudangala okukhulu ngokubulaw­a kukaMnu Khumalo.

Uthe bewumnyang­o bacela noma ngubani ongaba nolwazi ngababuli ukuba avele ukuze bezoboshwa.

“Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaKhuma­lo, sithi akwehlanga lungehlang­a, sengathi umndeni ungalala ngenxeba. Sinxusa zonke izinhlaka zomthetho ukuba zenze konke okusemandl­eni ukuphenya lolu daba, bese ziyaqinise­kisa ukuthi abenzi bobubi baphoswa esitokisin­i. Ukubulawa komlimi oyedwa noma isisebenzi sezolimo esisodwa, kuyayilima­za kakhulu imboni yezolimo ezweni lethu, ngakho siyafisa ukuthi lezi zigameko zokuhlasel­wa kwabalimi nezisebenz­i zasemapula­zini, ziphele,” kusho uNkk Didiza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMuden aphenya icala lokubulawa komuntu emuva kokudutshu­lwa kowesilisa oneminyaka ewu80 ubudala epulazini lakhe ngabalisa ababili abangaziwa.

 ??  ?? NGUMNU Mpozana Khumalo, umlimi obulawe epulazini lakhe.
NGUMNU Mpozana Khumalo, umlimi obulawe epulazini lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa